Now Reading
Inqubo yomthetho: Incazelo ngesinqumo senkantolo odabeni ngePhalaphala
Dark Light

Inqubo yomthetho: Incazelo ngesinqumo senkantolo odabeni ngePhalaphala

Inkulu imvunge ezinkundleni zokuxhumana emuva kokuchithwa kwecala likaMengameli uCyril Matamela Ramaphosa.

Kubalulekile emacaleni awundabamlonyeni afana naleli likaMengameli ukuthi kwehlukaniswe phakathi kweNkantolo echitha icala emuva kokudingida umthetho kanye nobufakazi obuphambi kwayo, uma isithatha isinqumo sokulichitha.

Nokuchithwa kwecala ngoba iNkantolo isibuke inqubo yomthetho yase yangagculiseka ukuthi inqubo ilandeliwe ngokufanelekile

URamaphosa waletha isicelo sakhe sokubuyekezwa kombiko owawuthathwe yithimba elizimele phambi  kwenkantolo yomthethosisekelo kanti kwakufanele asifake eNkantolo ephakeme.

Kulesicelo uMengameli ubefisa inkantolo yomthethosisekelo ithathe isinqumo sokuthi lombiko awukho emthethweni nanokuthi noma iziphi izinyathelo ezingathathwa iphalamende uma zilandela lombiko nazo zibe ezingekho emthethweni.

Lombiko ufike kwisiphetho sokuthi uMengameli kubukeka engathi wephula umthetho waphinda waphambana nokumelwe umthethosisekelo wezwe.

Ngokomthethosisekelo, iphalamende linelungelo lokususa uMongameli uma enze okuthize okubukeka kuphambene nesifungo sehhovisi lakhe.

Ngokwenqubo yezinkantolo, kuvamise ukuthi inkantolo yomthethosisekelo ilalele amacala nezicelo eziqhamuka ezinkantolo ezingaphansi kwayo njengeNkantolo ephakeme noma Eyokwedlulisela Amacala. Kodwa umthethosisekelo ubalula izicelo namacala angeza phambi kwenkantolo yomthethosisekelo ngaphandle kokuqala kwinkantolo engaphansi.

See Also

Kepha kufanele inkantolo yomthethosisekelo igculiseke ukuthi ngempela iyona yodwa enegunya lokuzwa lesicelo. Uma ingagculisekile, iyalichitha icala, kufanele lelo cala  liyolalelwa iNkantolo ephakeme kuqala.

Ecaleni likaRamaphosa inkantolo yomthethosisekelo ayizange idingide ubufakazi obulethwe nguye futhi ayithathanga isinqumo ngobufakazi obuphambi kwayo, kepha ichithe icala ngesizathu sokuthi uMengameli uhlulekile ukuyitshengisa ukuthi iyona yodwa enegunya lokuzwa lesicelo njengokusho komthethosisekelo.

UMengameli usengalandela inqubo yezinkantolo, adlulisele icala eNkantolo ephakeme ukuze kuzodingidwa ubufakazi.

Scroll To Top