Now Reading
Sivusa usizi lwezikhathi zokhuvethe isiteleka seNehawu ezibhedlela
Dark Light

Sivusa usizi lwezikhathi zokhuvethe isiteleka seNehawu ezibhedlela

Abanye babasebenzi basezibhedlela abaqhubekayo nokusebenza ngaphansi kwezimo ezinzima njengoba kuqhubeka isiteleka samalungu eNational Education, Health and Allied Workers Union (Nehawu) bathi okwenzeka ezibhedlela kubuyise isithombe sangesikhathi izwe lisakhungethwe uKhuvethe iziguli zisele dengwane ezinye zigcine ngokuphangalala. Udokotela wesibhedlela iMeraphong, uthi uzibonele iziguli ziwile embhedeni, zifakwe amadrip seziphelelwe ngamandla. Ukuqinisekisile ukuthi kusuka ngoLwesibili sekukhona iziguli esezishonile ngenxa yokunganakekelwa. UKhuvethe lwashiya kukhalwa eNingizimu Afrika lapho kwakubonakala iziguli zishona zilandelana, abasebenzi nabo besabela impilo yabo.

Nemindeni egulelwayo nelungiselela ukungcwaba kule mpelasonto ibhekene nengwadla njengoba isiteleka siya ngokushuba ezibhedlela kuzwelonke kusukela ngoLwesithathu. Izolo kube nemibiko yokuthi odokotela kwezinye zezibhedlela eGoli okuyibo abanakekela iziguli kulesi sikhathi, bathi sekube neziguli ezidlulayo emhlabeni. Namanye amahhovisi kahulumeni njengezinkantolo naseMnyangweni wezaseKhaya kuyagqoza abantu babuya belambatha. Abasebenzi bathi bazobuyela ensimini uma umqashi eseziphendulile izimfuno zabo futhi wahlangabezana nazo.

UNobhala weNehawu esifundazweni KwaZulu-Natal u-Ayanda Zulu uthe zingaphezulu kwama-80 izibhedlela eziphazamisekile. Uqhube wathi esibhedlela iGreys eMgungundlovu bangaphezulu kwe-200 abasebenzi abatelekile. Sibheka isimo ngokwezifundazwe.

KwaZulu-Natal

Izolo imindeni bese iqalile ukuzwela ezibhedlela zaseMgungundlovu i-Edendale, iGreys neNorthdale nezaseThekwini njengePrince Mshiyeni, iNkosi Albert Luthuli neKing Edward lapho umkhankaso wesiteleka ubuqiniswe khona kakhulu. ElaboHlanga lihoshe ukuthi kube nokuphazamiseka nasezibhedlela ezisenyakatho yesifundazwe lapho abasebenzi bebebhikisha emasangweni.

Iziguli bezivinjwa ukungena emasangweni kuphoqeleke ukuba zibuyele emuva. ENkosi Albert Luthuli amalungu eNehawu athi isiteleka sawo sinokuthula ngoba iziguli ziyakwazi ukuphuma nokungena. Abasebenzi bafuna ukunyuselwa amaholo ngamaphesenti ali-10, kanti umqashi okunguhulumeni umile ekutheni uzokwazi ukunyusa amaholo ngamaphesenti ali-4.7.

E-Free State

Ezibhedlela zakulesi sifundazwe nakhona isimo kuthiwa sibi kakhulu. Okhulumela uMnyango Wezempilo uMondli Mvambi uthe akubona bonke abantu abasesitelekeni. Uthe kusukela ngoMsombuluko ngodokotela abebesekhaleni lokunakekela iziguli, ababonakala bethatha umsebenzi wabahlengikazi. Uthe ngokwazi kwabo lesi yisiteleka sabasebenzi, okungamele engabe sithinta ezempilo. “Abahlengikazi benza umsebenzi obucayi kakhulu okumele ngabe yibo abanakekela iziguli, ngaphambi kokungenelela kodokotela, kodwa ababonwa nangokhalo emawodini. Ezinye iziguli kumele engabe ziyadedelwa kodwa akwenzeki ngoba imikhakha eminingi ivaliwe, kusuka lapho kukhishwa khona imithi, ikomabhalane kuze kuyoshaya nasemagunjini abagula kakhulu,”.

E-Gauteng

Kuhlawumbiselwa ukuthi bangaphezulu kwamaphesenti angama-70 abasebenzi abangamalungu enyunyana iNehawu abasesitelekeni. Kube nemibiko yokuhlaselwa kwabasebenzi ababesemawodini, abakhishwe ngesidlozana kwashaywa nezimoto, kwaphahlazwa nangamatshe izimoto zezikhulu zezibhedlela. U-Avunani Masindi  uNobhala weNehawu kulesi sifundazwe uphikile ukuthi amalungu eNehawu aphahlaze izimoto zezikhulu zezibhedlela ngamatshe.

See Also

Uthe okunye abakufunayo ukuthi medical aid abayisebenzisayo iGems ibuyekeze imali ekhokhwa abasebenzi ngoba muva nje, bazithola sebekhokha imali enkulu. Uthe bafuna nokuthi bakwazi ukunikezwa isibonelelo sezindlu ngokubheka umholo womsebenzi. Nakhona abasebenzi beNehawu bebonakala bebhikisha ngaphandle kwamasango, izimoto neziguli ziphoqeleka ukuba zibuyele emuva.

UMnu uMike Haywood oYisishoshovu Samalungelo Abantu Kwezempilo uthe noma abatelekile zizwakaka izikhalo zabo kodwa kuyakhathaza ukuthi sesiphumile esandleni isiteleka,  sesishaya abantu okumele engabe banikwa usizo.

Uthe kuyiphutha osekwenziwa abasebenzi basezibhedlela ngoba bayasazi isibopho abangena kuso bethatha lo msebenzi. Uthe sekube yiminyaka kukhulunywa ngemiholo yabasebenzi kodwa kungabikhona okwenzekayo, yingakho namuhla izwe nezibhedlela zikulesi simo.

Uthe abahlengikazi basebenza amahora amade, abaholi nemali etheni, yingakho uhulumeni kumele  anxuse uMgcinimafa ukuba abuyekeze imali yabahlengikazi.

Scroll To Top