Now Reading
URamaphosa uzodlulisa umbiko ePhalamende
Dark Light

URamaphosa uzodlulisa umbiko ePhalamende

UMengameli uCyril Ramaphosa kulindeleke ukuthi adlulisele umbiko ogcwele wokugwamandwa kwamandla ombuso ePhalamende kuyo lenyanga. Lokhu kuhambisana nomyalelo wenkantolo enkulu.

Kodwa-ke, uSihlalo weKhomishana Umehluleli  Omkhulu kanye noSihlalo weKhomishana , uRaymond Zondo semukelwe isicelo sakhe sokulungisa izingxenye ezithile zombiko, lesicelo sikaMehluleli Omkhulu sibangele ukungabaza ngokwethembeka kwalo mbiko.

Abahlaziyi bathi ukulungisa kukaMehluleli Omkhulu kwezingxenye ezithile zombiko wokugwamandwa kwamandla ombuso  kungadala ukungabaza ngokwethembeka kwalo mbiko.

Ngesonto eledlule, iNkantolo eNkulu yasePitoli yanikeza uZondo imvume yokwenza izilungiso kuMqulu wesibi-2 no wesi-3 wesitolimende sokugcina sombiko. Lemiqulu Ingena ijule kuphrojekthi yepulazi iVrede Dairy, kanye nowayeyiNhloko Yezokuphepha Kombuso, u-Arthur Fraser, phakathi kwabanye.

IPhini likaMengameli waBehluleli, u-Aubrey Ledwaba unqume ukuthi ukulungiswa okuzokwenziwa kule mibiko eshiwo kungase kungayithinti ingqikithi, okutholakele, kanye nezincomo embikweni wokuqala.

Nokho, umhlaziyi wezepolitiki, uThamsanqa Malinga, uthe  lokhu kungase kusetshenziswe ukulwa izimpi zabathile zezombusazwe.

“Isho lukhulu. Isho lukhulu ngokwethembeka kwalabo ababhala umbiko. Isho okuningi ngezintuba ezikhona manje osopolitiki abafuna ukuzisebenzisa mayelana nokulwa izimpi zabo. Ngakho-ke kuningi okusazokwenzeka njengoba kuyiwa okhethweni lukaKhongolose ngoZibandlela, (kanye) nangaphambi kokhetho lukazwelonke ngowezi-2024. Kusekuningi esisazokubona. ngombiko ozotshenziselwa ukulwa izimpi  zombusazwe.”

NgoNhlangulana, nonyaka, ngesikhathi ethola umbiko wesihlanu nongowokugcina, uMengameli Ramaphosa waveza ukuthi umsebenzi weKhomishana kaZondo ubalulekile ekulweni nenkohlakalo.

URamaphosa bekumele ethule umbiko ogcwele wokugwamandwa kwamandla ombuso ePhalamende kule nyanga. Umongameli bekulindeleke ukuthi aveze izinhloso zakhe mayelana nezincomo zeKhomishana.

See Also

“Ngokuhambisana nomyalelo wenkantolo enkulu, zingakapheli izinyanga ezine kusukela kulolu suku, ngizokwethula ngokusemthethweni ephalamende umbiko ogcwele wekhomishini, kanye nenkomba yezinhloso zami ngokuqaliswa kwezincomo zekhomishini. Futhi ngiyazi ukuthi mayelana nalokhu, sizosebenzisana namalungu ephalamende okuzothunyelwa kuwo lo mbiko futhi sihlangene, sizobhekana nokugwamandwa kwamandla ombuso  futhi sibeke ngokucacile okufanele kwenziwe.” Lawa kwakungamazwi kaMengameli uRamaphosa

Isicelo sikaZondo sibambezela umsebenzi wephalamende, lapho nalo elibeke ugcobho. UZondo uthole ukuthi iphalamende lehlulekile ukulawula ngendlela efanele ukusebenza kwesigungu esiphezulu ngesikhathi kusaphethe owayenguMengameli wezwe, uMnu uJacob Zuma.

Umhlaziyi wezepolitiki, uLevy Ndou uthe, “Ngokufanayo, iKhomishana kaZondo iveze izinto ezikhathazayo mayelana nejubane lephalamende ekuqinisekiseni ukuthi isigungu esiphezulu siyaphendula. Umuntu angalindela ukuthi iphalamende liphendule kahle kulokho okuphume embikweni wekhomishana.”

UZondo udlulise  umbiko ochitshiyelwe kuRamaphosa ngoLwesithathu.

Scroll To Top