Kusinda kuyehlela: Nabamatekisi bangahle bagadle kubagibeli


Ukunyuka kwentengo kaphethroli kwangenyanga edlule sekwenze osomnotho bakuleli baqagula ngokungananazi ukuthi izinkomba ziveza ukuthi inhlangano eyengamele izithuthi nokukhiqizwa kwazo kuleli, iNational Automobile Association Manufacturer of South Africa (Naamsa) izophinde imemezele okunye ukwenyuka ngenyanga ezayo okuzoba ngokukhulu.
Lesi simemezelo hleze sidambise umuzwa wePhasika okuyisikhathi sokuhambelana kwabantu ikakhulukazi abamabandla kwazise kusuke kunezinkonzo zamahlelo ahlukene ezisuke zithe chithi saka ezweni.
ElaboHlanga selingakudalula ukuthi seziqalile izinkulumo ezinhlanganweni ezahlukene zamatekisi ezweni zokuthi inyuswe imali yokugibela. Kukhulu ukuvumelana ukuthi imali inyuke njengoba uphethroli uqhubeka nokunyuka. Abamatekisi bakhala ngokuthi bazithola bekulesi simo nje, yingenxa yezethembiso zobenguNgqongqoshe Wezokuthutha uMnu uFikike Mbalula ezigcine zingafezwanga.
Bathi emihlanganweni ayebabizela kuyo wayebeka zonke izinto ezinhle uhulumeni ayezozenza ukuhlangabezana nale mboni, okuhlanganisa nesibonelelo sazinyanga zonke njengoba kwenzeka emabhasini, kodwa akukho nokukodwa okwafezeka.
Izinhlangano ezinkulu zamatekisi kuleli ezingeni likazwelonke okuyiSouth African National Taxi Council (Santaco) neNational Taxi Alliance (NTA), zithi sekube yisikhathi esingangonyaka inganyuki imali yokugibela, naphezu kokunyuka kukaphethroli amahlandla ayisithupha, wehla kanye kuphela. UMnu uBafana Magagula onguSomaqhinga Omkhuku kwiSantaco ukhala ngokuthi nguhulumeni obenzela phansi uphinde ubadlalise injeje ekugcineni bese kuhlukumezeka abagibeli.
“Buka nje ezindaweni eziningi esihambela kuzo bafaka amabhasi, baphinde futhi lawo mabhasi bawanike isibonelelo,” kukhala uMagagula.
UMnu uBhekuyise Myeni ohlala eMkhazini okuyisabelo esakhelene nelokishi KwaMakhutha uthi bona bazoshayeka kakhulu ngoba azikho ezinye izinhlelo zokuthutha kule ndawo ngaphandle kwamatekisi. “Amabhasi sawagcina ngeminyaka yama-80’s kusenguPutco, lawa okuthiwa awakwaMasipala siwabona ngoba kunezipesheli ezithile. UMyeni uthi ukuze afinyelele esiteshini sesitimela eZimbokodweni kumele ahambe ibanga elingamakhilomitha ali-10 ngoba amatekisi awafinyeleli khona.
Osomatekisi nezinhlangano ezibamele bathi abanayo enye indlela ngaphandle kokwenyusa imali ngoba nabo basesimweni esifanayo nabagibeli. Usomatekisi olilungu leNational Taxi Alliance ongagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba uthe nabo kuyabashaya ukunyuka kukaphethroli ngoba kuchaza ukunyuka kokudla nabo abakuthengayo, nezinye izindleko zempilo. “Imali eningi eyinzuzo esiyithola ezimotweni igcina isiphelela kuphethroli, kukhokhelwe isitolimende semoto, kukhokhelwe abashayeli kube ukuphela kanjalo. Yingakho kuhlale kunomsindo nokungaboni ngasolinye phakathi kwabanikazi bamatekisi nabashayeli,”
Uqhuba uthi lokhu kubonakala ngokuthi abashayeli bashintshe njalo, namuhla ushayela lapha kusasa usekwenye indawo.
UMnu uHimal Parbhoo, Oyisikhulu Esiphezulu kwaFirst National Bank ngaphansi komkhakha weRetail Cash Investments, uthi ukunyuka kukaphethroli kushaya kuzwele kubantu abasebenzisa izithuthi zomphakathi, okwenza kube nzima ukuthi babe nemali abayilondolozayo.
Uthi usebone abantu abaningi besizakala kakhulu ngokugibelisana ezimotweni uma besebenza ngandawonye bakhokhelane ekupheleni kwenyanga, kunokuba bakhokhe zinsuku zonke.
Imizamo yokuthola ukuphawula komkhulumeli weSantaco kuzwelonke uThabiso Molelekwa ayiphumelelanga.