Siyini iSihlalo, siyini thina kuSo?



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.

SingabeSihlalo. Lawa ngamagama ajulileyo ashiwo ngabantu abaqondayo ukuthi siyini iSihlalo. Abaqondayo ukuthi bona bayini eduze kweSihlalo. ISILO esidala uBhejane sathi ‘ISihlalo singuMphongolo Wesivumelwano sikaZulu’. Kanti ikhuluma muva nje INdlulamithi (ISILO esibusayo) ithe aMakhosi ‘angabalingani beSihlalo’. Kepha empeleni siyini iSihlalo?
Ngokwesimiso soBukhosi bukaZulu ukhona umehluko phakathi kweSihlalo naloyo ohleli eSihlalweni. Lo mehluko umqoka ngoba wenza kuthi noma kukhona ukungaboni ngasolinye eNdlunkulu noma khona esizweni, kepha bese kuba yiSihlalo esiba yinomfi ebumba zonke izinhlangothi.
ISihlalo lesi singesikaZulu wonkana, sakhiwe sehluka ngesikhathi seLembe ngoba kwabe sekuhlangana nabanye ababengewona AmaZulu ngokuzalwa esibongweni leso nangokudabuka okuwukuzalelwa kwelakwaZulu, kepha kwase kukhona nabanye bezinye izibongo. Yibo laba ngaphansi kobuholi beLembe abakha lesi Sihlalo namuhla esesihlonishwa yizizwe zonke.
Lesi yiSihlalo esaba ngumphongolo wesivumelwano wesizukulwane esabusa saphila ngaphansi kweLembe. Umlando uyafakaza ekuthini iLembe qobo lasivikela lesi sivumelwano ngoba mhla lakha isizwe, lapho liqeda izinhlanga lenza uhlanga alibange libhuqe lishabalalise leso sibongo. Namuhla nje cishe zonke izibongo ezikhona kwaZulu zazikhona ngesikhathi seLembe kalizigwinyanga njengoba kwakenza abanye ezindaweni ezifana ne-Europe, Mongolia naseAsia.
Ngaphansi kwalesi sivumelwane neSihlalo kwaba khona amasiko athile okwathiwa ngawesizwe, kwathiwa kunamahubo okungawesizwe njalo njalo.
Abadala manxa benaba ngeSihlalo bathi singumuntu uqobo ngoba siyezwa futhi siyakhuluma. Siyakomelisa kanti futhi siyagweba. Babeze baxwayise ukuthi uma singahlonishwa siyasuka kuleso sizwe naleso sizukulwane. Khona lapho bathi iSihlalo lesi singumzali ngoba loyo ohleli kuso siyamgona, simlungise noma simqondise simenze afaneleke ukuhlala kuso.
Ubudlelwano beSihlalo naloyo ohleli kuso kumqoka kakhulu ngoba uma kungaphambana kuxabana ubendle isizwe nesizukulwane leso sigubuzelwe yizimo ezinamandla nezingashabalalisa uBukhosi obuthintekayo. Amandla eSihlalo asekwazini ukuvikela nokuphakamisa loyo ohleli kuso inqobo nje uma eyilandela imigomo yaso. Osehleli kuso usevikelekile ngoba useqokwe Zinyandezulu. Lapha uzwe izingwevu zithi ‘noma ngabe kuhleli imbongolo kuso, iyobe ingeyeSihlalo kuyomele ihlonishwe’.
Ngale nkulumo abadala babesifundisa ukuthi uma oseSihlalweni enamabatha, ebuthaka thina sizwe kumele sedlulise amehlo ethu kuye kepha sibheke iSihlalo, sivikele isithunzi saso- lona ngumthetho ongabhalwe ndawo kepha ezibhebheni zezinhliziyo nasemqondweni kaZulu.
Kuthi noma kukhona iSihlangu seSILO okuyiNkosi yesizwe ehambile emhlabeni ngisho nezikhulu zezwe nezilomo imbala uzwe kuhlelwa ukuthi sihlanzwa nini iSihlalo okukhomba ulwazi lokuthi singumuntu ozimele. Kwala ngisho obehleli kuso engasekho emhlabeni eseNyandezulu kuyaba nemisebenzi yokuhlanza iSihlalo.
Kuhlale kubaxaka abanye manxa uzwa uZulu uvungama uma kukhona ukuphawula budedengu ngeSihlalo. Lokhu kwenziwa wuthando nomona ngeSihlalo. KuZulu iSihlalo sifana nenhlamvu yeso, okuthi uma ike yathinteka umnikazi womzimba akhubazeke. Umona kaZulu ngeSihlalo nohleli kuso uyabonakala ngisho lapho kubhalwa ‘amawongowongo’uzwe uZulu ukhononda , wexwayisa kokunye uze usonge nokusonga, ngakho belu ngoba sekuthintwa oyisemkhulu. INkosana kaZulu lena ihleli njengesivumelwano sasendulo lapho izinsizwa (izintombi nabesifazane) bakha lesi Sihlalo ngezingazi zabo. Kubukeka esayozalwa ongasusa uZulu kulesi simomqondo sokuthi singabeSihlalo nokuthi wona ungabavikeli baso.
ISihlalo lesi singumsamo ojulile. Lo msamo unjengolwandle elima laphaya lodwa kepha kulo kungenise imifula eyehlukene. Lolu lwandle lukhuliswa, lumiswe yilemifula yezibongo ezahlukeneyo okuyizibongo nezizwe ezahlukeneyo. Ukunukubezeka kolwandle kunukumeza imifula lena . Ngamafuphi ukungazinzi komsamo wakoMkhulu kuthinta imisamo kaZulu wonkana. Kungalesi sizathu bonke abeSihlalo kumele baqinisekise ukuthi ulwandle kalungcoli kanjalo nalo ulwandle lwenze okufanayo ukuze iSihlalo sihlale sihlanzekile.