Now Reading
Isiqephu sesibili: Kungenzeka yini ukuthi aboHlanga badabuka kuNotshezi?
Dark Light

Isiqephu sesibili: Kungenzeka yini ukuthi aboHlanga badabuka kuNotshezi?

Kuthiwa uMoromudzi wayenenhliziyo enhle, engenanzondo ngabantu besimame, kodwa wayefisa ukuba kube nokuthula phakathi kwabo. UMoromudzi waba sothandweni nomunye wabesimame uBanu Kimanmireva. Emva kokuba uKimanmireva nabanye besifazane sebezithwele, bona kanye nedlanzana labesilisa elikhethiweyo bakhetha ukufuduka bashiye lomhlaba onesihlabathi esibomvu.

Leli qembu olalihowa uMoromudzi noKimanmeriva langena kwinkanyamba eyayakhiwe ngezinsimbi, bafunduka bawufulathela umhlaba wesihlabathi esibomvu. Kuthiwa bazulazula phakathi kwezinkanyezi isikhathi eside behamba emajukujukwini omkhathi. Emva kwesikhathi eside bezulazula phakathi kwezinkanyezi, kuthiwa bafinyelela kwinkanyezi okuthiwa iPeri Orifici Orimbisi (Sirius), ephinda yaziwe ngalamagama: Nalediyapiri (SeTswana), Nanadiyafici (Shona) ne Nja (isiZulu). Kulenkanyezi bathola umhlaba waManzi owawuzungeza iNja.

Kulo mhlaba waManzi bafica izidalwa ezifana namahlengetho kodwa zinesiqu somuntu. Inkosi yomhlaba waManzi kwakuthiwa uNommo. Le nkosi yayinobuhlakani nothando, yabamukela ngothando nenhlonipho abantu obabefike noMoromudzi noKimanmeriva.  Abantu bakaNommo babehlala emanzini kodwa zazikhona izigqingi kulomhlaba. Abantu baka Moromudzi bakha kulezingqingi, bahlala banzinza iminya emide engaziwa.

Langa limbe, abantu bakaMoromudzi badla elinye ilinga labantu bakaNommo. Lesi senzo sasiyichilo nesono esikhulu ngokomthetho nosikompilo labantu bakaNommo. Kwabakhona umhlangano omkhulu owaphetha ngesinqumo sokuthi impi yamaNommo ayihlasele. Yebo, yasuka impi enkulu phakathi kwamaNommo nabantu baMoromudzi. Kuthiwa, inkosi uNommo, ibona ukuthi abantu bakaMoromudzi bayaphela, yabanomhawu, yathumela amadodana akhe angamawele, uWowane noMpaku, ukuba basindisise ingcosana yabantu bakaMoromudzi ayayisaphila.

Amadoda kaNommo, ayenesiphowo sokundiza. Kuthiwa andiza, athola iqandakazi emajukujukwini obumnyama bomkhathi. Kuleliqandakazi, uWowane noMpaku, bakhipha uketshezi lweqandakazi, bashiya igobolondo lapha ababezofaka ingcosana yabantu bakaMoromudzi ababezobasindisa njengokomyalo wenkosi uNommo. Babafaka abantu bakaMoromudzi, baqala ukugqusha leliqandakazi emajukujukwini omkhathi. Baliqusha bebhekise kwinkanyezi lapho abantu bakaMoromudzi babefunduke khona emhlabeni wesihlabathi esibomvu. Amadoda kaNommo, awazange esababuyisela emhlabeni wesihlabathi esibomvu kodwa abayisa emhlabeni owawunamanzi nezigqingi. Lo mhlaba omusha , yiwo nkanye umhlaba esiphila kuwo manje.

Isivinini saleli qandakazi sasingalawuleki kodwa uWowane noMpaku bakwazi ukuthi balivikele ukuthi lingaphaphathekile uma seliwela phansi emhlabeni. Indawo lapho lawela khona leliqandakazi labhodloza umgodi omukhulukazi, nanamuhle lowogodi kuthiwa usakhona la eningizimu yezwekazi iAfrika. Emva kokuba iqandakazi selizinzile, abantu baqala baphuma emgodini bephumela ngaphezulu emhlabeni. Kuthiwa umhlaba wawumuhle, unothile, abantu bajabula bahlala ngokunethezeka ekhaya labo elisha.

See Also

UWowane noMpaku bebona ubuhle bomhlaba nokujabula kwabantu bakaMoromudzi, babona ukuthi umsebenzi wabo uphelisiwe. UWowane noMpanku baqala bagqusha iqandakazi belibhekise esibhakabhakeni. Kulowomnyama, unina weqandakazi, iNyonikazi yomlilo, yazwakala iqhamuka ngesikhulu isivinini iqode koWowana noMpaku. UWowane ebona ulaka lweNyonikazi yomlilo,  watshela iwele lakhe uMpaku ukuthi akabuyele emuva emhlabeni ayocasha ngaphansi kwamanzi olwandle. UMpaku wenza njengoba lishilo iwele lakhe uWowane. Kuthiwa iqandakazi uWowane walilawu ukuba lihambe lizungeze umhlaba, yeliqandaka yilo kanye iNyanga le esiyibonayo namuhla. Wathi eqeda lomsebenzi, yabe isifikile iNyonikazi yomlilo, yamudwengula ngesihluku uWowane. Yathi izomuzwisa inhlungu ezizohlala ingunaphakade ngenxa yesizosabo sokuntshontsha iqandaka layo.


Isihloko sale ncwadi ‘Utho Ngathi’. Iyatholakala nge-pdf (mahhala) nangencwadi ephathekayo (iyakhokhelwa) ku-gumedethembisile26@gmail.com noma whatsapp 079  842 4572.

Scroll To Top