URamaphosa noTrump kwingcindezi efanayo



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Iziqubulo zabo zoguquko zingahle zibenze baxhomondele ukuguqula lokho okwabe kwenziwe ngabeza emuva kwabo
Iize la mazwe ehlukaniswe wulwandle nomlando kepha kukhona okucishe kufane ngawo nxa kufika ngasebuholini. Njengoba i-United State of America (USA) iholwa yinkinsela uMengameli uDonald Trump, iNingizimu Afrika nayo iholwa yinkinsela uMengameli uCyril Ramaphosa. Bobabili bahola amazwe amqoka kumazwekazi abo kanye nasemhlabeni nxa kufika kwezomnotho. Khona lapho bobabili bazithweswe ijoka lokuletha izinguquko emazweni abo nokusho ukwebuza, nokungukusuka ezinhlelweni zalabo ababengabaholi ngaphambilini.
Ngesikhathi ekhankasela esokuphatha i-USA uTrump akakufihlanga ukuthi nxa esephethe uzokwenza izwe lakhe libuyelwe udumo lwakudala. Lokhu wabe ekusho ngaphansi kwesiqubulo esithi: Make America Great Again. Lokhu kwakusho ukuthi lo mholi uzogugula konke lokho okwabe kwenziwe ngabanye oMengameli ikakhulukazi uMengameli u-Obama. Nembala unede waphatha nje ngoMfumfu wezi-2017 wagcina ezinye zezethembiso zakhe zokuziqhelelanisa kanye nokugugula okwabe kwakhiwe ngu-Obama. Usebe nguMengameli izinsuku ezicela ema-500 kanti kuningi asekwenzile egameni lokwenza “iMelika ibuyelwe wudumo” lwayo okuvusa amehlo omhlaba.

Aqala ngakho kwaba wukukhipha izwe lakhe esivumelwaneni iParis Climate Change Accord. Lesi sivumelwano esabe kungesamazwe ngamazwe esithinta ukuguquguquka kwesimo sezulu emhlabeni nesasayinwa ngoZibandlela wezi-2017. Lesi sivumelwano sabe sisayinwe ngamazwe ali-195. Ayekhala ngakho ngeParis Climate Change Accord uTrump wukuthi izokhinyabeza ukusebenza kwezinkampani zase-USA emazweni ehlukene.
Akagcinanga lapho ngoba ukhiphe izwe lakhe kuTrans-Pacific Partnership (TPP), okuyisivumelwane se-USA namazwe ali-11 ase-Asia, eSouth America naseSouth Pacific ngaphandle kweChina. Uhlelo lweTPP lahlanganiswa nguMengameli u-Obama njengemizamo yokunqanda ukukhonya kweChina kwezomnotho womhlaba. Usuke lapho waphoqa ukuba kubuyekezwe iNorth American Free Trade Agreement (Nafta) eyaqalwa ngonyaka we-1994 nehlanganisa iCanada neMexico. Lapha uTrump wasola lesi sivumelwano ngokumisa kabi isimo semsebenzi e-USA.
Isigameko sakamuva yileso esithinta ukushayisana kwe-USA namazwe ase-Europe. Ngalo nyaka ngokokuqala esikhathini eside lapho amazwe ase-Europe ne-USA bephikisana esidlangalaleni ngalokho okumele kwenzeke. Udaba olubahlukanisa phakathi ngoluthinta i-Iran nesivumelwano samazwe ngamazwe sokuba iTheran (Iran). UTrump uyikhiphile i-USA kulesi sivumelwano kwathi amazwe ase-Europe wona athi azoqhubeka.
Ziyojika izinto
Njengoba kunalezi ziwombe e-USA naseNingizimu Afrika kukhona okunyakazayo. Ezinsukwini ezili-100 ezedlule iNingizimu Afrika ibe noMengameli omusha uRamaphosa. Ufungiswe mhla zili-15 kuNhlolanja nonyaka. Lo mholi oyinjinga uthathe izintambo kuMnu uZuma noshiye ngaphansi kokuxokozela. Ingcindezi enkulu abhekene nayo lo mholi owangena ngesiqubulo esithi: “Ziyojika izinto”, wukuguqula isimo somnotho wakuleli nokubuyisa ukwethenjwa kwalo ngabatshalizimali. Lokhu kusho ukuthi kumele athathe izinqumo ezinqala. Ethula inkulumongqangi yakhe kwavela ukuthi irandi lakuleli laba sesimweni esihle labuyela esimweni esingcono nokwagcina eminyakeni emithathu eyedlule.
Umehluko phakathi kukaRamaphosa noTrump wukuthi isimiso sepolitiki yase-USA iyakwemukela ukuthi uTrump enze izinguquko njengoMengameli kokunye aphikisane neqembu lakhe okungamaRepublican. Isibonelo nje odabeni olusematheni kulezi zinsuku lomhlangano kaTrump nomholi waseNorth Korea, amaRepublican kawayizwa kahle kepha akuncikile kuwo. Lapha eNingizimu Afrika uRamaphosa ngeke akwenze lokho ukuthi aphikisane nesinqumo seqembu lakhe.
Isibonelo nje uzama ngakho konke ukuthi athambise udaba (okwaba yisinqumo seqembu) lokubuyiselwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo. Iqembu lanquma kepha osozimboni abathile kanye nabatshalizimali bami kwelokuthi lokhu kungakhinyabeza umnotho.
Okunye abhekene nakho wukucacisa ngenqubomgomo yamazwe ngamazwe yeNingizimu Afrika. Leli lizwe liyingxenye yamazwe eBRICS nahlanganisa iNingizimu Afrika , iRussia, iBrazil, iChina ne-India. La mazwe ancintisana nawasentshonalanga nokulindeleke ukuthi uRamaphosa asho ukuthi uzocophelela kanjani ukuncelisa amawele njengoba uZuma wabe eseqome ingcaca, wawashiya enkemile awasentshonalanga. Umbuzo uthi kambe uRamaphosa angakwenza yini ukuthi aphume ezivumelwaneni ezithile neBRICS?
Ukuqinisekiswa kwezindaba zokuthi umnyango obhekelele ukuxhumana namazwe usuhlanganise ithimba elizobheka inqubomgobo ngezwekazi i-Afrika kukhomba khona ukuthi kukhona uRamaphosa izinto azozenza ngokwehlukile, elandela nenqubo yeqembu. Nokho akukho okuningi ngoba uZuma noRamaphosa abakwenza njengomengameli akuyona into abayisusela ekhanda kepha basuke benza okufunwa yiqembu osekungehluka yindlela yokwenza.
Iqiniso lithi uRamaphosa noTrump banengcindezi yokuletha izinguquko emazweni abo njengesethembiso nokuyinto engelona iphutha kepha okuyokwahlulelwa ngumlando akukhona lokho. Umlando uyokwahlulela ekutheni ekwenzeni kwabo izinguquko balishiyephi izwe kanye nepolitiki yamazwe ngamazwe. Izinsuku ezili-100 zikaRamaphosa nezingama-500 zikaTrump zikhomba ukuthi kusesekuseni ukunquma ukuthi iyozala nkomoni.