Now Reading
I-Ingonyama Trust iwuhlaka olungaletha umnotho kubantu
Dark Light

I-Ingonyama Trust iwuhlaka olungaletha umnotho kubantu

Inqubo yedemokhrasi akuyona into efika sekwaziwa ngokuphelele ukuthi izosebenza kanjani. Yinto evela kahle ukuthi iluhlobo luni ngokusebenza kwayo ekuhambeni kwesikhathi. Lesi sinqumo esilahle i-Ingonyama Trust sisho lukhulu esimweni soBukhosi namandla okulawula kwabo. Okukhulu sisho ukuthi isakhiwo soBukhosi sisekelwe wuMthethosisekelo. Izinqumo ezizothathwa wuBukhosi kufanele zihambe emzileni futhi zifeze izinhloso zoMthethosisekelo. UBukhosi bukhona abuyi ndawo kodwa kubalulekile ukuba bungazigwazi ngowawo ngoba lokho kuyobe sekunika izitha ijozi lokuthi isizwe sibujuqe. Kunezinto ezibalulekile uBukhosi okufanele bugxile kuzo. UBukhosi buhlukile kakhulu kuHulumeni. Isikhathi yinto uBukhosi obunayo uHulumeni angenayo ngakho izinqumo ezingathathwa wuBukhosi zihlukile kunezithathwa wuHulumeni ojahe ivoti.

Kuyi nkolelo yami ukuthi aMakhosi asethubeni elihle kakhulu kunelikaHulumeni ekuguquleni imiphakathi ayengamelwe kwezomnotho. UBukhosi yibo obusethubeni elingcono lokuba sekhaleni lokudala izinqubo zokwakha umnotho nenqalasizinda ezweni nasezifundeni zabo. Umlando wakuleli nowamanye amazwe uyasivezela ukuthi umnotho wakhiwa abanikazi bezwe. UHulumeni uba nalo iqhaza elibalulekile kodwa ukwakha umnotho kwenziwa ngabantu. Umongo womnotho kuba wumkhiqizo wabantu ozodala uhwebo ezweni nasemazweni amanye nasemhlabeni jikelele. Sonke thina esiyizakhamuzi emalokishini nasemakhaya wumsebenzi wethu ukwakha imiphakathi esiphuma kuyo. Umqondo wokhuthi sakhe izindawo esiphuma kuzo awukakasibusi.

Siyesibone ukuhlala esilungwini kuyiyona nto eyenziwayo uma sithi siphumelele. Ngamanye amazwi impumelelo isekusukeni emakhaya bese uyohlala esilungwini kepha lokho kuwukuthathwa wubukhazikhazi basesilungwini. Leli yithuba laMakhosi lokuba bahole uhlelo lokwakhiwa komnotho ngokuthi bakhomoze umphakathi nabo bonke abayinzalo yalowo mphakathi. Yisikhathi lesi sokuthi sishiye amadolobha sizotshala ulwazi izimali kanye namasu wokusungula izinkampani nezimboni ezizokwakha imikhiqizo ngokuhlukahlukana kwemikhakha ezoba yinsika yomnotho wasemakhaya. Kasikaze saba semqondweni wokuthi siyakha. Kakukaze kwasisamukela enqondweni ukuthi ijoka lokwakha umnotho walapho sizalwa khona lisentanyeni yethu.

Ngakho abalusi balokho kufanele kube aMakhosi. ISILO UMdlokombane wake wathi alukho uhlaka lapha olwake lwakha izikole eziningi kunezakhiwa aMakhosi. Simuzwile uMntwana waKwaPhindangene ethi inyuvesi ethiwe ngegama lakhe iMangosuthu University of Technology yakhiwa nguye ngemali yeminikelo yezinkampani ezinkulu zakuleli. Umlando uyaveza futhi ukuthi le nyuvesi yabe iyisu lakhe uShenge. Baningi abantu abanezifiso ezinhle nezinkulu zokuguqula isimo sezomnotho wasemakhaya. Kimina lesi yisibonakaliso sethu esidinga sithathe igxathu eliphikelele kuso.

Kuyinkolelo yami futhi ukuthi i-Ingonyama Trust inikeza aMakhosi ithuba lokwenza izinto ezinkulu ezingaphendula isimo sezomnotho ezindaweni zasemakhaya. Bekungakuhle ukuba kusungulwe ibhange lentuthuko osisekelo salo kube wumhlaba ongaphansi kwe-Ingonyama Trust. Leli bhange kuyofanele liholwe ngabantu abanamava asezingeni eliphezulu ukuze libe nethuba lokusimama. Ubunikazi balo kube aMakhosi yiMbube nezakhamuzi zomhlaba we-Ingonyama Trust. Konke lokhu kungenzeka uma aMakhosi angahle asihlanganise sibe mqondo munye. Sihlanganise iziphiwo izifiso namakhono esinawo ukuze sifeze lesi sibonakaliso esinaso. Ukuthi umsebenzi waleli bhange uyogxila kuphi sekuyoba yinto eyodingidwa yisizwe. Miningi imikhakha engafakwa ohlwini lwemisebenzi yebhange. Okubalulekile futhi wukuba umhlaba we-Ingonyama Trust uphenduke ube wumnotho wezakhamuzi kuze kwakheke neminye imkhakha yomnotho enganqikile kakhulu kuwo umhlaba.

USolwazi uMauro F. Guillen wase-University of Pennsylvania ocwaningweni lwakhe osihloko sithi ‘Symbolic Unity, Dynastic Continuity, and Countervailing Power: Monarchies, Republics and the Economy’ uveza ukubaluleka kweSihlalo soBukhosi ezweni nasemnothweni wezwe ikakhulukazi ezweni elinoBukhosi obongamelwe wuMthethosisekelo noHulumeni wentando yabantu. UGuillen uthi ucwaningo lakhe luveza ukuthi uBukhosi obusekelwe wuMthethosisekelo abubona into embi emnothweni wezwe. Uthi ubufakazi obuvezwa yizibalo bukhombisa ukuthi uBukhosi obungaphansi koMthethosisekelo benza kangcono kunenqubo yoMthethosisekelo engenabo uBukhosi, enikeza amandla kuHulumeni kuphela, ekuvikeleni umhlaba nomnotho wabantu okunomphumela womnotho wezwe ozimele ophezulu.

Ingcindezi edalwa yisikhathi esifishane sokubusa amandla kaHulumeni ovotelwe, iyanqindwa yisihlalo soBukhosi. Akubi lula ukuba uHulumeni athathe izinqumo ezithize ngenhloso yokuheha ivoti kakhulukazi uma kuzobeka umnotho wabantu engcupheni, kuchaza uGuillen.

See Also

ISigaba 25 soMthethosisekelo sivikela hhayi umhlaba kuphela kepha sigxile ekuvikeleni umnotho womuntu. Konke okuyinsika yomnotho wakhe kuvikelwe yilesi sahluko. Umnotho wumgogodla wempilo yomuntu. Isizwe esinothile siba nezinga eliphezulu lokuphepha, lezempilo, elemfundo nelenhlalakahle. Abezindaba bathi isinqumo seNkantolo Ephakeme yalesi sifundazwe sithi umhlaba we-Ingonyama Trust ngowezakhamuzi futhi nezinqumo ezithathwayo ngawo kufanele zivumelane nazo. AMakhosi ayohlezi ebukwa ngelibi uma izinqumo zawo zizoshiya izakhamuzi zikhala.

Yingakho aMakhosi nezakhamuzi kufanele babambisane ukuze i-Ingonyama Trust ibe yimpumelelo kwezomnotho. Isiqalo sempumelelo wukuba umbiko wocwaningo lwesimo sezimali wumcwaningimabhuku ube muhle minyaka yonke. Singezwa kuthiwa iTrust ayiphumeli obala ngezinto ezithize ezibalulekile kuthina sizwe. Ukungaphumeli obala ngezindaba zeTrust kuzohunyshwa ngokuphambana neSigaba 32 soMthethosisekelo. Kanjalo futhi izinqumo zaMakhosi eziphambene nezifiso zezakhamuzi zizohunyushwa ngeziphambana neSigaba 10 soMthethosisekelo esivikela isithunzi somuntu.

Bonke abasemandleni balindeleke ukuba baphathe izindaba zezakhamuzi ngendlela esekelwa yiSigaba 10 soMthethosisekelo. Sekusele eBukhosini ukubona ukuthi lezi zigaba zisetshenziswa kanjani ukuphatha umhlaba we-Ingonyama Trust ukuze umphumela kube wumnotho abazowuvikela ngamandla azalwa yisintu naso esesivikelwe wuMthethosisekelo.

Scroll To Top