Umatikuletsheni wezi-2024 uphumelele ngama-87.3% wamalengiso

by Anathi Mtaka
January 14, 2025


Anathi Mtaka
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo uSiviwe Gwarube umemezele ukuthi izinga lokuphasa kukamatikuletsheni lowezi-2024 lingama-87.3%. Lokhu kusho ukuthi lelizinga linyuke ngama-4.4% uma kuqhathaniswa nekilasi lowezi-2023. UGwarube wenze lesi simemezelo emcimbini wokumemezela imiphumela kamatikuletsheni eRandburg izolo kusihlwa.
UNgqongqoshe uphinde wamemezela ukuthi zonke izifundazwe zenze kahle kakhulu futhi zathola imiphumela engaphezu kwaleyo yangowezi-2023 nokuthi zonke izifundazwe zithole ngaphezu kwama-84%.
Ukuma kwezifundazwe:
- I-iFreestate ithole ama-91.0% okuwukunyuka kwezinga lokuphasa enyusa lisuka ku-89% ngo-2023.
- IKwaZulu-Natali ithole ama-89.5% okuwukukhuphuka ngama-3,2% kwimiphumela yowezi-2023.
- IGauteng ithole ama-88.4% okuwukunyuka kusuka kuma-85.4% eyakuthola ngo-2023.
- INorth West ithole u-87.5% okuwukunyuka ngama-5.9% kumphumela wabo wezi-2023.
- IWestern Cape ithole ama-86.6% inyuke ngama-5% kusuka kumphumela wayo wezi-2023
- ILimpopo ithole ama-85.01% okuwukunyuka ngama-5.5% emiphumeleni yabo yowezi-2023
- IMpumalanga ithole ama-84.99% okusho ukuthi inyuke ngama-8% emiphumeleni yabo yowezi-2023.
- I-Eastern Cape ithole ama-84.98% okusho ukuthi inyuke ngama-3.6% emiphumeleni yangowezi-2023.
- INorthen Cape ithole ama-84.2% okuwukunyuka ngama-8.3% emiphumeleni yabo yowezi-2023.