Now Reading
Kugcina sekuma izinto emakhaya ngethelevishini
Dark Light

Kugcina sekuma izinto emakhaya ngethelevishini

Zisha zingqongqe izimbiza eziko. Uyokuzwa ngomngqongqo wokunuka kwephalishi. Lisha njalo selikhipha amalangabi aluhlaza kuhle okwesikelemu emgodini wamalahle nowegolide, okuthiwa uma sesibhokile, sibulala abantu ngamalangabi aso aluhlaza, afana nawesimoko sembawula, esize siqedwe uma kuthelwe impuphu emalahleni avuthayo ngaphambi kokuba imbawula ifakwe endlini. Uma kungenziwanga lokho, kufa abantu, ngoba basuke badakwe yilesisimokwe, bafe bengezwa lutho, belele. Nasemigodini-ke kuthiwa lesisimoko kumbe imbawula, njengoba besibiza kanjalo isikelemu somgodi, esithungeleka uma umgodi ungasathelelwa imali yawo. Zisha kanjalo-ke izimbiza eziko uma bonke abomndeni sebegqolozele umbhanyazo phela lona abawubiza ngokuthi yi thelevishini.

lmbiza igxabha igxabhe ize ishe ibe yilahle. lngani bonke sebekhohliwe ukuthi kuphekiwe. Sebethe njo, bewakhiphele ngaphandle onke amehlo bebukela lelibhayisikobhu elisendlini. lngani lelibhayisikobhu selisendlini nje, akusachithwa sikhathi ngokuhamba kuyiwe lapho kudlala khona ibhayisikobhu emahholo kumbe emathiyetha, akusachithwa mali ngokuqasha amathekisi ukuba anise futhi anilande ebhayisikobhu, nayo nje imali yokungena ebhayisikobhu ayisachithwa ngoba elakho ibhayisikobhu selingaphakathi endlini yakho uqobo.

Maye, abantwana, selishona maqede baqoqanele ngaphambi kwalelibhokisi elibhanyazayo. Uzofica abanye sebelele ngezisu phansi, sebethe cu, sengathi bayabhukuda, izandlana zabo sezithanda ezihlathini, ingathi sebephase amakhanda ngazo, kuhle okomuntu omangele, ngoba bonke abamangeleyo babambelela ngezandla ezihlathini, bagqolozele phansi sengathi babona into abangazange bayibone, kanti hhiya, bashukana nomzwangedwa ongabonwa muntu, ngaphandle kwemidlinzo nemicabango okuyiyona ebambene nalempi engabonwa ngabanye, ebonwa ngumniniyo kuphela, lapho angaze agcine esecosha amaphepha ngenxa yokujula kwemicabango yakhe. Nabo-ke singasho ukuthi basuke beyijulisile imicabango yabo nxa bebukela okwenzeka engilazini yethelevishini. Hheyi-bo, abanye haze bethuke baqikileke uma bebona abantu bedubulana, bebona kubulawana ezimpini, ngoba lapha embhanyazweni uyibona njengoba impi! Abanye ubezwa behleka kuze kuvele elomhlathi uma bebukela izinhlelo abazithandayo njengokudlala ibhola, ithenisi, ikhrikhethi, iragbhi, imijaho yamahhashi, imijaho yezimoto neyezithuthuthu ngisho nabo abantu uqobo abagijimisa okwezimbabala emidlalweni yokusubatha ngamajubane.

Kuyothi lapho unina wabantwana ethi abayobheka ukuthi zimi kanjani izimbiza ekhishini, ubone beshubisa ubuso, benganake ngisho ukunaka, bekubuka bekunyonkoloza, benyukubele, sengathi bakutshela izinhlamvu zikabhoqo ngemicabango yabo ukuthi wena obathumayo ukuba bayolunguza izimbiza ekhishini awuziyeli ngani wena ngokwakho, ubaxege siketi, ngoba nakhu basakhangwe lukhulu. Uyoze uphuthelwe yilokhu okubukelayo, uyilokhu uthethisana nabantwana abangafuni ukuthunywa uma sebebukela ithelevishini.

See Also

Omunye wangitshela ngekhambi lokuthi uma ungafuni ukuzondana nabantwana bakho ungenzenjani. Ubobathuma umbhanyazo ungakaqali. Babopheka umbhanyazo ungakaqali. Babokukha amanzi umbhanyazo ungakaqali. Balungise umsebenzi wabo wesikole umbhanyazo ungakaqali. Kudliwe ukudla kwakusihlwa umbhanyazo ungakaqali. Ngoba uma usuqalile, konke okufanele kwenziwe akuseyikwenziwa, ngoba amehlo nezindlebe nomqondo wonke womuntu usuke ususembhanyazweni. Kunzima-ke ukusuka phambi kwawo uma usuvulelwe, ngisho nakho ukuvulela umuntu ongqongqoza emnyango kuphenduka kube yisicunukiso nesicasukiso kulowo osuke esakhangwe wuhlelo oluhlabahlosile naluthandayo.

Abanye-ke sebebonile ukuthi ukubukela umbhanyazo sekuqale ukudala ubuvila kwabesifazane abaningi. Amadoda ayakhala ngokuthi abulawiswa ngokudla kwamathini okuyisheshe kuvuthwe. Lokho bakwenza ngoba ukudla okuphekwayo kubachithela isikhathi, ngoba bazolokhu beshiswa yisitofu, bepheka iphalishi nenyama namazambane, bepheka amaklabishi nomanqante nemifino okufanele inongwe ngezinongo ezithi nhliziyo-tshopo. Kanti-ke uma bethenge ukudla okusemathinini bavele nje bawavule, bathele ezimbizeni, babeke esitofini befudumeza kuphela, bayasuka lapho bayaphaka kuyadliwa. ” Iyaqhukeka.

Scroll To Top