Now Reading
UMsinsi Wokuzimilela: Umphehli wozwathi noma umalamulela waboHlanga?
Dark Light

UMsinsi Wokuzimilela: Umphehli wozwathi noma umalamulela waboHlanga?

Izingqinamba ezikhona muva nje eNingizimu Afrika seziphoqe abantu abehlukene ukuthi bakhe izinkundla lapho bephawula khona. Abanye lokhu bakwenza ezinkundleni zokuxhumana kanti abanye bakha izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni nayilapho imizamo yabo yokulungisa noma ukuqhakambisa khona lokho abasuke bekubona njengenkinga iqhutshwa khona.

Isibonelo nje ukwakheka kwenhlangano i-Organisation Undoing Tax Abuse (OUTA) neholwa nguMnu uWayne Duvenage. Le nhlangano yaqalwa kuDuvenage emuva kokushiya kwakhe kwa-Avis njengoMphathi oMkhulu ngowezi-2012.

I-OUTA yaqala ngowe-2012 yaziwa ngele-Opposition Against Urban Tolling Alliance, nokwabe kuyinhlanganisela yosomabhizinisi ababelwisana nohlelo lokuthelisa izimoto i-urban electronic toll collection (E-toll) eGauteng. 

Namuhla lenhlangano isingenye yezihlonishwayo neziyiva kuhulumeni njengoba ibuye idudulane naye nje ezinkantolo.

Olunye uhlaka olwakheka ngenhloso yokubhekana nesimo esithinta abantu ngqo ngaBahlali BaseMjondolo ngaphansi kukaMnu uSbu Zikode. Lolu hlaka lwasungulwa ngonyaka we-2005 ngenhloso yokubhekana nenkinga yezindlu eNingizimu Afrika nephoqa ukuba izakhamuzi zizitholele izindawo zokuhlala emijondolo eduze namadolobha amakhulu.

Lenhlangano namuhla ngemisebenzi kanjalo nemikhankaso yayo ihlonishwa umhlaba wonke.

Muva nje KwaZulu-Natal ngenxa yomuzwa wabathile boHlanga ukuthi kabahlonishwa ezweni nokuthi baqhelisiwe emnothweni wezwe  sekwakhiwe  uhlaka uMsinsi Wokuzimilela.  Ubuso balolu hlaka nguMnu uXolani Dube nohlonishwa kakhulu njengomhlaziyi wepolitiki kuleli.  UDube kamusha njengomkhulumeli wabantu ezintweni ezahlukene nokuba ngumhlaziyi. Kuleminyaka eyedlule usenze izethulo ezahlukene eqhakambisa ukungameleleki kwaboHlanga ezinhlakeni zomnotho.

Ekhuluma nelaboHlanga ngonyaka we-2020 uDube wasola iqembu elibusayo nosopolitiki jikelele ngodaba lomhlaba kuleli.

Kulolu daba waxwayisa aboHlanga ukuba bangavumi ukukhulunyiswa nje kuphela ngemihlaba le esemigubaneni nasemeveni bayeke izindawo ezicebileyo ngoba nazo zebiwa.

“Umongo womzabalazo waboHlanga kwabe kuyizinto ezintathu nokumele singaguquki kuzo, okokuqala ngamalungelo esintu, okwesibili wukukhululeka ngakwezomnotho. Kuthi okwesithathu kube wukubuyiswa kwalokho okwebiwayo, okunye umhlaba.  Ngeshwa kuze kube manje asikakutholi lokhu. Empeleni ngeke sibe nobulungiswa noma ngabe okokubuya komhlaba uma singenabo ubulungiswa kwezomnotho,” kusho uDube.

Waqhuba wathi “Kuyamangaza ukuthi uma abantu bekhuluma ngokubuya komhlaba abakhulumi ngezindawo ezinothile. Isibonelo nje abakhulumi ngechweba lapho kwenziwa khona umnotho omangalisayo. AboHlanga kuba sengathi abanawo umlando ofaka lezi zindawo ezinothileyo okuliphutha,” kusho uDube.

UNzwakele wagcizelela  ukuthi kunezinkampani lapha kweleNdlovukazi uMthaniya ezihleli zinethezekile kepha inzuzo kanjalo nengcebo yazo yaba ngenxa yezingazi zaboHlanga.

“Izinkampani iTongaat-Hullet ne-Illovo bathatha umhlaba waboHlanga kepha akekho osukumayo abuze ukuthi loyo mhlaba nomnotho wawo uyobuyiselwa nini kubanikazi. Isizathu esenza lokho phakathi kokunye wukuthi lezi zinkampani zasebenza neqembu elibusayo i-ANC. Lezi zinkampani nje zombili zingoGupta balapha KwaZulu-Natal,” kusho yena

Wasola kakhulu iqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) ngokuhlinzela ezibini aboHlanga. Wenaba nangohlelo lokuqhelisa aboHlanga ezindaweni ezithile nathi lwenziwa wukuhleleka komnotho.

“Uma ubheka izindawo ezinomnotho abekho aboHlanga. Kuyakhiwa ezindaweni ezifana noMhlanga, iLa Lucia kuya eSalt Rock, buka ukuthi ngezobani izinkampani ezizuza lapho? Qhubeka ubheke izindawo zokuhlala ezifana neZinga nalezi ezinganeno kweSibaya ngobani abakhe kulezo zindawo? ngamaPakistan namaNdiya, abanye abafika nje manje kuleli bezokwenza amabhizinisi. Qhubeka uye kulo mklamo ongaseHammarsdale nakhona ngobani abanamabhizinisi?” kuchaza uDube.

Impi emnyango yosopolitiki

Kulokhu uDube noMsinsi Wokuzimilela babe sematheni kulandela umbhikisho ngaphandle kwekhaya likaNdunankulu wesifundazwe uMhlonishwa uMaDube-Ncube. Lapha bebekhala ngokuswelakala kwezidingo emiphakathini yaboHlanga.  Kubikwe ukuthi abantu abalinganiselwa e-100 babuthene ngaphandle komuzi kaNdunankulu eHillcrest. Kuthiwa iqulu lavinjwa ngabaqaphi nokwaholela ekuphakameni kwamazwi kuklolodelwana.

Lesi senzo sinyakazise uHulumeni waKwaZulu-Natal, iqembu elibusayo ngisho uMengameli wezwe imbala. Iqembu elibusayo KwaZulu-Natal kalichithanga sikhathi ukusola uDube nelithe ugovuza abantu.

Leli qembu kaligcinanga lapho kepha laphakamisa ukuba abezindaba bangabe besamthatha njengomhlaziyi kepha bona sebemthatha njengembangi kwipolitiki. 

Kwisitatimende sayo i-ANC ithe, “Iningi lethu liyazi ukuthi uMsinsi Wokuzimilela yiqembu elisha lepolitiki. Kusobala ukuthi labo abalwa ne-ANC KwaZulu Natal basebenzisa yena (uDube),” kusho isitatimende.

See Also

UMphathiswa uHlomuka Wezokuphepha KwaZulu-Natal usole lokho akubize njengabantu abangaziwa abagasele emzini kaNdunankulu.

Uthe kuzoba nophenyo ngalokhu. Ngisho noMengameli wezwe uRamaphosa ubabaze okwenziwe nguMsinsi.

“Kumele sisigxeke lesi senzo futhi siphikisane nayo yonke imizamo yanoma ngubani ozodala ubudlova nokungalandelwa komthetho emphakathini,” kusho uRamaphosa.

“Umqulu Wamalungelo Abantu kuMthethosisekelo wethu uyakufakazela ukuthi wonke umuntu unelungelo lokuba nesidima nelungelo lokuba isidima sabo sihlonishwe futhi sivikelwe kanye nelungelo lokungahlanganiswa nanoma yiluphi uhlobo lodlame okungaba ngolwasemphakathini noma oluqhamuka ngasese.

“La malungelo wonke umuntu oyisakhamuzi sakuleli unawo, kuhlanganisa nalabo abasezikhundleni zokuphatha noma behola ezingeni lomphakathi, abaqokwe ukusebenzela umphakathi, nemindeni yawo.

“La malungelo kumele ahlonishwe noma ngabe abantu banezinto abazibangayo ezibafuna zibhekwe, nokumele ziphakanyiswe ngokulandela imigudu ekhona yedemokhrasi,” kugcizelela uRamaphosa.

Nokho aboMsinsi Wokuzimilela bathe akudikizi nqulu, bazoqhubeka nokuvakashela abaholi. Kwisitatimende sabo emuva kwaleso se-ANC aboMsinsi bathi uNdunankulu kaveze ubufakazi bokuthi bagasela emzini wakhe kwaba nokududulana nokuklolodelana nokusabisa. Basole uHlomuka ngokubanyundela nokuthi lokhu ukwenza nje ngoba utshelwe okungeyikho ngabo.

“UMhlonishwa uHlomuka uholelwe ophathe ngatshelwe khona. UMsinsi ubuhambela uNdunankulu ekhaya obengukuhambela umuzi ngomuzi kunenhlonipho nokuzehlisa.  Ebesikwenza bekunokuthula ngaphezu kwakho konke. Asizange sibabize abezindaba, futhi bekungekona nje ukuthi sifuna ukuvelela emphakathini. Akuzange kube khona imashi noma umbhikisho owenzekile,” kusho aboMsinsi.

Baqhubeke bathi, “Umuzi kaNdunankulu ugadiwe ngamakhamera asezingeni eliphezulu. UMsinsi Wokuzimilela ucela ukuba uNdunankulu aveze ividiyo lapho ethi sagasela khona, saphakamisa amazwi saphinde sasabisa izingane zakhe emphakathini. Sizimisele ngokubhekana nomphumela wakho konke uma kukhona ividiyo ekhombisayo noma efakazela lokho okushiwo uMhlonishwa uHlomuka encwadini yakhe,” kusho aboMsinsi.

Scroll To Top