Ngokwezibalo elakuleli liyizwe lenganono nobelelesi


Eminyakeni emibili edlule izibalo zazikhomba ukuthi iNingizimu Afrika iyizwe lesibili emhlabeni elinokuxhaphaka kwezibhamu okwenza sibe phezulu isibalo sodlame oluthinta ukusetshenziswa kwezibhamu nokubulawa kwabantu. Isithombe esivelayo ngesokuthi esikhundleni sokuba lesi sibalo sehle ngokuhamba kwesikhathi, kodwa siyakhula futhi kubonakala nomthetho uya ngokuthamba.
Ngaphadle kwezibhamu ezijwayelekile ezinye okuvela ukuthi zixhaphakile emphakathini ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya ngezokuzakhela ezibizwa ngoqhwasha.
Njalo emuva kwezinyanga eziyisithupa umbutho wamaphoyisa iSAPS ucekele phansi izibhamu ezingaphezulu kwama-20 000 esizindeni esincibilikisa insimbi i-Acelo Mittal, eGoli, iReclamation Group eSiphingo eThekwini kanye naseKapa. Kwaqopheka umlando ngowe-2019 lapho izibhamu ezancibiliswa zafinyelela kuma-30 000 okwaba yisibalo esikhulu.
Ephawula ngaleso sikhsthi usigaxamabhande esiphoyiseni uBrigadier Vishnu Naidoo wathi ngenyanga baqoqa izibhamu ezili-5000 ezweni. Izifundazwe iKwaZulu-Natal, iGauteng neMpumalanga yizona ezihamba phambili ngesibalo sezibhamu ezitholakalayo. “Ezinye izibhamu sizibamba emingceleni yakuleli ziphuma noma zingena ngaphakathi ezweni,”
Ngokwezibalo zakamuva abantu bakuleli banezibhamu ezili- 5 350 000, kodwa ezisemthethweni ziyizigidi ezintathu kuphela.
Sekukaningi kugxekwa uMthetho Wezibhamu kuleli. Kukhona abathi uchemile njengoba kuthatha isikhathi eside ukucutshungulwa kwelayisensi yesibhamu noma umuntu enayo yonke imininingwane nobufakazi bokuthi usidingelani. Abakhala kakhulu ngabanikazi bemizi namabhizinisi.
UMnu uThabiso Mkhaliphi waseBhekulwandle ngaseManzimtoti ungomunye wabantu abanalesi sikhalo. UMkhaliphi uthi wayilandela yonke imigudu wabeka nezizathu ezenza adinge isibhamu wathumela nezincwadi ezifungelwe kodwa akwenzeni. “Okuxakayo ukuthi singenelwa ngabantu ezindlini zinsuku zaphuma sibanjwe inkunzi kwebiwe impahla kuhlonyiwe, ungazi ukuthi bona bazithola kanjani izibhamu, “ kuzikhalela uMkhaliphi. UMthetho Wezibhamu bathi unqinda abanikazi bemizi ilungelo lokuba nesibhamu okwenza bazithole njalo beyizisulu zobugebengu.
NgoMfumfu wezi-2018 uMthethosivivinywa owawuphakamisa ukuthi kususwe isigaba sokuzivikela njengesizathu esinqala sokuba nesibhamu wadala intukuthelo kubantu abanezibhamu ezisemthethweni. Sekukaningi iNkantolo YoMthethosisekelo ikhipha izinqumo ngokuthi ukuba nesibhamu akulona ilungelo kodwa kuyinto umuntu angakwazi ukuba nayo ngoba emelana nakho konke okuhambisana nayo.
Ngonjani ofanelwe ukuphatha isibhamu
Ngokusho kuka-Advocate uJackie Nagtegaal Wenkantolo YoMthethosisekelo: “Kumele uqale ngokuyoqeqeshwa ngaphambi kokuba nesibhamu emuva kwalokho ufake isicelo selayisensi yesibhamu. Kunemibandela enqala njengokuthi kumele ube yisakhamuzi ngokugcwele.
Kumele ube neminyaka engama-21 noma ngaphezulu, nasemqondweni ube ngumuntu ophilile ngokwanele. Akumele ube necala lobugebengu futhi ungabi ngumuntu onenkinga yezinto ezinjengezidakamizwa.” Uma unesibhamu esisemthethweni kodwa ungasayivuseleli ilayisensi yaso, awehlukile nomuntu ophethe isibhamu esingekho emthethweni.
Ngonyaka wezi-2000 kwaphasiswa uMthetho iFirearm Control Act 60 ngenhloso yokulawula ukukhishwa kwamalayisensi. Enye yezinhloso ngalo Mthetho kwabe kuwukuqinisekisa ukuthi ukufa kwabantu ngenxa yesibhamu kuyehla. Abanikazi bezibhamu ezisemthethweni bathi inkinga ayikho kubona, kodwa ikulabo abanezibhamu ezingekho emthethweni nabaphatha izibhamu budedengu.
Ngokusho kweGun Free South Africa, kunezibhamu ezili-9 855 ezilahlekayo ezinye ezintshontshwayo ngonyaka.