Now Reading
Umphakathi namangwevu ngaphambi kokhetho
Dark Light

Umphakathi namangwevu ngaphambi kokhetho

NGAPHAMBI kokhetho lukazwelonke oluzobanjwa ngoLwesithathu oluzayo imiphakathi eminingi eNingizimu Afrika iphenduke inkundla yemibhikisho yezidingo ebinodlame obelucekela phansi impahla kuze kuvalwe imigwaqo ngamathayi avuthayo. Okugqamile ukuthi abantu basebenzise lesi sikhathi ukuphoqa uHulumeni ukuba athathele phezulu izimfuno zabo futhi afeze izethembiso azenza kubo zokubahlinzeka ngezidingo ukuze impilo yabo ibengcono. Ulimi lwempilo engcono lusetshenziswa kakhulu iqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) neliphikisayo iDemocratic Alliance (DA) okungamangazanga uma le mibhikisho iba sezindaweni eziholwa yila maqembu.

Umbhikisho obemkhulu ngowase-Alexandra eGoli lapho izakhamizi bezikhala ngokunganakwa uMasipala iJohannesburg oholwa iMeya yeDA uMnu uHerman Mashaba. Ukushuba kwalo mbikisho othathe isikhathi esingaphezu kwamasonto amabili, kuphoqe uMengameli uCyril Ramaphosa ukuba ahambele kule ndawo ukuyolalela umphakathi waphinde wasungula isithangami esihlanganisa uHulumeni nomphakathi esasizobheka ukuthi zingaxazululwa kanjani izinkinga ezikhungethe lo mphakathi.

Ezinye izindawo ezibe nemibhikisho kube iGauteng, iStrand eWestern Cape neKroonstad eFree State lapho izakhamizi bezikhala ngezindlu, ukwentuleka kwemisebenzi, ugesi namanzi. Ngenyanga edlule iyodwa nje, zili-13 izindawo ezibe nemibhikisho eNingizimu Afrika kwafa abantu abane. IMunicipal IQ ebheka ulwazi ngoHulumeni Basekhaya esitatimendeni sayo, ithe senyukile isibalo semibhikisho kuleli ngekwata lokuqala lonyaka wezi-2019. Ithe akumangazi ukwanda kwemibhikisho ngoba abantu babona lesi sikhathi kuyithuba lokwenza osopolitiki babanake kwazise sekubhekwe okhethweni. “Njengoba bekulindelekile, imibhikisho yande ngokwedlulele kulezi zinyanga ezinthathu zokuqala konyaka. Kungenzeka ukuthi ababhikishi basebenzisa leli thuba ukuze osopolitiki banake izikhalo zabo njengoba kuyiwa okhethweni,” kusho uMqondisi Omkhulu weMunicipal IQ uMnu uKevin Allan.

Okufakazela ukuthi izakhamizi zakuleli sezibona ukhetho njengesikhathi sokuphoqa uHulumeni ukuba asukumele izimfuno zazo, isinyathelo senhlangano elwa nokwenyuka kwentengo kaphethiloli namafutha, iPeople Against Petrol and Paraffi n Price Increases (Pappi), ethi yona izobhikisha buthule ngosuku lokhetho. Kulo mbhikisho ngeke kubonakale okwenzeke kwezinye izindawo lapho bekuvalwa khona imigwaqo kuphinde kutatshwe impahla ezitolo, kodwa amalungu ale nhlangano athi azogodla ivoti layo angayivoteli i-ANC. Isikhathi le nhlangano ekusho ngaso lokhu okuwuLwesibili kuleli sonto sekusele izinsuku eziyisikhombisa kuyiwe okhethweni, kukhomba ngokusobala ukuthi ibisebenzisa amangwevu ayo ukuphoqa noma ukuthumela umyalezo oshubile kuHulumeni wokuthi ngeke iqembu elibusayo lilinuke ivoti lamalungu ayo uma usathatha izinqumo ezicindezela umphakathi.

See Also

Umgqugquzeli wePappi kuzwelonke uMnu uVisven Reddy oyilungu le-ANC eChatsworth ucashunwe kwabezindaba ethi: “Sinesikhali esiyimfi hlo esibizwa ivoti lethu, sizosisebenzisa njengombhikisho wethu othule wokulwa nentengo yamafutha esiyikhokhayo eyihlaya.” Uthe sebenxenxe amanye amaqembu epolitiki ukuba abeseke kulo mkhankaso. Nakuba umbhikisho wezisebenzi zikaMasipala iTheku ungahlangene nokhetho kodwa ukungenelela ngokushesha kukaNdunankulu waKwaZulu- Natal, uMnu uWillies Mchunu, aze aqoke ithimba elizoxazulula isiteleka kungezinye zezinkomba zengcindezi efakwa imibhikisho kuHulumeni. Abazikhulumela emakhoneni bathi lokhu kuphuthuma kukaMchunu kungenzeka ukuthi kudalwe ukwesaba ukuthi isinqumo esiholele esitelekeni esithathwe uMasipala oholwa i-ANC singenza ukuthi iningi labakhalayo ngaso bangalivoteli leli qembu okhethweni oluzayo. Okungalindeleka ukuthi nangaphambi kokhetho loHulumeni Basekhaya oluzayo ingabheduka imibhikisho yemiphakathi uma uHulumeni ezokwehluleka ukufeza izethembiso zakhe kubantu.

Scroll To Top