Now Reading
Ngisho kunjani amaphanta awapheli moya
Dark Light

Ngisho kunjani amaphanta awapheli moya

Cha, lomame wayenethemba impela, noma ayewina kancane nje eluza kancane, kodwa ithemba wayenalo lokuthi linye ilanga, uyolala eyimpofana avuke eyisicebi sejackpot. Uthini-ke ngensizwa eyakhala ngokuthi idulele irandi ehhashini, kwathi lapho sekufanele iyohola izigidigidi, kwaficeka ukuthi lelohhashi likhipha irandi ngerandi. Leli-ke laselibhejelwe kakhulu impela, lingasakhokhi lutho. Noma kunjalo ukuhlala kwayo kwakungasho lutho, ngoba yangitshela ukuthi lomdlalo iwuthanda kangangokuba ayiphuthi ebhandeni uma umjaho ukhona.

Ngamangaliswa yisinqekle esasihamba ngezinduku esasikhelezela khona emjahweni. Kwathi lapho ngisibuza ukuthi asesabi yini ukuthi sizolala ngendlala uma sidlala amahhashi sona sathi, umdlalo wamahhashi siwuthanda kangangokuba sesithatha wona umholo lona waso wezinqekle sizodlala ngawo amahhashi.

Sathi, namhlanje sizowabamba ngoba sivuke nephupho elithi kasizofakela uKick Off The Dust, ophume phambili phakathi kothuli olukhulu olwalubangwa ngamahhashi egijima, kwathi nalapho sekuyoholwa, umlungu owayeholisa wasitshela ukuthi ngalemali esiyitholile, asibofaka umlenze omusha. Naso-ke sawudulela wonke umhodlwana waso kaHulumeni. Angazi-ke ukuthi namhlanje sesawufaka yini umlenze wokwenziwa, ukuze phela singabe sisakheleza ngezinduku zokukheleza.

Uthini-ke ngesalukazi engangibona nje ukuthi siyawazi ngempela lomdlalo wamahhashi, ngoba kwakwala khona ukuthi sesigugile, kodwa hhayi, ngasibona sibambe ongezansi, sithule sithe cwaka, singakhaleli muntu, ngaphandle kwamazwi engasizwa siwashwaphushwaphuluza ngomlomo onezisini, sithi: “Namhlanje ngiluzile, kodwa ngizobe ngihleka. Nazo lezizisini zami ngiyozifaka amazinyo amhlophe!”

Omunye owangiqeda du, yindoda engayibona nje zisuka amadaka ukuthi isebenza lapho kuchithwa khona uvobo, ngoba yayisafake wona amagamubhuthi omsebenzi, isagqoke lona iovaloni layo lasemsebenzini, nomlotha ubonakala ngisho nasekhanda.

Yayilele ngesisu otshanini, ikhanda iliqamelise ezingalweni zayo. Kwathi lapho iliphakamisa ikhanda, mhlawumbe yavuswa umsindo wabantu bememeza ukuthi ihhashi eyayilifakele yilo elizihola phambili izinkabi zakwabo, yavuka maqede yathi: “Yilo-ke lelo engilibhejele, ngisanda ukuliphupha nje khona manje njengoba bengilele nje!” Uyazi-ke, lelihhashi aliphumanga ngisho nesine sodwa lesi.

See Also

Hhawu, ngomunye lomdlalo kweminye! Ngisho nababhasobhi bamahhashi omjaho uqobo lwabo, abalazi okuyilona hhashi elizophuma phambili. Nabo bayaye bafunisele njengobani nobani ophuphile, nobhulile, noqagelayo, nobhejela ujoki, nobhejela ihhashi, nobhejela umninilo, nobhejela olivivinyayo. Akekho owaziyo, ngisho nabo ojoki imbala abazi lutho. Ukuba bebazi, ngabe sibathenga ngemali, basitshele okuyilona hhashi eliyokudla ubhedu.

Ngomunye umdlalo lona phakathi kwayo yonke eminye imidlalo. Umdlalo osebenzisa imali ukuze uthole imali. Ngumdlalo ongeke usho ukuthi uyawazi. Umdlalo ongenamithetho elandelwayo, ngoba ukuba ubunemithetho, ngabe siwudlala njengomlabalaba. Ngomunye-ke umdlalo lona, ngoba udla ephaketheni ukuze kugcwale ephaketheni. Abanye badlala ngerandi lokugcina abanalo, bazuze isaza semali, baphume eThotho bemamatheka. Abanye bayidulela yonke abanayo, icwile yonke.

Namhlanje abanye bayizicebi ngenxa yomjaho, abanye bakhala ngaso linye ngakho njalo ukuphucwa izinkophe emjahweni. Abanye sebabamathambo amhlophe ngaphansi konyawo ngakho njalo ukwethuka uma bewine imali eshisiwe, baquleke uma beyibona, kudabuke uvalo, kube ukuphela kwabo njalo lokho. Abaningi bangaphansi konyawo namuhla ngokuzisusa ngokwabo kulempilo ngoba bedliwe emahhashini haze badliwa nemizi yabo. Kodwa-ke lomdlalo, ungumdlalo odlalwa ngabanethemba eliqinile, abathi noma kumnyama namhlanje, kusasa lobe likhanya ilanga. Noma beluzile namhlanje, kusasa bayobe bewinile. Uma ungenalo ithemba, ungeke uwudlale. Lona-ke ngowesiqubulo esithi: “Ithemba alibulali.” Iyaqhukeka.

Scroll To Top