Now Reading
Wajika endleleni yobuthishela, wangumculi uKeita waseMali
Dark Light

Wajika endleleni yobuthishela, wangumculi uKeita waseMali

Ekukhuleni kwakhe wayefisa ukuba nguthisha, umculo kwaba yinto angena kuyo ngoba eselahlela kanti yilapho ubizo lwakhe lukhona. Kunyakaza i-Afrika yonke uma kuphathwa igama lengwazi yomculo kuleli zwekazi uSalif Keita odabuka eMali.

Okuhlukile ngaye kubaculi nakumaciko amaningi, ukuthi uma ekhuluma ngobuzwe bakhe akagqamisi nje kuphela izwe azalelwa kulo, kepha ukhuluma nge-Afrika yonkana. Muva nje usanda kukhuluma inkulumo enyakazise abalandeli bakhe eTurkey lapho ethe, “Sesifikile isikhathi sokuba i-Afrika ivuke izithathe, iphuphe kodwa amaphupho ayo kube ngabambekayo,” 

Akakufihli ukuthi okuhle nokubi okwenzeka ezwenikazi kuthinta wonke umuntu ongumsinsi wokuzimilela noma ngabe usenhla, eningizimu kumbe enyakatho yezwekazi.

Uma echaza ngohambo lwakhe kwezomculo uthi eselwamukele ubizo wahlangana nabaculi abehlukahlukene ababedlala isiginci.

Uthi emuva kokuchitha isikhathi esiningi nabo wazitshela ukuthi naye angakwazi ukusidlala isiginci ngaphandle kwezinkinga. Emuva kokudonsa izintambo kabili kathathu wafisa ukungabe esasibeka phansi kwaba ukuqala kohambo olungenamkhawulo kuze kube yinamuhla.

Usehlonishwe emanyuvesi amaningi ezwenikazi okuhlanganisa nenkulu yasezweni lakhe, i-University of  Mali ngeziqu zobudokotela kwezomculo. Ukusebenzela i-Afrika ngokungahlukanisi amazwe kwenza wethiwa igama elithi yi‘the Golden Voice of Africa’.

See Also

UHulumeni waseTurkey nawo wamhlonipha ngokuba iqhawe elihlanganisa izizwe, futhi yiwo oweseka isikhungo sakhe sezobuciko namasiko eMali. Wazalwa ngowe-1949 nebala elimhlophe aphinde angakwazi ukubona kahle. Uphuma ebuKhosini  besizwe sakwaKeita besizukulwane se-13 soMbuso waseMali.

Ukuba ingadlangadla emculweni kubonakele ngokuthi asebenzisane nabaculi bemikhakha ehlukene kusuka kwijazz, iblues, i-Afropop kuze kuyoshaya kumculo womdanso ogijima negazi.

Scroll To Top