Now Reading
Ababonelelwe ngamaholo ancono onompempe ukuze bangalingeki
Dark Light

Ababonelelwe ngamaholo ancono onompempe ukuze bangalingeki

Ngeledlule ngihambele imidlalo ye-Safa ABC Motsepe League  eSj Smith eWema lapho bekudlala i-Ethekwini Coastal no-Umsinga United, uMkhumbane Classic neMilford FC.

Le midlalo ibe mihle kakhulu abadlali bawo wonke amaqembu bebetshengisa ukuzimisela beveza amakhono ahlukene, engikholwa ukuthi nabaqeqeshi bamaqembu amakhulu abebehambele le midlalo bababonile abanye abadlali. 

Indlela abedlala ngayo la maqembu kungenze ngakhumbula inkulumo okuhlezi kuvunyelwana ngayo ethi: “KwaZuluI-Natal, isona sifundazwe esiphethe inqwaba yabadlali bakanobhutshuzwayo abanekhono eliyisimanga”. Le nkulumo ihlezi ishiwo, abahlaziyi bakanobhutshuzwayo, izinkakha, kanye nabaqeqeshi abaningi abahlonishwayo ebholeni lalapha eNingizimu Afrika.

Engikuqaphelile ukuthi onompempe bayidlalise kahle imidlalo, iyona ngxenye leyo ebengiyiqaphele kakhulu “Yokuboza konompempe”. Njengoba imidlalo yale ligi isisesigabeni sesibili isishubile, okwenza onompempe bethathe izinqumo ezigcine zinqobisa amaqembu athize.

Okungichazile ukuthi bekukhona isikhulu seSafa esifundazweni uKwenzakwakhe Ngwenya ukuzozibona le midlalo. Ngiyakuqonda ukuthi onompempe kuba lula ukuthi bathathe imali emaqenjini, ngoba incane imali abayitholayo kodwa lokho ngikubona kuwukubulala ibhola.

Uma unompempe edlalisa ekhokhelwe usuke efaka impilo yakhe egcupheni ngoba kusuke kumele enze into okungenzeka ashawe ilelo qembu alixhophile. Muva nje ividiyo egcwele ezinkundleni zokuxhumana iNjampela ihubhe unompempe emidlalweni obukaNgcedemhlophe eMandeni, ebidlala khona neStone Breakers.

Okuyikho engifisa kwenzeke ukuthi izikhulu ze-Safa aziyihambele yonke imidlalo ukuze kuzogwemeka lesi simo. Akuphinde kwenyuselwe onompempe imali abayiholayo, ngoba nabo babhekelela imindeni yabo. Uma uhola amakinati kuzoba lula ukulingeka ngoba imali impande yesono.

Ukunqoba ngendlela kwamaqembu kuzokwenza sibe neqembu elimela isifundazwe kweyokuhlungela ukungena kuMotsepe Foundation Championship, kungabi yingoba  lisetshenzelwe imali.

See Also

Ngokwekhono engilibonile kuzokwandisa amathuba okuthi abe maningi amaqembu aqhamuka KwaZulu-Natal adlala esigabeni seMotsepe Foundation Championship.

Iqembu elagcina linyukele esigabeni esikhokhelwayo uThongathi FC okwabe kungunyaka wezi-2016/17 ngaphambi kwalapho kwabe kugcine iReal Kings ngesizini yangowezi-2015/16.

Okuwubufakazi bokuthi likhona ikhono kulesi sifundazwe ukuthi kuyimanje mahlanu amaqembu agijima kuDStv Premiership. Kukhona iRichards Bay FC esemathubeni yokuyodlala e-Africa, iRoyal AM, iLamontville Golden Arrows, iMaritzburg United na-AmaZulu FC.

Scroll To Top