Now Reading
Okwenzeka nokwenziwa ngabesifazane kwezemidlalo kuyancomeka
Dark Light

Okwenzeka nokwenziwa ngabesifazane kwezemidlalo kuyancomeka

Ngingomunye wabantu eminyakeni edlule obekhala kakhulu ngibona ukuthi abantu besifazane kwezemidlalo abakutholi ukwesekwa okwanele.

Ngalokhu bengihlezi ngizibuza ukuthi ngabe uHulumeni uthule uthini ngalolu daba ngoba phela akumina ngedwa obebona le nkinga ethathe iminyaka ikhona?

Kodwa muva kuyangijabulisa ukwesekwa kwabesifazane, cishe kuzona zonke izinhlaka zezemidlalo.

Ngizoqala kunobhutshuzwayo, kuyangijabulisa ukuthi sineligi yabesifazane ebizwa ngokuthi iSAFA National Womens League. Kule sizini le ligi inamasonto amathathu iqalile, indlela imiphumela yakhona iyiyona inginika ithemba lokuthi umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis uzoba nenkinga enhle ekutheni aqoke iqembu lesizwe.

Lokho ngikushiswo ukuthi baningi abadlali abanekhono, okungakuhle bagcine beliveza eqenjini lesizwe. Kule ligi kunamaqembu ali-16 okufaka namabili angomakoti kule sizini okuyiJVW FC yaseGoli neMa-Indies Ladies yaseLimpopo. 

La maqembu anqoba emidlalweni yokuhlunga emva kokunqoba ezifundazweni zawo iligi yeSasol Women’s League.

Amanye amaqembu agijima kule ligi iMamelodi Sundowns Ladies FC, iBloemfontein Celtics, iTshwane University of Technology (TUT) FC, i-University of Johannesburg (UJ) FC, i-University of Western Cape (UWC), ITsunami Queens yaseFree State, iThunderbirds Ladies yaseMpumalanga Kapa, iCoal City Wizards yaseMpumalanga, iDurban Ladies FC yaKwaZulu-Natal, iFirst Touch Academy yaseLimpopo, iGolden Ladies yaseNorth West kanye neRichmond Ladies yaseNorthern Cape.

Abadlali abaningi bathole ithuba lokuyodlala phesheya kwezilwandle ngayo le ligi. Omunye walabo badlali uLebogang Ramalepe odlalela iDinamo Minsk, yaseBealurus. Okungichazayo ukuthi impelasonto nempelasonto kuba nomdlalo ovezwayo kuSABC 1. Inhlangano ephethe unobhutshuzwayo kuleli iSouth Africa Football Association (SAFA), ngesonto eledlule imemezele ukuthi le ligi isixhaswe abakwaHollywoodbets kanti isizobizwa ngokuthi iHollywoodbets Super League.

Ngaphandle kwale ligi kuphinde kube khona iSasol League yona edlalwa ngokwehlukana kwezifundazwe, nayo enabadlali abanethalente eliyisimanga. Ngikhuluma ngale ligi nje, iqembu eligijima kuyona laKwaZulu-Natal iSunflower WFC linabadlali abangaphezulu kwabayisi-5 abagiima eqenjini lesizwe.

Abanye abadlali abakhiqizwe iSasol League ukubala amambalwa nje, uJanine van Wyk weGlascow City yaseScotland, uRefiloe Jane we-AC Milan Italy, uKeslo Peskin weStade Brestois yaseFrance,  uThembi Kgatlana noNoko Matlou beSD Eibar, u-Amanda Mthandi weCD Badajoz yaseSweeden noLinda Motlhalo weDjurgardens IF.

See Also

Nakwezomnqakiswano ngesifanayo njengoba lo mdlalo usunakwe kakhulu. Buka nje iNingizimu Afrika iyizwe lokuqala ezwenikazi i-Afrika ukusingatha iNdebe YoMhlaba yalo mdlalo ezokuba ngonyaka wezi-2023. Ngeledlule kube izindaba ezimnandi njengoba kwethulwe ngokusemthethweni iligi yezikole ebizwa ngokuthi iDStv Schools Netball Challenge, exhaswe ngabakwaMultichoice. 

Ukaputeni weSpar Proteas uBongiwe Msomi uqokwe njengenxusa lalo mqhudelwano.

Kukhilikithi, iMomentum Proteas yenza kahle kakhulu emidlalweni ye-One Day International (ODI) lapho ikeliswe endaweni yesibili emva kompetha bomhlaba i-Australia. Emidlalweni yeT20 International isendaweni yesi-5.3. Umdlali wakuleli uLizelle Lee ukeliswe endaweni yesibili kwabaphonsa amabhola kweye-ODI, uMarizanne Kapp yena ukweyesithathu kwabashwiba amabhola, uKapp kwabakwenza konke ungowokuqala.

UMphathiswa WezobuCiko, Amasiko, Ezemidlalo nokuNgcebeleka esifundazweni iKwaZulu-Natal uNkk uHlengiwe Mavimbela, yize kwakukhona ababethi ngeke akwazi ukuphatha lo Mnyango njengoba engowesifazane nje, kodwa ngikholwa ukuthi amathe abuyele kwasifuba manje njengoba enza kahle nje kulo Mnyango.

Kwezamankomane oyiSikhulu Esiphezulu kulo mdlalo ngowesifazane uCindy Nkomo.

Scroll To Top