Now Reading
UPhama nohlamvu lommbila
Dark Light

UPhama nohlamvu lommbila

UPhama wayenohlamvu lommbila. UMama wayengazi ukuthi kwakuwuhlamvu olunomlingo.

“Ngelinye ilanga, lolu hlamvu luzokondla isizwe,” kusho uPhama. UMama wahleka nje.

UPhama watshala uhlamvu lwakhe, isithombo sase silokhu sikhula, sikhula.

Sakhula saya phezulu kakhulu, saze sayosithela emafini. “Ngizogibela ngize ngiyofika esicongweni,” kusho uPhama.

UBaba wanyipha. Kwahlokoma izwi elikhulu. “Ngcingci, nanso inyamazane izithela kimi phela!

Nginukelwa yigazi lomfanyana!” Kwakuyisiqhwaga esinenhliziyo embi. “Ngibambe phela uma ungase ukwazi,” kugcona uPhama. UPhama wabona isikhwama somlingo. Ngaphakathi kwaso kwakunegolide lonke elake lembiwa yisizwe salapho.

UPhama wabona umculi onomlingo. Wayazi wonke amaculo ake aculwa yisizwe.

UPhama wabona ihansi elinomlingo. Lalizalele iqanda legolide elalingatholwa yiwo wonke umuntu.

See Also

“Ngizokubuyela nomcebo Gogo,” kumemeza uPhama eqondise kuGogo wakhe owayemi phansi.

UGogo wavele waphefumulela phezulu. UPhama wakha isikhwebu esesilungile ohlangeni lommbila.

Wasosa emlilweni. Wancibilikisela ibhotela ezinhlamvini zegolide zommbila kanti-ke lelo phunga lase likhuphukela emakhaleni esiqhwaga. “Ngilethele uthi lwami lokuvungula olukhulu kakhulu,” kumemeza isiqhwaga.

UPhama wayengasekho lapho. Sasingasekho nesikhwama. Kanye nomculi. Kanye nehansi. Kwakungasekho luhlanga lommbila futhi. Angithi phela lwase lugencwe lwawiswa phansi uPhama.

Scroll To Top