UMotshidisi uzishaya isifuba




Uzishaya isifuba ngokuba ngowesifazane wokuqala omnyama ukuba ngumethuli oqavile webhola lombhoxo, uMotshidisi Mohono.
Le ntokazi eqale ukusakaza kuYfm yaseGoli isiphenduke ubuso bebhola lombhoxo esiteshisini sikamabonakude iSuperSport.
UMohono ophinde abe ngumethuli wohlelo lwezemidlalo kuRadio 2000 uxoxe nelaboHlanga ngokukhula kwakhe ngesivinini njengomethuli wezinhlelo.
“Angikaze ngicabange ukuthi ngingakhula ngokushesha okungaka. Ibhola lombhoxo lisathathwa kakhulu njengomdlalo wabamhlophe. Yebo, indlu emnyama ingenisile kulezi zinsuku kodwa lisekhona igebe kwabesifazane. Ngijabule ngokuthi ngingomunye wabesifazane ogqugquzela abanye ukuthi bangene kulo mdlalo. Ukuthuthuka kwami kukhomba kona ukuthi ayikho into engenzeki empilweni uma uphokophele kuyona,” kubeka uMohono.
Ngokokuzalwa uMohono udabuka endaweni yaseKatlehong, eGoli.
“Ngikhule ngivele ngizifela ngezemidlalo ezahlukene. Nami ngisafunda isikole bengizidlala ezemidlalo okubalwa kuzona ibhola lomnqakiswano nezokusubatha. Ibhola lezinyawo nelombhoxo angizange ngilidlale kodwa ngikhule ngizilandela zombili lezi zinhlobo zemidlalo. Njengentombazane esuka elokishini ngikhule engekho amaqembu amaningi asefazane ebhola lombhoxo. Yingakho ngigxile ebholeni lomnqakiswano nezokusubatha,” kuqhuba uMohono.
Le ntokazi isuke yaqokwa njengentatheli evelele eNingizimu Afrika emunxeni wezintatheli ezivutha uphondo kumaSouth African Awards.
“Kwaba ngumzuzu omkhulu kakhulu. Angisoze ngawukhohlwa empilweni yami. Ukunqoba lo mklomelo kwangibeka ebalazweni. Kwangenza ngahlonipheka ngomsebenzi wami okuyinto engijabulisayo. Mina ngifuna ukuduma ngomsebenzi wami omuhle hhayi ezinye izinto. Yingakho ngingathandi ukuphila kakhulu impilo yami yangasese esidlangalaleni. Njengamanje ngiphila impilo yamaphupho ami. Ngisemsakazweni nakumabonakude futhi ngenza into engiyithandayo. Ngizizwa ngikhethekile. Ngifuna nokubonga umndeni wami nomdali ngale mpumelelo,” kuchaza uMohono.
Le ntokazi eneminyaka engu-34 ubudala ifunde e-Alberton Primary School naseMarias Viljoen High School ngaphambi kokuthi idlulele eNyuvesi yaseGoli.
“Okwamanje ngishade umsebenzi wami. Okwamanje indaba yomshado ayikho emqondweni. Ngisafuna ukukhula emsebenzini wami ngiphinde ngenze imali. Sizofika isikhathi sokwenza izingane nokuthola umkhwenyana,” kubeka uMohono.
Kulo nyaka uMohono ulangazele iNdebe yoMhlaba.
“Ngijabule ngokuthi ngibe yingxenye yethimba ebelenza iNdebe yoMhlaba ngesikhathi Amabhokobhoko eba ngompetha bomhlaba. Njengamanje ngizimisele ngokwenza iNdebe yami yomhlaba yesibili. Kungakuhle kakhulu uma naMabhokobhoko engaphumelela. Kulo nyaka ezinye zezifiso zami. Uma ngingathola nomklomelo ngohlelo lwami lwezemidlalo ku-2000 ngingajabula kakhulu,” kuphetha uMohono.