URamaphosa noMagashule bavika ngamagatsha



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kubukeka zombili izinhlangothi zimatasa zikhonga ziqomisa izinhlaka zeqembu
Inkulumo eyejwayelekile kuKhongolose ngethi ‘amandla asemasebeni’ okuwukuthi zonke izinqumo zisemagatsheni enhlangano nokuyiwo athatha izinqumo ekugcineni. Ukuba mqoka kwezinhlaka zeqembu kuKhongolose kubukeka kusetsheziswa yizinhlangothi ezimbili ngezizathu ezahlukene.
Kuqale uNobhala Jikelele weqembu, uMnu uMagashule ngesikhathi ekuveza ngonyaka owedlule ukuthi abafuna ukukhipha yena esikhundleni ngeke baphumelele ngoba yena wabekwa zinhlaka zeqembu, amagatsha.
Lokhu kwakha isithombe esithi uma ukukhuluma kumehlula eSigungwini Esikhulu seqembu useyobeka udaba lwakhe emagatsheni. Abaningi bayisola le nkulumo ngokuthi ibukela phansi izinqumo zezinhlaka ezithile.
Muva nje noMengameli uRamaphosa useveze ukuthi kuyena kakudikizi nqulu ephendula labo abathi emhlanganweni wamaphakathi nehlandla, iNational General Council akekho oyomkhipha esikhundleni. Uthi yena uyokhishwa umhlangano omkhulu iNational Conference.
Lokhu uRamaphosa ukusho emcimbini wokukhumbula uNkk uKaMadikizela Mandela.
“INGC imayelana nokubuyekeza inqubomgomo yeqembu nokubuka ukuthi engabe sekwenzekeni ezinqumweni ezathathwayo, emuva kwalokho siba nomhlangano wokukhetha abaholi, kulokho ongowezi-2022,” kusho uRamaphosa.
Bobabili uMagashule noRamaphosa kubukeka bebeke amathemba abo emagatsheni nokusobala ukuthi azoba wumnqakiswano njengoba zombili izinhlangothi zizobe ziwavukuza ukuze kugcine zona.
Injolozela manje isekutheni ngabe uMagashule nabanye bazoma yini ukuhola izinhlaka zeqembu njengoba uhlaka lukazwelonke luthe ezinsukwini ezingama-30 akube njalo.
Kukhona ukuqagela ukuthi lo mholi nezakhe bamatasa bahlomisa izinhlaka zeqembu ukuba ziphikisane nesiqumo sokumisa abanamacala.
Konke lokhu kwenza izinkulumo zabaholi zokubuyisana zibe yihlaya. Okunye uMagashule asolwa ngakho wukuhlomisa impi ngaphakathi emahhovisi eqembu nokuyimpi enhloso yayo ‘wukuketula uKhongolose’.
Abanye abaholi beqembu sebelibeke ngembaba ekutheni ikhona ingozi yokuthi kuvuke iqembu elisha njengoba kwenzeka ngowe-1959 mhla kuqembuka iPan Africanist Congress (PAC) neyabe ihilwa ngamalungu kaKhongolose babuya benza isibonelo nangeCongress of the People (COPE) eyabunjwa ngababenengwe wudaba lukaMbeki.