Bazobhema bakholwe ngamankomane anenkosi phakathi eMnambithi



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
USanele “Theo” Mhlungu ufuna ukubonga abaqeqeshi nomqhathi wakhe ngokuthi abanqobele ibhande azolilwela namuhla ngoLwesihlanu.
UMhlungu oyibhokisa laseSibongile eDundee uzozwana amandla noMfanuvele Ntuli wasoLundi, bazobe bebanga ibhande laKwaZulu-Natal Flyweight neliphethwe uNtuli. Le mpi ingoyosuku kulezi zimpi ezihlelwe iHlula Dladla Boxing Promotions kaHlula Dlala, zizobanjelwa eMnambithi Indoor Center kusukela ngelesi-18:00 kuzongenwa mahhala.
Ngaphandle kwempi kaMhlungu noNtuli, enye impi ebhekiwe ekaKhanyisani Mbokazi ozobe evikela ibhande lakhe leKZN Junior Light kuSandile Dumisa.
“Ngibonga kakhulu ngokuthi ngithole le nqayizivele yethuba lokulwela ibhande lesifundazwe. Njengoba bengizilungiselela, akukho engingakwenzanga ukungena kwami eringini ngifuna ukuphuma sengiwumpetha. Ngalokho ngoba ngibonga abaqeqeshi bami kanye nomqhathi wami” kusho uMhlungu oqeqeshwa uMtuseni Dube noNkosinathi Thusi.
Ugcine eringini ngoZibandlela ebhekene noSihle Mkhonza amhlula kumzuliswano wokuqala ezimpini ezabe ziqhathwe iHle-Jobe Boxing Promotions, eDundee. “Ngifuna ukuqhubeka nalapha engigcine khona ngoZibandlela, ukuthi nginqobe ukunqoba kwami namuhla kuzocacisa okuningi ngekusasa lami. Kuningi engisakubhekile esibhakeleni, ngalokho mangithola ithuba elikanjena kumele ngisebenzele phezu kwalo” usho kanje.
Imbangi kaMhlungu enguNtuli ibhande ilithathe nyakenye ehla ngomcacamezelo womlalisa phansi uSibonelo Maseko emqhudelwaneni weLudonga Boxing Promotions owawusoLundi.
Udalule ukuthi yize engakaze ayibone imbangi yakhe kodwa lokho akumfaki itwetwe emadolweni.
“Kwesinye isikhathi kuyasiza ukuthi angazi ukuthi umuntu ozodlala naye ulwa kanjani. Uma wazi ukuthi uyashaya, ungena eringini kwesinye isikhathi usaba. Uma wazi ukuthi asilwi kahle, uyaseya bese uzithola usenkingeni” kusho uMhlungu.
Ezimpini ezinhlanu, uMhlungu azilwile unqobe ezintathu, wahlulwa kweyodwa walwa ngokulingana kweyodwa. UNtuli kweziyisithupha azilwile unqobe ezinthathu waphinde wahlulwa ezintathu. Ziyisishiyagalombili sezizonke izimpi zomqhudelwano weHlula Dladla Boxing Promotions.
ElaboHlanga liphinde lakhuluma noDladla, obalule ukuthi abantu kumele baphume ngobuningi babo bezothamela lezi zimpi okuzobe kuqhuza umentshisi kuzona.
“Okwesibili iHlula Dladla Boxing Promotions iqhatha nonyaka, ngaphandle kokungabaza izimpi zizoba seqopheleni eliphezulu njengoba kuzobe kunezimpi ezimbili zamabhande. Ngokubambisana neBoxing South Africa (BSA) noMnyango wezeMidlalo sizimisele ukubuyisa lo mdlalo kubantu, engikholwa ukuthi like lehla izinga lawo” kusho uDladla.
Okuyisizathu esenze bayisa izimpi eMnambithi ingoba bafuna ukuhlonipha uDkt Bhekizizwe Joseph Shabalala ongumsunguli weLadysmith Black Mambazo.
“Kulokhu sibambisane neJoseph Shabalala Foundation, ukuhlonipha iqhawe. Emini kuzoba nomculo okuzobe kuwona kukhulunywa nangeMarathon ahlonishwa ngayo. Kusihlwa abantu bazobe sebehlangana ezimpini, kungenwa mahhala” usho kanje.
Uphinde wabalula ukuthi ngoNhlangulana bazoqhatha uGcina Makhoba ophethe isicoco seWBF Junior Bantamweight.
Zihlelwe kanje ezinye izimpi zeHlula Dladla Boxing Promotions:
USebelo Cebekhulu noSoul Hlungwani, u-Andile Sibisi noLungisani Mkhize kwiFeatherweight, uSanele Ngcobo noNtokozo Mthonti, uSechaba Zuma noSihle Shange kwiBantamweight, uThabiso Makhanya noCaiphas Manele kwiJunior Middleweight, kube ekaNkosingiphile Sibisi noNtshidze Mashila kwiFlyweight.