Balifulathele leli osomankomane beyozicijela izimpi ezizoba e-India
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UMengameli weSouth African National Boxing Organisation (Sanabo) kazwelonke uSiyabulela Mkwalo uthi ukuhamba ngaphambi kwesikhathi kwezintokazi ezizomela iNingizimu Afrika kowe-IBA Women’s Boxing Championships, kubukeka kuyikho okuzoletha umthelela omuhle.
Lezi zintokazi ezintathu uThandolwethu Mathiba, uLethokuhle Sibisi noPhiwokuhle “Ben 10” Mnguni bafulathele elakuleli ngoLwesihlanu olwedlule, ukuyozilungiselela lo mqhudelwano ozobanjelwa eNew Delhi, e-India kusukela mhla zili-14 kuya mhla zingama-26 kwephezulu.
“Senze isiqiniseko sokuthi lezi zintokazi zihamba kusenesikhathi, kujwayelekile ukuthi abantu behanjiswe kusele izinsuku ezincane ngaphambi kokuqala ko mqhudelwano nokufaka ingcindezi enkulu. Kulokhu bazokwazi ukuhlala izinsuku ezili-10 ngaphambi kokuqala umqhudelwano, bazobe sebefunde okuningi njengoba namanye amazwe asevele efikile khona eNdiya. Bazophinde befunde nangempili yakhona, okuzokwenza bengabi nokuxwaya ngaphambi kokuqala kwawo umqhudelwano” kusho uMkwalo.
UThandolwethu uzobe elwa esisindweni sama-50kg, uLethokuhle kwesama-54kg kuthi uPhiwokuhle alwe kwesama-57kg. Zontathu lezi zintokazi ziqhamuka eDundee.
Zihambe nomqeqeshi onamava kakhulu uMandeli Happy Mngqibisa.
Inhloso enkulu yalo mqhudelwano ukuqala ukuhlungela ukuya kumqhudelwano wama-Olympics azokuba ngonyaka ozayo eParis, eFrance.
Ukuqokwa kwalezi zintokazi kususe ukukhuluma, kuthiwa uMkwalo ukhetha iphela emasini. Kungani kuqokwe izintokazi eziqhamuka esifundazweni iKwaZulu-Natal, ekubeni kanti naye eqhamuka kuso lesi sifundazwe.
Eziphendulela uthe: “Sisizwile leso sikhalazo, kodwa ngikholwa ukuthi abantu abangazi labo ababeka lombono wokuthi ngikhetha iphela emasini. Lezi zintokazi azivelanga zaya e-India kodwa kuqalwe kwahlungwa kukhona zonke izifundazwe. Kwaba ukuthi abaqeqeshi babona ukuthi lezi zintokazi zingakwazi ukusimela. Nomqeqeshi naye uqokwe ikomiti lihlangene lonke labaqeqeshi yena udabuka e-Eastern Cape. Kwabesilisa abazoya kumqhudelwano ofanayo abathathu badabuka e-Eastern Cape oyedwa kube owaseGoli. Nabo akubanga ukuthi bayenzelelwa kodwa ingoba kumele baye kosimela” kusho uMkwalo.