Iyawuzala nkomoni? Ibutho likaRamaphosa lehlandla lesibili



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Abanye bathi ihlandla lesibili nokuvame ukuba kube ngelokugcina kupolitiki liyamushintsha umuntu. Kanti abanye bathi kungalesi sikhathi lapho kuvela ubuyena. Kwabana lombono ihlandla lokuqala umholi usuke esezwa amanzi ngobhoko eqinisekisa ukuthi uyazinza.
Empeleni usuke akhela ihlandla lesibili nokuyilo eliqopha lokhu okungaba ngumlando omuhle noma omubi. UMengameli waseNingizimu Afrika uMnu uRamaphosa ngoZibandlela ungene kwihlandla lesibili lokwengamela iqembu lakhe i-African National Congress (ANC).
Lokhu kumenze wakwazi ukuqhubeka nokuhola iNingizimu Afrika egameni leqembu lakhe. Konke lokhu kwenzeka ngesikhathi esilukhuni ngaphakathi nangaphandle kweqembu. Ngaphakathi yize aqokwa kepha ukwahlukana nokuqembukelana kumalungu eqembu akuphelile kusaqhubeka. Ngakolunye uhlangothi izwe aliholayo libhekene nalo lonke uhlobo lwezinkinga kakhulukazi inkinga kagesi.
Lokhu nokunye kwenza inhloso yakhe ekuqokeni ibutho elisha kwikhabinethi ingabi yimfihlo. Uzokhetha abantu abazovumelana naye ngezinkinga zezwe kepha kakhulukazi nendlela yakhe yokucabanga uma kufika kwiziphakamiso. Abantu abazomeseka ekuqopheni umlando wakhe omuhle kwipolitiki yakuleli nokuyisifiso sayinoma yimuphi umholi. Kepha ekwenzeni lapho kuzomele akhiphe noma afake abantu abathile ezikhundleni ezimqoka. Akukhona ukuthi kabekho abantu enhlanganweni yakhe , kepha okunye okukhona ukuqembukelana nokumphoqa ukuba acophelele.
Uma esememezela izindlebe zizobe zilinde ukuzwa ukuthi uyalimemezela yini igama likaDkt uNkosazana Zuma noma uMhlonishwa uLindiwe Sisulu. Laba bobabili ngesikhathi kukhankaswa kabakufihlanga ukuthi kabeneme ngoRamaphosa. OkukaDkt uMaDlamini Zuma kwaze kwedlulela njengoba waba ngowokuqala ukuphakamisa isandla ePhalamende evotela ukungabethembi ubuholi bukaRamaphosa ephikisana nesinqumo senhlangano esabe sithi zonke azivotele ukubethemba.
UMaXhamela (abakwaSisulu) yena wagxamalaza, kwathi sekukuvuthondaba wabe eseba nento emphuthumisa emnyango. Ukucijisa imikhonto ngalolu daba , uMaDlamini Zuma ebuzwa ngoZibandlela emuva nje kokuqokwa kobuholi obusha wathi uzophefumula ngekusasa lakhe kuhulumeni ngoMasingana nonyaka nokwaqinisekisa ukuthi naye unawo umuzwa wokuthi angahle akhonjwe indlela.
Uma egcina emkhiphile uRamaphosa kuyobe kuhambe ilungu elinamava cishe kunawo wonke njengoba aqala ukuba ngungqongqoshe ngesikhathi sikaMnu uMandela wabuye waba nguSihlalo we-African Union Commission nowayengowokuqala ukusibamba njengowesifazane.
Ngasohlangothini lukaMaXhamela uma emkhipha uRamaphosa uyobe eshaye ikhanda komunye wemindeni ehlonishwayo kwipolitiki yakuleli nengoba eyindodakazi kaMnu uWalter Sisulu nomama uAlbertina Sisulu.
Omnuye okubhekwe ukuthi uzomenza njani nguMnu uGordhan . Yize abanye bathi uzisizile lomholi ngokuba angangeneli isikhudla sobuholi bukazwelonke beqembu, kepha kukhona abathi kaneme vele ngoba bayabanga noma kababoni ngasolinye noMantashe manxa kufika ku-Eskom. Umbuzo uthi uRamaphosa uzokhetha bani phakathi kwabo bobabili?
UMantashe nguye obukeka enamandla njengoSihlalo weqembu kanye nomuntu owavikela uRamaphosa kukubi nokuba uphethe namuhla. Ukukhuluma kuthi nguye uMantashe owanqanda uRamaphosa esefuna ukwehla esikhundleni emuva kombiko ngePhala Phala. Kwabaningi yize uMnu Mashatile ezoba yiSekela Mengameli kepha uMantashe njengoba kwenzeka ngoMabuza nguye ozoba namandla.
IKwaZulu -Natal imqoka kuRamaphosa nanamuhla. Yize ingekho ebuholini obuphezulu kepha umsindo wayo uyezwakala. Okwamanje kwikhabhinethi likaRamaphosa kukhona abaholi baKwaZulu-Natal asebemnkantshubomvu njengo Mhlonishwa uCele, uMchunu, uMthethwa noDkt uDhlomo. Kulindeleke ukuthi laba bajoyinwe nguMnu uSihle Zikalala obenguNdunankulu esifundazweni osekhuphukele ekubeni yilungu lePhalamende. UZikalala kulindeleke ukuba abe nguNgqongqoshe noma iSekela.
Uma kube njalo lokhu kuyokhipha umlayezo othi abami naye uRamaphosa uyababonelela nokungenza babe baningi KwaZulu-Natal abazoqoma ukumeseka noma ukungamcijiseli imikhonto.
Okunye okuzobhekwa yibala labantu abazoqokwa kwikhabhinethi. Izinkomba zithi bayaqhubeka nokuncipha abezinye izinhlanga ebuholi bukazwelonke ku-ANC uma uqhathanisa nesikhathi sikaMandela noMbeki. Abakhona ngabadala akukaze kube khona abasebasha. Umbuzo uthi uRamaphosa uyokuguqula yini lokhu nokuthi uzobathathaphi babengekho kwingqungquthela? Okusobala wukuthi into eyobe imqoka ekukhetheni ngale kwepolitiki yangaphakathi eqenjini, uRamaphosa uyoqoka labo abayomlekelela ekuqopheni igama lakhe emlandweni wakuleli.