Iwephi? Ukudunguzela kweTheku akukusha
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Yize indaba egudwini ingamacala aloyo owayeyiMeya uNks uZandile Gumede nosolwa ngamacala abucayi aphathelene nenkohlakalo nokugxambukela ezindabeni ezithinta ukunikezwa kwemisebenzi. Izinkinga zobuholi kulomasipala zindala kanti zithinta ubuholi obuphezulu (osopolitiki nezikhulu) nomsanka wenkohlakalo.
Ngonyaka wezi-2011 kwaba nezinsolo zenkohlakalo yethenda yezigidigidi ezintathu zamarandi eyayithinta inkampani i-Environmental Waste Solution (EWS) okwavela ukuthi owayeyiMeya yoMkhandlu iTheku ngaleso sikhathi uMnu u-Obed Mlaba nomndeni wakhe babenevenge kuyo ngandlela thizeni. Ukukhuluma kwangaleso sikhathi kwabe kuthi uXimba (abakwaMlaba) nowayesezophuma esikhundleni wabe ‘eseqoqa’ ukuze kuthi angaphuma ungafi umbele.
Lezi zinsolo zaqina ngesikhathi kuvela ukuthi ngokwamaphepha umnikazi nowayenamasheya amaningi ku-EWS, kwabe kunguMnu uRichard Wardrop inkampani yakhe yaqokwa uMasipala njengengakwazi ukwenza umsebenzi wokuguqula imfucuza ikhiqize amandla kagesi esizindeni sokulahla udoti esikuBisasar Road, eThekwini.
Okunye okwavela kwaba wukuthi i-EWS yaqokwa nakuba kwakunombiko kacwhepheshe wophiko lukadoti kulo Mkhandlu owawuveza ukukhathazeka ngokuthi ayinawo amandla okwenza lo msebenzi. Ngokwemibiko kachwepheshe eyathunyelwa ekomitini eliqoka izinkampani ezizokwenzela lo Mkhandlu imisebenzi, enye inkampani yaseThekwini iRe-Ethical yiyo eyayifake isicelo esiqondile futhi kwakufanele inikwe lo msebenzi. Okwabe sekuvela ukuthi amadodakazi kaMlaba nabanye babe sebesungula inkampani eyayibizwa ngokuthi yi-Own Environmental Waste Solutions (Pty) Ltd yanikezwa umsebenzi kwaphuma ekaWardrop.
Umbiko kaManase
Zaqhubeka nokumlandela izinsolo uXimba njengoba ngoNhlolanja wezi-2012 yena nowayeyiMeneja yalo Masipala, uMnu uMichael Sutcliffe, babalwa nezinye izikhulu ekungenzini kahle okuhlanganisa inkohlakalo, ukungaphathi kahle embikweni wophenyo olwalwenziwe iManase & Associates. Lolu phenyo lwalujutshwe uMphathiswa Wezokubusa Ngokubambisana KwaZulu-Natal, uNomusa MaDube Ncube, ukuphenya izinsolo zokukhwatshaniswa kwamathenda, inkohlakalo nokukhwabanisa okwakuthinta izikhulu eziphezulu kulo Mkhandlu.
Lokhu kwalandela umbiko wowayenguMcwaningimabhuku uMnu uTerence Nombembe wangowezi-2009/10 owathi uMkhandlu iTheku usebenzise kabi imali eyizigidi zamarandi ezingama-532. Ngaleso sikhathi uMaDube Ncube wathi umbiko wathola ukusetshenziswa kwemali ngendlela engafanele wuMasipala iminyaka emithathu eyayibalelwa ngaphezu kwezigidigidi zamarandi ezi-2.188.
Umbiko waveza nokuthi kwakungalandelwanga umthetho olawula ukusetshenziswa kwemali kaMasipala, iMunicipal Finance Management Act, kwasetshenziswa kabi umgomo wokukhishwa kwemisebenzi okuphuthumayo ukuze kunikwe imisebenzi izinkampani ezithandwa ngabathile.
Waphinde wadalula ukuthi kwakunobufakazi obanele bokuthi uMlaba wasebenzisa amandla akhe njengeMeya ngokungafanele ukunika inkampani ayenobudlelwano nayo umsebenzi kulo Masipala. Kwatholwa ukuthi uSutcliffe wehluleka ukubika izenzo zokukhwabanisa emaphoyiseni ngokwenzenjalo wephula uMthetho Wokusetshenziswa Kwemali KoMasipala noWokunqandwa Nokulwa Nezenzo Zenkohlakalalo (Prevention and Combating of Corrupt Activities Act. Ngokombiko, uSutcliffe waze waveza izenzo zenkohlakalo emuva konyaka lapho ayehlatshwa ngemibuzo abaphenyi ababehlanganisa lo mbiko. Kwavela ukuthi okungenani amakhansela ali-10 ayesasebenzela uMkhandlu nayengasekho nezikhulu ezingaphezulu kwezili-13, babesolwa ngenkohlakalo nokwephula umthetho ngokwenzela uMasipala imisebenzi nokwehluleka ukukuveza lokho.
Sekuwumlando ukuthi uMlaba owagcina ejutshwe ukuba yiNxusa lakuleli e-United Kindom (UK) emuva kokushiya kwesobuMeya, uke waphinde wasolwa ngokusebenzisa leli Hhovisi ukuzihlomulisa. Usolwe ngokusebenzisa isikhundla sakhe ukuzihlomulisa yena nenhlangano yakhe esiza umphakathi. Kuthiwa wayesebenzisa amaphepha anegama likaHulumeni waseNingizimu Afrika ukuhlanganisa izivumelwano zamabhizinisi akhe.
Ngesikhathi ekhonjwa indlela eLondon, abenhlangano iSouth African Business Abroad (SABA) nokuyiqoqo losomabhizinisi onhloso zabo kuwukukhongela elakuleli abatshalizimali, bathi ngomlomo womsunguli wayo uMnu uXolani Xala nowathi uMlaba ‘yiqola isibili’: “Inhlangano iSABA ayinandawo yemigulukudu, futhi asizihlanganisi nezigelekeqe. UMlaba kufanele aboshwe, akaboshwe avalelwe iminyaka yilapho okufanele ahlale khona nabangani bakhe. Simile ekwenzeni ngokusemandleni ethu ukuthuthukisa amabhizinisi hhayi imigulukudu,” kusho uXala.
Muva nje kuvele izinsolo ngaloyo osanda kuqokwa njengeMeneja kaMasipala uMnu uMusa Mbhele osolwa ngokungalivezi lonke iqiniso ngezinsolo abhekene nazo kandu kokuba aqashwe. Kuthe kusenjalo oyiNhloko yakwaNdabazabantu kuMasipala uNks uKim Makhathini kwavela izinsolo zokuthi waqashwa engenazo iziqu ezifanele kwathiwa waveza ezingumbombayi.