Abakhuzi bempi yokhetho lwezi-2024: Ngelikabani iqhingasu elizophumelela?



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kunoma yiyiphi impi kuba khona amagumgedlela ayibamba phansi kepha nawo akhuzwa ngabakhuzi bempi. Laba kuba ngabantu abanolwazi olunzulu lwezempi, abaqonda isitha njengoba beqonda amandla nobuthaka bempi yabo.
Kwipolitiki bakhona abantu abanjalo ngesikhathi sokhetho, okuyibo abaqhamuka nemikhankaso yokhetho. Abanye baba ngubuso beqembu kanti abanye babe ngemuva basebenze iqhingasu beluse namafolosi.
Emlandweni kaKhongolose babili abantu okungephikiswe ukuthi bangochwepheshe ekuqhubeni imikhankaso kakhulukazi leyo ethinta abantu abasha nabantu emazingeni omphakathi. Laba baholi nguMnu uFikile April Mbalula onguNobhala Jikelele we-African National Congress (ANC) noMnu uJulius Sello Malema onguMengameli we-Economic Freedom Fighters (EFF).
Kuningi okufanayo ngalaba baholi nokwenza ukuncintisana kwabo kubhekwe ngamehlo abovu. bobabili inkaba yabo yepolitiki ikuVukayibambe, i-ANC Youth League. Bobabili bake baba ngomengameli balolu phiko ezikhathini ezehlukene, kepha okukhulu kakhulu bangabangani.
Indlela yabo yokukhuluma (phezulu) iyefana kanjalo neyokuchaza izinto. Banomfutho wokwenza kanti futhi bayazibambela mathupha. Ezinkundleni zokuxhumana balandelwa zihlelwe. UMalema ku twitter unabalandeli abayizigidi ezi-3.7. UMbalula yena kutwitter unabalandeli abayizigidi ezi-2.9.
Eminyakeni eyedlule uMalema bekulula ukuba ajivaze abaholi be-ANC nabebabiza ngamakhehla njalo njalo. Ubekwazi nokukhuluma ngabo ezonkundleni zokuxhumana lapho abanye abangekho khona.
Ngokuqokwa kukaMbalula kubukeka zizothatha kushunqe uthule phakathi kwabo nabalandeli babo. Empeleni uMbalula useqalile ukuguqula izinto ngendlela uKhongolose osuxhumana ngayo.
Esikhathini nje esingaphansi kwenyanga usekwazile ukuphuca iqatha emlonyeni amaqembu aphikisayo ngodaba luka-Eskom. Esikhathini esedlule amaqembu aphikisayo abezenzela nje impi yawo eyithela kuRamaphosa nakulo iqembu elibusayo.
UMbalula ngeqhingasu lakhe lezokuxhumana ukuguqulile lokho, manje sekunguRamaphosa okhuluma ngesixazululo. Naye uMbalula usebize umhlangano ‘wongoti’ ukuzodingida udaba luka-Eskom. Ngalokhu uyaphumelela ekususeni impi ngo-Eskom kuKhongolose noRamaphosa enze lolu daba lube ngolwabantu baseNingizimu Afrika.
Ngalolunye uhlangothi kubukeka uMalema ewuqonda lomdlalo kaMbalula. Kuthe lapho uMbalula ehlangula uRamaphosa ne-ANC uMalema wamemezela ukuthi abe-EFF bazomisa konke okunyakazayo ngomhla zingama-20 kuNdasa. Uthe ngalokhu bakhonondela ukucishwa kukagesi khona lapho bafuna uRamaphosa ehle esikhundleni.
Lenkulumo ngokusobala ibuyesela i-ANC noRamaphosa obishini. Ukuqoka kwe-EFF umhla zing ama-20 nakho kunenkulumo, kungumgoga lolu wusuku olwandulela umhla zingama-21 kuNdasa okuwusuku lapho amaphoyisa abulala aboHlanga eSharpeville. Uma ukungqubuzana kungahle kube kulelo zinga uKhongolose uyothwala ichilo njengohulumeni wobandlulo owadla aboHlanga.
Lona kuyoba ngumzulwisano wokuqala kweminingi ezayo phakathi kwalamadoda amabili. Womabili inhloso wukunqobela iqembu ngokhetho oluzayo. AbaseNingizimu Afrika, umphakathi osezinkundleni zokuxhumana awulindele umdlalo omuhle nozocija inqumo yedemokhrasi futhi wenze ukhetho oluzayo lube ngoluhlabahlosile.
Abantu kabalinde umsindo, ukuklolodelana nenjeje kokunye. Umbuzo uthi njengoba lamadoda aziwa ngamaqhinga uma kufika ekugovuzeni abantu, ekukhulumeni nasekwenzeni, uthi kulokhu ngelikabani iqhingasu elizophumelela.