Uyise kaMchunu uthi kuyamkhathaza ukuthi indodana isikaza ukuthi khumu
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
U-Alex Mchunu onguyise kaThabiso uthi kuyamkhathaza ukuthi indodana yakhe ize icabanga ukuthi iwabeke phansi amagilavu ingalifezanga iphupho ababenalo.
Intandokazi ewuThabiso oteketiswa ngokuthi u “The Rock”, udalule ukuthi ucabanga ukuwagaxa emgibeni amagilavu ekupheleni konyaka ozayo.
“Ngesikhathi esakuma-Amesha uThabiso ngimqeqesha ngamuxwayisa ukuthi uma usuneminyaka engama-35 yobudala ungumshayisibhakela kumele ushiye phansi kakkhulukazi uma ungenazo izicoco ezikhona kuwena, ngikholwa ukuthi wabamba lokhoke ingakho nje esecabanga ngalesi sinqumo sokuwagaxa emgibeni amagilavu ngoba uzobe eseneminyaka engama-36 ngonyaka ozayo,” usho kanje u-Alex.
Isifiso sika-Alex noThabiso kwabe kungukuthi anqobe ibhande le-WBC. Ibhande le-WBC lingelinye elibalwa namakhulu amabhande emhlabeni okanye kulo mdlalo, amanye ele-IBF, WBA nele-WBO.
UThabiso wayezoba owesithathu ukunqoba leli bhande elandela uThulani “Sugar Boy” Malinga noDingaan “The Rose of Soweto” Thobela. Kanti noMohamed Ali ungomunye wosomankomane abaseke baliphatha ibhande le-WBC.
Ekuqaleni kwalo nyaka uThabiso ugcine elitholile ithuba lokulwela ibhande leWBC okuyisikhondlakhondla sebhande esingalwelwa yinoma ngubani. Ezimbi wukuthi ukhale ngaphansi ku-Ilungu “Junior” Makabu waseDRC osezinze e-USA. Empeleni bekungokwesibili betholana phezulu. Ngo-2015 baxhimfana kweyokuhlungela ukulwela yona iWBC Cruiserweight. Nakhona uThabiso wakhala ngaphansi. “UThabiso ukwenze konke kulo mdlalo okungiphatha kabuhlungu ikhona nje kwaleli bhande leWBC, kodwake ngeke sakhala kakhulu ngoba okuningi ukufezile kusukela esigabeni sobu-Amesha,” kusho u-Alex.
Leli nxele laKwaXimba, eCator Ridge, lingomunye wosomankomane ababalwa nabahamba phambili esisindweni seCruiserweight emhlabeni jikelele. Lokhu kufakazelwa wukukleliswa kwalo endaweni yesine ezilinganisweni ze-WBC okuyibhande elihlonishwa ukuwedlula wonke emhlabeni.
UThabiso uthe: “Empeleni isinqumo sokuthi isibhakela ngiyosiyeka sengineminyaka engama-35 ngasithatha ngisemncane. Namanje sisasemqondweni lesi sinqumo. Kuzoncika ezintweni ezithile. Uma ngikwazile ukunqoba ibhande elihlonishwa umhlaba wonke ngizoke ngithi ukuqhubeka nalo mdlalo. Nakuba ngikholelwa ekutheni angikafiki lapho engifisa ukufinyelela khona kodwa ziningi izinto esenginazo ngenxa yawo. Nakuba ngihlulekile kodwa ngingomunye wabambalwa abakwaze ukulwela ibhande le WBC elihlonishwa emhlabeni jikelele,” kusho uThabiso.
Phakathi kwamanye amabhande aseke aphathwa nguThabiso yilo eleWBC Silver, WBC International, WBC Continental America’s, WBA Pan African, ABU, elakuleli leCruiserweight.
Ubonge wanconcoza kuyise u-Alex owamfundisa isibhakela. Uphinde wabonga nasemenenjeni yakhe uSean Smith ophinde abe ngumqeqeshi wakhe.
Lo mshayisibhakela uveze ukuthi impi eqhubeka eRussia nase-Ukraine imgqeme ingozi engeqiwa ntwala. “Bekumele ngiyolwa eRussia kodwa le mpi yayibhuntshisa impi yami. Bengizobanga ibhande le WBC Silver nebhokisa lasePoland. Nakuba ngingeke ngande kodwa kukhulu okuzayo ngonyaka ozayo,” kusho uThabiso.