Now Reading
IPhalamende lenekelwe isithombe ngokwebiwa kwengqalasizinda
Dark Light

IPhalamende lenekelwe isithombe ngokwebiwa kwengqalasizinda

Izindleko zomnotho kusukela kumonakalo nokwebiwa kwengqalasizinda yakwa-Eskom, Transnet, PRASA nokuncipha komkhiqizo wemboni yezimayini zilinganiselwa kwizigidigidi ezingama-R47 ngonyaka noma izigidi ezili-R130 nsuku zonke. Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe wezoHwebo, iziMboni  uMnu u-Ebrahim Patel. Ubevala Inkulumo-mpikiswano Ephuthumayo Ngezindaba Ezibaluleke Kakhulu Kuzwelonke ebibanjwe eGood Hope Chamber. Inkulumompikiswano ibiphakanyiswe yiDemocratic Alliance (DA). Ibigxile “kumthelela wezomnotho wokwebiwa nokucekelwa phansi kwengqalasizinda yomphakathi”. 

UPatel ugcizelele ukuthi ukwebiwa kwezinsimbi kudala kanjani umonakalo omkhulu kwezomnotho. 

“Ukwebiwa kwezinsimbi , ikakhulukazi intambo yethusi kubeka izindleko ezingaphezu kwenani langempela lempahla ethathiwe. Lezi zindleko ikakhulukazi eziwukuphazamiseka kokuthuthwa kwezitimela nogesi, ukunciphisa ngempumelelo ukukhiqizwa, kuvimbela ukukhula komnotho kanye nokulethwa kwezinsiza. Empeleni sicele ithimba labacwaningi ukuthi lihlanganise imininingwane ethile mayelana nobukhulu bomonakalo. Izigidigidi ezingama-R47 ngonyaka, lesi yisilinganiso esihlinzekwa yi-Ajensi yoCwaningo ehlonishwayo iGenesis and Analytics, ngokusekelwe kuphela ezindlekweni zezomnotho ngenxa yokulimala kwengqalasizinda yakwa-Transnet, u-Eskom, iPRASA kanye nokuncipha komphumela wemboni yezimayini. Futhi akubandakanyi umonakalo odalwe kwezinye izingxenye eziningi zomnotho kanye nasezimpilweni zabantu abajwayelekile baseNingizimu Afrika. Izigidigidi ezingama-R47 njalo ngonyaka, kulingana nezigidi ezili-R130 njalo ngosuku,” kusho uPatel.

USotshwebhu we-United Democratic Movement (UDM), uNqabayomzi Kwankwa uphonsele inselelo amalungu ePhalamende ukuthi afundise imiphakathi ukuthi ingqalasizinda ngeyawo hhayi uhulumeni. 

Uthi nakuba izigebengu zilimaza futhi zintshontsha ingqalasizinda, eminye imiphakathi iphinde ihlukumeze ingqalasizinda yayo. UKwankwa uthi abamele umphakathi kufanele batshele eminye yemiphakathi iqiniso ngezenzo zawo.

See Also

Umholi we-Al Jama AH, uGanief Hendriks uye wanweba inkulumo-mpikiswano ngokuxhumanisa ukulimala kwengqalasizinda okwatholwa imiphakathi nefa lobandlululo. 

“Sihlalo weNdlu ehloniphekile, ukulimala kwengqalasizinda kuwumlando wobandlululo kanye nezidalwa zobandlululo ezazimelwe ePhalamende lesithupha. Isibonelo wukuhlinzekwa kwamanzi ngobuningi be-asbestos ezigodini eziseNingizimu Afrika yonke, okuhlanganisa neBushbuckridge, engamakhilomitha angama-68 ubude, ngakho amanzi angenwa ushevu we-asbestos ngaphambi kokuba afike kompompi,” kusho uHendriks.

Scroll To Top