Now Reading
UNyandeni ubabaza ukuphakama kwezinga lebhola phesheya
Dark Light

UNyandeni ubabaza ukuphakama kwezinga lebhola phesheya

Ingwazi yeBanyana Banyana uMpumelelo “Mpumi” Nyandeni ikhala ngegebe elisazothatha isikhathi ukuvaleka phakathi kwebhola labesifazane eNingizimu Afrika naphesheya kwezilwandle. UNyandeni ubeyingxenye yabadlali abebevakashele iqembu laphesheya iBrentford yaseNgilandi kulandela ukushaya into ecokeme kuHollywoodbets Super League ngesizini edlule.

Ubasele enethini amagoli angama-30 ngemuva kwalokho wakhala wemuka nomklomelo womdlali ohlohle amagoli amaningi. Exoxa nelaboHlanga, uvule isifuba ngezifundo azithole kwelamaNgisi. “Ngifisa ukuthatha leli thuba ngibonge abakwaHollywoodbets ngeqhaza abalibambile ekutheni lolu hambo lube yimpumelelo. Abakwenzela ibhola labesifazane kusho lukhulu. Ngaphandle kwabo besingeke sibe yingxenye yale ngqayizivele yohambo. Ngizizwa ngikhethekile kakhulu. Kuningi esifike sakufunda ngesikhathi sihambele izwe lamaNgisi. Igebe liselikhulu kakhulu uma ngiqhathanisa indlela esenza ngayo izinto nangendlela abenza ngayo izinto. Baphambili kakhulu uma ukhuluma ngengqalasizinda. Inkundla abagijimela kuyona ngekanokusho,” kuchaza yena.

IMamelodi Sundowns, iKaizer Chiefs, iRoyal AM neStellenobosch FC yiwona kuphela amaqembu alapha eNingizimu Afrika anezinkundla zawo zokuzilolonga. Amanye amaqembu asebenzisa izindawo zikamasipala noma izikole ezisezindaweni eziphucuzekile noma amanyuvesi.

“Bashaya ngenkundla yabo ethi bona. Thina nje mangaki amaqembu adlala esigabeni esikhulu ashaya ngezinkundla zawo. Angisakhulumi ngebhola labesifazane kuphela kodwa ngisho kwabesilisa. Ayabaleka amaqembu anezinkundla zawo. Lokhu kuyawenza umehluko uma ninenkundla yenu.

“Okwesibili siye kothamela umdlalo ophakathi kweChelsea ne-Arsenal e-Emirates Stadium. Inkundla ibimumethe abalandeli abangama-46 450. Lezi zibalo sizibona uma kudlala iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates noma iMamelodi Sundowns nePirates neChiefs. Inkundla ibigcwele ithe phama. Lokhu kusidwebe sacaca isithombe sokuthi ibhola labesifazane bayalihlonipha futhi bayaleseka,” kuqhuba le ntokazi.

Ngesizini edlule uNompumelelo oneminyaka engama-35 ubudala ubhakuzise enethini amagoli angama-30 emidlalweni engama-30 yeligi.

KuHollywoodbets Super League ugijima kwiJanine Van Wyk (JVW) Football Club. Phesheya kwezilwandle ubehambe noBambanani Mbane weMamelodi Sundowns neBanyana Banyana, Andisiwe Mgcoyi, Regirl Ngobeni nomqeqeshi weSundowns uJerry Tshabalala. Uhambo beluxhaswe ngabakwaHollywoodbets abaphinde baxhase iBrentford.

“Okwesithathu uma udlala ibhola phesheya kwezilwandle ugxila ekudlaleni ibhola. Akufani nalapha ekhaya. Thina sisuke sisebenza ekuseni kuya ntambama bese kuthi ntambama uma siphuma emisebenzini siye kojima. Phesheya ufaka wonke umfutho wakho ekudlaleni ibhola. Yingakho ngithi kusazosithatha iminyaka ukuvala igebe uma siyoke silivale. Sothi siyalivala uthole ukuthi sebesishiya ngamagxathu ayishumi,” kusho uNompumelelo.

See Also

Kwelesizwe usedlale imidlalo eli-149. Ungomunye wabadlali asebeyibambe isikhathi eside ezingeni lomhlaba. “Ngicabanga ukuthi indlela esingazama ngayo ukuvala igebe wukuthi ibhola labesifazane lithole abaxhasi abathe xaxa. Yebo, siyawuthakasela umsebenzi owenziwa yizinkampani ezifana noHollywoodbets, noSasol ekufukuleni ibhola labesimane. Nokho sidinga ukuthi nezinye izinkampani zingenelele. Ibhola labesifazane liyadlondlobala.

IBanyana ingompetha base-Afrika, kulo nyaka iyodlala iNdebe yoMhlaba kanti iSundowns ifinyelele kowamanqamu weCaf Champions League. Ngaphezulu kwalokho sinenqwaba yabadlali abagijima emaqenjini aphesheya kwezilwandle. Zikhona zonke izizathu eziphoqa izinkampani ezinkulu kuleli ekutheni zeseke ibhola labesimame,” kulandisa uNyandeni. Ngenyanga ezayo iyaqala isizini entsha yeHollywoodbets Super League.

“Anginayo imfihlo mayelana nokuhlala ngisezingeni eliphezulu. Into engisebenzelayo yindlela engiziphatha ngayo nokuhlonipha umsebenzi wami. Ngaso sonke isikhathi ngihlale ngiphokophele ukuba ngumdlali ongcono. Ngizimisele ngokuqhubeka nokwenza kahle nakule sizini ezoqala. Ngokubambisana nozakwethu ngikholwa wukuthi ngizoqhubeka nomgqigqo ofanayo. Okwamanje akukho engisazibekele kona ukuthi ngifisa ukukuzuza. Ngizimisele ngokuqhubeka lapho ngigcine khona ngesizini edlule,” kuchaza uNyandeni.

Phambilini uNyandeni uke wayibamba kuWFC Rossiyanka kwelaseRussia.

Scroll To Top