INdlulamithi izovula iNdlu kulokhu


Kuhlale kukhona okwehlukile ngesifundazwe iKwaZulu-Natal. Lokhu kwehluka abanye kuyabamangaza kepha kuncike emlandweni waso isifundazwe lesi. Lokhu kugqama kakhulu uma kuzovulwa ngokusemthethweni iSishayamthetho sesifundazwe eMgungundlovu. Kuthi lapho ezinye izifundazwe ziba nosuku olulodwa ukwenza lokhu nayilapho okhulumayo kunguNdunankulu, kweleNdlovukazi uMthaniya ziba mbili.
Kuqala Omdala ngokwesiko nomthetho wezwe, uyiNhloko yesizwe. Bese kuthi ngosuku olulandelayo kukhulume uNdunankulu noyinhloko kaHulumeni.
Ngalezi zinsuku ezimbili kusuke kungebona nje kuphela ubukhazikhazi bengqephu okusuke kumqoka. Lokhu kuhlangana koBukhosi nedemokhrasi akusona isihe somuntu, iqembu noma uHulumeni ohleli kepha kuliqiniso lomlando. Njengomlondi wamasiko nenqubo kaZulu, okulethwa yiSILO kunezingxabo ezikhomba ukuthi isiko lisebenza kanjani njengomnyombo wobumbano emphakathini kanjalo nangobufakazi obubambekayo bezimiso eziwusinga oluhlanganisa imiphakathi ezikhathini eziguquguqukayo.
Omdala ulokhu ekhomba indlela futhi ngaphandle kokugudluka ezimisweni zangunaphakade eziyisisekelo okwakhiwelwe kuso isifundazwe nezwe: isiko, inhlonipho, ubuhlakani nokwahlukana.
Ngakolunye uhlangothi, iSishayamthetho siyinkundla yabantu. Kulapho abaholi abavela kuwo wonke amaqembu behlangana khona ngobuhle.
Wonke umuntu lapha usuke ethathe isifungo sokuthi uzoba ngasohlangothini lwabantu. Laba baholi besifazane nabesilisa abaqokelwe eSishayamthetho, bayisandla sokuphosa kwethu zakhamizi. Yibo abakha babuye beluse inqubomgomo.
Uma bekule Ndlu basuke bethathwa njengezwi labantu, yikho nje kuthiwa ngamalungu ahloniphekileyo ngoba ngezenzo baqinisekisa ukuthi baba yisibonelo ekwenzeni okuhle enkonzweni yesizwe.
UBukhosi neNdlu yabantu
Akudingi ukuba ube ngungoti ukwamukela ukuthi ngesikhathi esikuso uBukhosi neSishayamthetho buyadingana.
Ngesikhathi lapho isifundazwe sigubuzelwe yizingqinamba ezifana nokuswelakala kwemisebenzi, ukwehla kwezimilo kubantu nokubulawa kwabesifazane, uBukhosi neSishayamthetho bangaba yimpendulo, kanjani na?
Izwi leSILO linamandla kanjalo neleSishayamthetho esibumbene kungadambisa imililo, kuhlumelelise ithemba emphakathini waKwaZulu-Natal.
Zombili lezi zinhlaka zingezabantu, zimele abantu ngakho kuzuza abantu uma zisebenzisana. Uma sethula inkulumo yaso yokuvula, ISILO njalo sigqugquzela ukusebenzisana phakathi kwezinhlaka zoBukhosi noHulumeni.
Kanjalo cishe bonke oSomlomo uma benanela inkulumo yoNgangezwe Lakhe, egameni leSishayamthetho bazibophezela ekusebenzisaneni kwazo zonke izinhlaka. Nonyaka kuzobe kungowehlukile emlandweni weSishayamthetho. Emuva kokwebuza kweSILO esidala, uBhejane, indodana yakhe iNdlulamithi izovula iSishayamthetho. Lokhu kuyobe kungokokuqala ngqa.
Ngonyaka owedlule iNdlulamithi yaba khona mhla kuhleli iNdlu nokho ngokuvumelana neSishayamthetho yangakhuluma. Kulokhu kulindeleke ukuba OMdala embathwe yiNdlunkulu endala nencane, aMakhosi kanye nomkhumbi wempi kaZulu, ibutho.
Yize ekhaya ISILO sisuke nebutho, okuvamile wukuba kube khona asuka kuzo zonke izingxenye asuke esesilindile bese leli lasekhaya lithela kulo.