Now Reading
Ubanzi umlando kanye nomsebenzi kaSomlomo
Dark Light

Ubanzi umlando kanye nomsebenzi kaSomlomo

Emazweni aqhuba ngedemokhrasi iHhovisi likaSomlomo lineqhaza elimqoka ekuqinisekiseni ukuzinza kwentando yabantu kanye nokusebenza kwePhalamende noma iSishayamthetho. Leli Hhovisi likaSomlomo limqoka ngoba libhekele wonke amalungu kanye namaqembu ahlukene eSishayamthetho noma ePhalamende.

USomlomo akavamile ukukhuluma eSishayamthetho, ngaphandle uma ephethe uhlelo, kepha lapho ephawula khona uphawula egameni leNdlu. Emazweni amaningi, okubandakanya iNingizimu Afrika uSomlomo ubekwa endaweni ephakeme kakhulu ngoba ngokwesikhundla kuzwelonke ukleliswa eduze kukaMengameli neSekela Mengameli. Kanti ezifundazweni ukleliswa alingane noNdunankulu.

Yize sekukhona ukudideka kwabanye ekuthini kambe ngubani ophethe iSishayamthetho, umthetho omileyo uthi uSomlomo nguye ophethe iSishayamthetho, hhayi uNdunankulu. Kuzokhumbuleka ukuthi loyo oqokelwa kwesobuNdunakulu usuke eyilungu leNdlu ephethwe nguSomlomo kandukuba abe nguNdunakulu.

USomlomo (iSishayamthetho) nguye onika amalungu ekhabhinethi, okungumengameli, ongongqongqoshe, abaphathiswa nondunakulu, ithuba lokuthi bazokhuluma noma baphawule eSishayamthetho noma ePhalamende.

Isikhundla noma iHhovisi likaSomlomo singesisemqoka kakhulu, bheka nje ngoba siyingxenye yezinhlaka zomhlaba wonke lapho kuhlangana khona oSomlomo bamazwe. Lezi zinhlaka zihlanganisa amazwe angaphansi kweCommonwealth kanye ne-Inter-Parliamentary Union.

Umlando obanzi

INingizimu Afrika inomlando omude weHhovisi likaSomlomo. Leli Hhovisi laba khona kusuka ngezikhathi zeNdlu eyayibizwa ngeCape Assemble lapho ihhovisi laliholwa ngoSir uChristoffel Brand (1854-1873), uSir uDavid Tennat (1874-1895), uSir uHenry Juta (1896-1898), uSir uBisset Berry (1899-1907).

Kwathi emveni kokwakhiwa kwePhalamende elalihlanganise amaNgisi namaBhunu ngowe-1910 leli Hhovisi laphathwa yilaba abalandelayo ababemele amaqembu ahlukene ezepolitiki: uMnu uJames Tennat Molteno (1910-1915), uJoe Krige (1915-1924), u-Ernest George Jansen (1924-1929), uJan Hendrick Hofmeyer de Waal (1929-1933), uC.M. van Coller (1944-1948), uJozua Francois Naude (1948-1950), uJ.H. Conraidie (1951-1960), uHenning J. Klopper (1961-1974), u-Alwyn Schlebusch (1974-1976), uJannie Loots (1976-1981), uJ.P. du Toit (1981-1983), uJohan Greeff (1983-1986), uLouis le Grange (1987-1991) kanye noMnu uGene Louw (1991-1994).

See Also

Ngemuva kokuphela kombuso wobandlululo kwangena inqubo yedemokhrasi, nokwenza izinguquko eziningi kuleli Hhovisi, okubandakanya ukufakwa kwabesifazane okwakuyinto engakaze ibonwe.

Ngaphansi kwedemokhrasi kwaba yilaba abaphatha iHhovisi likaSomlomo: uDkt uFrene Ginwala (1994-2004), uNks uBaleka Mbete (2004-2008), uNks Nick Gwen Mahlangu-Nkabinde (2008-2009), uMnu uMax Sisulu (2009-2014), uNks uBaleka Mbete, kanti manje ophethe nguNks uNosiviwe Nqakula.

KwaZulu-Natal kusuka ngowe-1994 sekube noSomlomo abayisithupha: uMnu uGideon Mdlalose, iNkosi uBonga Mdletshe, uNkk uPeggy Nkonyeni, uMnu uWillies Mchunu, uNks uLydia Johson. Kanti manje onguSomlomo nguNks uNontembeko Boyce (osesithombeni).

Scroll To Top