Engangeni ngesango iyafohla: Wenqatshelwe ukubona isilo esesegcekeni uMhlonishwa



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
“Ngiyeluleka ukuba uma uhulumeni enemicabango ngomhlaba kaZulu lo owafelwa zinsizwa eSandlwana angaphethi ngokuthatha izinqumo engabuthintanga uBukhosi, engangithintanga mina njengeNhloko kaZulu. Ngikusho lokhu ngoba kuyanda ukuthi sizwe nje sekuphakwa ekubeni singabanga yingxenye yokuphekwa kwalelo bhodwe.Asikhumbule phela ukuthi okwaphoqa uZulu ukuba ayovikela isimiso sakhe eSandlwana kwaba yimikhuba le engixwayisa ngayo, lapho amadoda nje ayehlala lapho ayehleli khona bese enquma ngoZulu neSihlalo”.
Lawa ngamagama eSILO esidala uBhejane awethulela isizwe okokugcina enkulumweni yakhe yomgubho weMpi yaseSandlwana ngonyaka we-2021. ISILO esidala sebuza ezinyangeni ezimbili emuva kwale nkulumo. Le nkulumo yabe yendlalelwe ngezinye ezinyangeni ezedlule nayilapho iMbube yoMhlaba yabe yexwayisa uZulu ekuthini lapha phandle akhona ‘amahalanjonjo acuthele umhlaba kaZulu’. UBhejane wabe engakufihli ukuthi amahalanjonjo lawa aselinde nje ukuba yena asuke bese bewudumela umhlaba ongaphansi kwe-Ingonyama Trust.
Eminyakeni emibili iNdlondlo yaxwayisa ngalokhu, elaboHlanga lingakuqinisekisa ukuthi nembala intabamlilo ingadubula noma kunini ngodaba oluthinta uhlaka olulawula ukuphathwa komhlaba kaZulu, Ingonyama Trust kanye ne-Ingonyama Trust Board.
Ngeledlule leli phephandaba libike ukuphawula kweSILO esiseSihlalweni, iNdlulamithi ngalolu daba, licaphuna izincwadi ebezithunyelwa ehhovisini likaNgqongqoshe uThoko Didiza (Wezolimo, uMhlaba Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya). Umongo walezi zincwadi wukubabaza ukungaxhumani neSihlalo nezinhlaka zaso kukahulumeni odabeni oluthinta ukuqokwa kweBhodi elisha le-Ingonyama Trust.
ElaboHlanga nakulokhu lingakuqinisekisa ukuthi emuva kokushicilelwa kodaba ngaphansi kwesihloko esithi: ‘Bayamqala okaNdaba engaqali muntu’, uMhlonishwa uDidiza uzamile ‘ukuyolungisa ukukhuluma koMkhulu nokho akwangahamba njengoba ebehlelile. Ngokuthola koZul’azayithole ngosebenza ehhovisi lakhe nonolwazi oluphelele ngalolu daba, bekuhlelwe ukuba uMhlonishwa abonane neNdlulamithi.
“Njengoba nibhalile ngesonto eledlule kukhona izincwadi ebezehla zenyuka ziphuma ehhovisi leSILO. Lezi zincwadi bezikhomba ukuthi kukhona ukungaboni ngasolinye odabeni lokuqokwa kweBhodi. Akuyona futhi imfihlo ukuthi ukube kuya ngohulumeni noma uNgqongqoshe uSihlalo okhona manje weBhodi (uNgwenya) kumele aphume” kusho lomthombo.
Uphinde waveza ukuthi lona akuwona nje kuphela umbono kangqongqoshe kepha nabathile phakathi kwiBhodi (abanye asebaphuma kulo) okungabasebenzi nezikhulu ezihlale zisho okuthile ngalo Ngwenya lapha kithi. Akugcini lapho kepha namanye amalungu ephalamende analo muzwa. Ebuzwa izizathu zalokhu uthe: “Zehlukene izizathu. Bakhona abathi uNgwenya uzithwele. Abanye bathi uvimba izinhlelo ezithile eziza nosomabhizinisi ezindaweni zaMakhosi. Kanti abanye bathi usehlale isikhathi eside.”
Lo mthombo ubuye wakuqinisekisa ukuthi uNgqongqoshe ekuhleleni umhlangano ubesebenza nabathile ehhovisi laso ISILO kanye nabanye abasondele kuso. Uthe bavukele oPhongolo nje bebede bexhumana nalaba abasebenza neSILO nathe bamangele uma abanye bengasabonwa ngalolu suku nongqongqoshe engasalitholi ithuba lokubonana neSILO esefikile.
“Khona akubanga yisithombe esihle. Phela ungqongqoshe ubeqinisekisiwe ukuthi nakanjani uzosibona ISILO ukuze lapho kunenkinga khona ilungiswe.” Ube esesola elaboHlanga ngokufaka unyawo lwedada. “Iqiniso lithi umbhalo wenu ufake ingcindezi ngoba lokhu okukhona besikubona kungaba yinto engalungiseka neSILO. Kodwa uma sekuvela ngale ndlela amehlo asethe njo. Futhi lokhu kokuthi ungqongqoshe angavunyelwa ukuba abone ISILO kuveza esibi isithombe lesi.
Uma uMengameli enomuzwa wokuthi ungqongqoshe kahoshelani neSILO okusho ukuthi angamsusa afake omunye, yilento lombiko wenu oyidalayo manje,” kuphetha umthombo.
Lokhu kukhuluma kwalo mthombo kuqinisekiswe ngumbhalo weTwitter obubika ngakho ukunqatshelwa koMhlonishwa uDidiza. Ebhala ekhasini lakhe ozibiza ngoChrisExcel uthe: “UNgqongqoshe uThoko Didiza namuhla ukhishwe ngaphandle eSigodlweni nguKaputeni weSAPS. Lokhu kulandela ukuthatha izinyathelo zomthetho kukaMehluleli uNgwenya nosola uNgqongqoshe ngokwehluleka ukuqoka ibhodi elisha.” Kuthiwa abavimbe ungqongqoshe bathe kabuye abuye, alandele inqubo.
Akukhona okokuqala elaboHlanga libika ngomdonsiswano kwi-Ingonyama Trust nezinsolo ngoNgwenya. Ebuzwa ngobunzima bomsebenzi osemahlombe akhe wathi uyazi ukuthi kukhona abangamnambithisisi ngenxa yomsebenzi awenzayo nangenxa yokuma lapho ISILO sabe sithi akame khona.
“Iningi lalaba abafunga ngokuthi banenxa nami kasazani ngaphandle nje komsebenzi lo wesizwe. Ngeshwa angikwazi labo ukubasiza ngoba njengoba iSILO esidala sabe singeluleka, kulo msebenzi bakhona abayokuthanda kube khona futhi nalabo abayokuzonda kepha okwakho wukuma neSihlalo,” kusho uNgwenya ngokujulile.
Waphetha ngokuthi “Akuyona imfihlo ukuthi iSILO sasifisani, phezulu eqhulwini wukuba umhlaba kaZulu uvikeleke futhi ubuye wonke. Okwesibili wukuba aMakhosi ayizinsika zeSihlalo ahlonipheke futhi athathe indawo yawo. Ukuthi udondolo lukaZulu kube ngamasiko okumele avikelwe futhi athuthukiswe. Okokugcina ukuthi iNdlunkulu noBukhosi buzimele bunganciki kuHulumeni,” kusho uMtimande nowathi uma esaphila uyokwenza konke okusemandleni ukuba iphupho leNdlondlo ngesizwe lifezeke.