UGumede uthi injabulo yokushaya amaKhosi badlulile kuyona
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Isitobha sa-AmaZulu FC uMbongeni “Shoes” Gumede, uthi sebedlulile kokwenzeke ngesikhathi bebhekene neKaizer Chiefs ngeledlule babheke phambili. Leli qembu lasesifundazweni iKwaZulu-Natal limangaze abaningi libhaxabula iZimpofana ngamagoli amane eqandeni koweDStv Premiership, kowabe useMoses Mabhida Stadium.
Kulokhu leli qembu likaSandile Zungu lizotholana neMarumo Gallants FC ebhinjelwa izinto. Lo mdlalo uzoba kusasa ngoMgqibelo ngele-8 kusihlwa khona eMoses Mabhida Stadium.
“Umdlalo wethu neGallants ngeke ubelula njengoba abantu becabanga. Imidlalo ayifani kulo mdlalo sizodlala neqembu elinenkulu ingcindezi yokuthola amaphuzu amathathu. Okusimele thina njengoba sidlala ekhaya kumele siqhubeke nokujabulisa abalandeli bethu, njengoba senzile ngeledlule sidlala neChiefs. Ukuhlula kwethu iChiefs akusho ukuthi sesinqobe iligi, sesidlule kukhona sibheke ukwenza kahle kusasa” kusho uGumede.
AmaZulu FC ahlezi endaweni yesithupha kulogi ngamaphuzu angama-21 emdlalweni eli-16, kanti iGallants yona iyibambe ekugcineni ngamaphuzu ali-14 emva kwemidlalo eli-17.
UGumede oneminyaka yobudala engama-29 ngeledlule uzifake emabhukwini njengoba ebedlala umdlalo wakhe wama-200, kusukela afika kuleli qembu ngonyaka wezi-2016. Ujoyine abadlali okubalwa uBongi Ntuli, noThapelo Xoki osengumdlali we-Orlando Pirates.
“Kube uhambo oluhle kakhulu lolu kumina ukuthi ngidlale imidlalo emingaka eqenjini elikhulu kangaka. Ngibonga abadlali engibambisene nabo kuze kube inamhlanje, umndeni wami, abalandeli boSuthu kanye nabaphathi. Badlale indima enkulu ohambeni lami olusaqhubeka, njengoba iminyaka isangivumela ukuthi ngisazodlala isikhathi eside” kubeka uGumede.
UGumede ukhulele kwinkulisa ye-Orlando Pirates, kanti nasemaqenjini amancane eqembu lesizwe udlalile khona nakwiBafana Bafana isikhathi esincane.
Njengoba kusele imidlalo eli-14 ngaphambi kokusongwa iligi, ebuzwa ukuthi ikuphi akufisela iqembu uthe: “Ukuthi siqoqe amaphuzu azokwazi ukuthi siqede endaweni lapho esizokwazi ukuyodlala e-Africa. Njengoba sikwazile ukufika kowamanqamu eMTN 8, sinqobe iNedbank Cup okuyiyona ndebe esisele manje”.
IGallants kodlule ihlulwe ngamagoli amabili omakoti iRichards Bay FC. UDan Dan Malesela ongumqeqeshi ukhala ngokuthi abadlali baleli qembu kumele bazinuke bona amakhwapha ngokugqoza kwamaphuzu, benza kahle ejimini kuphela.
Kubadlali elinabo leli qembu kukhona uKatlego Otladisa, uLucky Mohomi, uSizwe Mdlinzo noCelimpilo Ngema ozobe egijima kuSuthu ngesizini ezayo banomthwalo wokulitakula libe sendaweni ephephile.