Isiqephu sokuqala: Ubumqoka bethumbu


Namuhla ngifisa sikhulume ngethumbu nokubaluleka kwalo empilweni yomuntu. Ngifisa sibonisane ngokuthi singazelapha kanjani izifo ngethumbu. Ingqikithi yokwelapha izifo wukwelapha ngolibofuzo (dna). Kepha ngaphambi kokuba sifinyelele ofuzweni kumele siqale ngokuya ngasethunjini.
Ithumbu lingelinye lezitho zomzimba ezibaluleke kakhulu, liza kamuva kancane nje kwe‘lymphatic system’. I‘lymphatic system’ umthetho wakho konke okuphathelene nobomvu, amafinyila, izinyembezi kanye nomjuluko (konke okuphathelene nenhlanzeko). Lokhu (lymphatic system), sizokubiza ngomthetho wobomvu noma umthetho wethumbu. Uma sibhekisisa sithola ukuthi nalo ithumbu leli lengamelwe umthetho wethumbu.
Umzimba womuntu woHlanga wakhiwa izingqamuzana (cells) eziyizigidi eziyizigidi ezilikhulu nezingamashumi amahlanu (150 trillion). Izingqamuzana ezimbili kwezintathu (67%) ziyilokhu esithi i-microbiota noma amamicrobe cells. Le esele yesithathu (33%), nayo ngeyakho, kodwa iqhamuka emhlabathini. Lezi yizo izinhlobo ezimbili zengqamuzana ezitholakala emzimbeni womuntu woHlanga.
Uma ngabe sibuka lezi ngqamuzana (150 trillion cells), sithola ukuthi kunezithwana ezitholakala ngaphakathi. Lezi zithwana kahle kahle yizitho zengqamuzana. Uma sibheka lapha kunesithwana esibizwa phecelezi nge‘golgi apparatus’, lesi sitho senza umsebenzi wezimbambo. Siphinde sibe nalokhu okuthiwa i‘mitochondria’, kona kwenza umsebenzi wokugaya ukudla futhi kuyilapho ingqamuzana ithola khona lokho okuthiwa i-AMP, i-ADP kanye ne-ATP (Adonesine Mono/Di/Tri Phosphate). Yilapho ingqamuzana ithola khona oshukela nakho konke okuphathelene namandla. Bese siba nalokhu okwethiwa ngamaribosome, wona enza umsebemzi wesibeletho.
Uma sesibona ukuthi yonke ingqamuzana ngaphakathi komzimba womuntu inezithwana ezifana ncamaji nezitho zomuntu, kusho ukuthi yonke ingqamuzana ngumfanekiso womuntu uqobo. Laba bantu abancane, esizobetha igama elithi izichwe, noma abathwa, bakha zonke izitho zomzimba womuntu woHlanga. Izitho zakha imithetho nemigudu. Imithetho nemigudu yakhe umzimba womuntu ngokusebenza kwawo.
Izichwe (cells), nazo ziyafa ziphinde zizalwe njengoba kwenzeka ebantwini. Isibonelo, izichwe eziphila ngaphakathi komgudu wethumbu ziphila izinsuku ezintathu nje kuphela. Izichwe zesibindi ziphila izinyanga eziyisithupha kuya kwezilishumi nambili. Izichwe zesikhumba ziphila izinsuku ezilishumi nanhlanu. Yingakho ukuvuka kwabafileyo kungesilo ilumbo, umzimba ufakazi.
Omunye umuntu angazibuza ukuthi uma ngabe izichwe zamathambo zizalwa kabusha, ezegazi zizalwa kabusha; uma ngabe zonke izichwe zomzimba womuntu zizalwa kabusha, pho kwenzeka kanjani ukuthi umuntu aphathwe yisifo seminyaka?
Isizathu esenza ukuthi isifo sihlale iminyaka yilokhu okuya ngasethunjini. Ukuze selaphe ufuzolibo (dna) kumele siqale ngokwelapha ithumbu ngoba indlela eya ofuzweni iqala ngethumbu.
Uma ngabe uhlola ngaphakathi kwesichwe ngasinye uthola lokhu okubizwa phecelezi ngenucleus. Igama elithi ‘nucleus’ lichaza ukuthi ‘ilanga elisha’ noma ‘umphakathi omusha’, kanti igama elithi ‘per-son’ lona lisho ukuthi ‘percentage of the sun’ noma ingxenye yelanga okanye ingxenye yomphakathi. Singabantu belanga, savela nalo ilanga. Singabantu bomkhathi, AmaZulu, noma abantu abazulazula emkhathini. Baba Vusamazulu Muthwa.
Uma ubhekene nesifo usuke ubhekane ngqo nomzimba. Uma ubhekene nomzimba ubhekane noketshezi oluyizinhlobo ezimbili, kanye nezichwe; okuligazi nomgudu wobomvu, kanye nezichwe. Khumbula ukuthi igazi liphakela izichwe, umgudu wobomvu uhambisa futhi uphinde uhlanze izichwe.
Isihloko sale ncwadi ‘Utho Ngathi’. Iyatholakala nge-pdf (mahhala) nangencwadi ephathekayo (iyakhokhelwa) ku-gumedethembisile26@gmail.com noma whatsapp 079 842 4572.