Nakuwo amaciko nobuciko ubuhle busemehlweni aloyo obukayo
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Enye yezinto eyinqaba ngathi sintu wukuba namaciko. Laba ngabantu besilisa nabesifazane, abadala nabancane abaphathiswe okwehlukule nokuyizimpendulo. Bakhona abaphathiswe ukudweba kuthi lapho lokho bekwenza obukayo akhexe ongezansi yisimanga asibona ngamehlo. Bakhona okuthi makugiywa uzwe kusiphuka izinwele ubone ukuthi kawusewedwa.
Awu bakhona nabaxoxi bendaba ababhala uthi manxa ufunda ukubone lokhu abakushoyo, bakhona nosonkondlo abakuthatha bakubeke bekususa kwelamathongo. Ikhona nemizwilili ethi uma ike yaqala abantu belapheke ngaphansi kwezimo ezinzima.
Bonke laba kuyaba nesikhathi sokuba babungazwe kufanele. Lokhu kwenziwa ngezindlela ezahlukene kepha osekwaba phambili kuba yimicimbi yezindondo. Lemicimbi ivame ukuba ngeyabantu abathize. Kuba yisikhathi sengqephu nokubukwa kulaba ababizwa ngamaciko noma ‘izinkanyezi zezwe’.
Uma kuchazwa ukuthi kuba nabehluleli nokuyibo abanquma ukuthi indondo leyo iya kubani nakumuphi umkhakha. Laba (abehluleli) kusuke kungabantu abagogodile emkhakhweni ethile abanye ngabantu abahlonishwayo ngemisebenzi yabo. Lokhu kunika ithemba lokuthi okusuke kuyizinqumo ngozonqoba kusuke kwenziwe ubulungiswa. Yebo bekuhlale kunjalo kepha sekukhona okusolisayo muva nje.
Lokhu kungabaza kwabanye kuzalwa wukwehla kwezinga lobuciko namaciko kuleli. Kwezomculo nje lelizwe lalaziwa ngamaciko ayehlonishwa kuleli nangaphandle. Okunye okwakwenza ahlonishwe kwabe kuyisigqi kanjalo nomyalezo emsebenzini owabe ungumnikelo emhlabeni. Ubani ongakhohlwa ngamaMbazo aMnyama, iStimela, uMirriam Makeba, Letta Mbulu, uCaiphus Semenya, uJimmy Dludlu, uBrenda Fassie , uSteve Kekane, Soul Brothers , iThe Manhattan Brothers, Dollar Brand, uHugh Masikela, uJonas Ngwangwa, uLucky Dube nabanye.
Lawa kwabe kungamaciko ezikhathi ezithile kepha aphumelela ukuba imisebenzi yawo ithinte izinhliziyo zabantu kungakhathaleki ukuthi bambala muni.
Okusha akukuhle njalo
IsiZulu sithi izihlabani ziyagqibana njengoba namuhla iningi lezihlabani namaqembu ayizolo bengasekho, sikhona isizukulwane sanamuhla. Lesi sizukulwane siqhamuka nesigqi esisha nokuyinto elindelekile. Kepha njengoba kwenziwa futhi kwenzeka sonke isikhathi kuyafika lapho abantu beqhathanisa khona.
Baqhathanisa nje kusuke kukhona ukutusa okuhle okuze nento entsha kuthi ngakolunye uhlangothi kube khona lapho kuqhathaniswa nje ngoba kunesikhalo. Nalapha kukhona lapho kutuswa khona njengoba zikhona izintombi nezinsizwa zesikhathi sethu esezingenisile ngesigqi esisha. Nokho kunokukhala okukhulu ngabanye abazibiza nabahweba njengamaciko, abanye abaze bathole izindondo kutuswa imisebenzi yabo. Isimanga kulaba yikuthi uma kujulwa lemisebenzi yabo ayinalutho olubambekayo. Akunamlayezo noma nendlela entsha yokwenza kokunye kuba nje ngumfudumezo wezolo nayo ke imilolozelo.
Noma kunjalo lemisebenzi iyadayisa okusho ukuthi iyawathola amakhasimende. Lokhu kwenza umbuzo wehluke, ukuthi ngabe izinga lokuthakasela nokuqonda into engubuciko liphela kuwo amaciko noma emphakathini? Uma kuphuma icwecwe elingenamlayezo otheni ngaphandle komsindo bese abantu belithenga uba ngubani wena othi lokhu akuwona umsebenzi omuhle noma owenzile kalona iciko?
Ubani ophethe isikali sokwahlulela okuwumsebenzi wobuciko noma iciko lelo? Bona laba abehlulelayo emicimbini yokukomelisa imisebenzi yamaciko basuke bemi ngani uma behambisana nomuzwa waleso sikhathi? Izimpendulo kulokhu kazilula futhi ngeke zanelise kepha okungamukelwa yikho ukuthi abantu kabayi nganxanye bengemanzi.