Now Reading
Uhulumeni uyasamukela isinqumo ngoWalus
Dark Light

Uhulumeni uyasamukela isinqumo ngoWalus

UNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uMondli Gungubele uthe iKhabhinethi liyasihlonipha isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo ngokudedelwa kukaJanusz Walus, owabulala owayenguNobhala-Jikelele we-SACP uChris Hani. UGungubele uthe emhlanganweni wangoLwesithathu, iKhabhinethi ibikelwe ngezimo eziholele esinqumweni sokudedela uWalus ngoshwele. UWalus ubesesibhedlela ngemuva kokuba isiboshwa esisejele iKgosi Mampuru ePitoli simgwaze ngaphambi kokuba adedelwe.

UGungubele uthe uhulumeni uyasihlonipha isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo. “Siyabuqonda ubuhlungu obukhona, kodwa ekugcineni ikusasa laleli zwe lisekuhlonipheni umthetho. Ngoba kunento eyodwa kuphela esixhumanisa nokuncane kwethu sonke, kungumthetho, kuningi okunye okusixhumayo, kodwa isixhumi esiyisisekelo sethu umthetho. Kuyinto encane ongayibukela phansi, ngakho ngenxa yokuthi inkantolo enkulu yenze isinqumo, iKhabhinethi iyakuhlonipha lokho.”

Imibhikisho ngokukhululwa kukaWalus

Isitatimende sikaGungubele siza ngemuva kwemibhikisho eminingi ephikisana nalesi sinqumo senkantolo, lapho i-ANC, i-SACP kanye ne-COSATU bemashela eNkantolo yoMthethosisekelo kanye ne-EFF beya emahhovisi aMehluleli Omkhulu uRaymond Zondo eMidrand. Bonke basichithile isinqumo senkantolo.

Isigameko sokugwazwa kukaWalus

ISouth African Prisoners’ Organisation for Human Rights (Sapohr), ithi ukugwazwa kukaJanusz Walus kuwuhlelo nje-thizeni. Okhulumela iSapohr uGolden Miles Bhudu uthi ukugwazwa kukaWalus kuwumzamo omkhulu wokuheha abantu kuloludaba lwakhe.

“Ukugwazwa kukaJanusz Walus ngicabanga ukuthi kuyinto ehleliwe. Umzamo wokuheha ukunakwa okukhulu mayelana nosizi lwalabo abahamisana naye. [UWalus] bekufanele akhululwe eminyakeni eyi-10 kuye kweli-15 edlule. Kuwukudonsela amehlo nje ukuze siqale sikhulume ngayo futhi indaba uzoyithola ngemva kwendaba [yokugwaza]. Akagwazwanga ngempela, waklwebheka ngoba ukube bebefuna ukumbulala bebengamgwaza bambulale,” kwengeza uBhudu.

See Also

UNgqongqoshe wezoBulungiswa uRonald Lamola uthe uzodedelwa uma nje ephuma esibhedlela. ULamola uthi isinqumo senkantolo sizohlonishwa. “Besilokhu sizibophezele ekuhlonipheni isinqumo seNkantolo. Sibuhlungu ngesinqumo. Sizohambisana nomyalo futhi besihlose ukuwuthobela. Ngeshwa isigameko sokugwazwa kwakhe senzeke.”

Uqhube wathi: “Usesibhedlela kodwa uzinzile futhi sinethemba lokuthi uzophuma maduze. Uma ephuma nje sizibophezele kubameli bakhe ukuthi sizosihlonipha isinqumo seNkantolo sokumdedela, kubuhlungu kunjalo”. Kuphetha uNgqongqoshe.

ElaboHlanga liyekoshicilelwa seyivelile imibiko yokuthi umnu uWalus usephumile esibhedlela.

Scroll To Top