Abezikhukhula bazohlukanisela unyaka bengenamanzi, abanye besemahholo
Emuva kwezinyanga eziyisishiyagalombili izingxenye ezithile zeKwaZulu-Natal ikakhulukazi iTheku zahlaselwa izikhukhula ezalimaza ingqalasizinda namanje kusekhona imiphakathi esadonsa kanzima ngamanzi nogesi.
Eminye imiphakathi nemindeni isaqube emahholo. Abanye sebelahle ithemba njengoba sekuze kwafika kulesi sikhathi sonyaka. Bathi sekucacile ukuthi uKhisimusi bazowudla bengenamanzi, futhi nonyaka bazowuhlukanisela besemahholo.
Umphakathi wakwaNyuswa eBothas Hill uhlaselwa yizikhukhula nje, ubuvele udonsa kanzima ngokungabi nawo amanzi. Emasontweni edlule elaboHlanga lihambele izindawo ezahlukene kulo mphakathi, lixoxisana nawo ngenhloso yokuzibonela lolu sizi. Okubonakala kuzwela kakhulu yingesikhathi sokubhalwa kwezivivinyo ezikoleni, lapho abafundi bekudingeka ukuba bagxile ezincwadini bebuyekeza, kepha esikhundleni salokho bebezithola beshaye ujenga ezitaladini belinde amaloli aphakela amanzi, abangawazi nokuthi afika ngaziphi izikhathi.
USenzo Mthalane ofunda eKhabazela High School eMbo uthi uyobonga ekwazile ukuphasa ngemiphumela ezomfaka enyuvesi ngoba isimo sokungabi khona kwamanzi nogesi sibakhinyabezile.
“Kubuhlungu okwenzeka kithi yingakho kokunye siyaye sibone sengathi kwenziwa ngenhloso ngoba izindawo zabamhlophe esakhelene nazo zinawo amanzi nogesi. Noma ngingathandi ukuzigaxelisa kodwa abadala bayasho ukuthi kukhona okushaya amanzi, ngesimo samanzi lapha ngoba amaloli awathumelayo alawulwa ngabathile abanezikhundla zezepolitiki emphakathini”.
Ehholo lomphakathi iDinabakubo eMolweni abantu bathwele kanzima kusukela bafakwa kule ndawo emuva kokuba imizi yabo yadilizwa izimvula. UNkk uMaggie Mbambo uthi abakwazi nokwenzani ngoba impahla yabo eningi yacekeleka phansi, kanti nalapha ehholo impilo ayikho ngoba bayizipatolo sebeze bangenwa nayizifo abangazazi. Uphonsele inselelo uHulumeni ezigabeni zonke ikakhulukazi uMasipala weTheku ukuba wenze njengoba wabathembisa ukuthi angeke bahlale isikhathi eside ngaphansi kwalesi simo.
Okhulumela Umngeni Water uShami Harichunder uthe ngokwazi kwakhe izindawo ezike zakhahlamezeka ngokungabi nawo amanzi ngasekupheleni kukaLwezi iBonela, Sydenham, Congella, Cator Manor, Lamontville, ISiphingo, KwaMakhutha, Amanzimtoti kuze kuyoshaya eMagabheni kodwa konke lokho sekwalungiswa.
Eqhuba uthe nalokho kwakwenziwa ngoba kwakulungiswa ingqalasizinda kugwenywa isimo esibi esasingaholela ekunqamukeni kwamanzi. Abaholi bomphakathi kwaNyuswa bathi akukho abangakuphawula ngokuntuleka kwamanzi futhi nezinsolo zomphakathi ngokuthi kukhona abadlayo ngama Waterkant yinto abayizwa emoyeni. “Into engingakutshela yona ukuthi uhlelo lonke luphethwe uMasipala weTheku,” kusho ozibize ngoBhunu othe usezinhlakeni zobuholi.