Kulokhu i-Afrika ayeseke iMorocco



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ngisho sekungenzakalini kwiMorocco okuyilonazwe elisele lalapha e-Africa kumqhudelwano weNdebe YoMhlaba, kodwa singabase-Africa kumele impela siziqhenye ngamazwe ethu abesimele eQatar.
IMorocco ngoLwesibili idlulele esigabeni samaQuarter-Final, ngemumva kokuhlula iSpain kumaphenathi. Ukudlulela kweMorocco kulesi sigaba, kuyenze yaba yizwe lesine lalapha e-Africa ukufinyelela kulesi sigaba ilandela iCameroon (1990), iSenegal (2002) neGhana (2010).
Okujabulisayo kunakho konke ukuthi iThe Atlas Lions (Morocco) iqeqeshwa umqeqeshi walapha ezwenikazi uWalid Regragu. Lokho kusitshela ukuthi singakwazi ukwenza kahle singamazwe alapha e-Africa namaqembu imbala, ngaphandle kwabaqeqeshi bangaphandle abafika emazweni ethu bezohola itshe lemali ekubeni bengenzi lutho.
Wonke amazwe abesimele kweYoMhlaba abeqeqeshwa abaqeqeshi balapha e-Africa, abalaziyo isiko mpilo lamazwe abo.
ISenegal ibiholwa u-Aliou Cisse, iTunisia uJalel Kadri, iCameroon uRigobert Song, kuthi iGhana yona iqeqeshwe u-Otto Addo osevele wasula isigubhukane.
Womahlanu lamazwe adlale kahle kakhulu, iSenegal ephume kwiLast 16 ngiyakholwa ukuthi ukube ibitholene nezwe elifana neCroatia, iSwitzerland ngabe sikhuluma nayo ikumaQuarter-Finals.
Ngiyathemba ukuthi ukuya phambili sizobona into efanayo, ngonyaka wezi-2026 sifuna ukubona amazwe amahlanu eqeqeshwa abaqeqeshi balapha e-Africa. Naphesheya amazwe enza kangcono ebholeni yilawo angayingeni indaba yokuqasha umqeqeshi wangaphandle, amazwe afana neSpain, iGermany neBrazil eyizimfivilithi ukuthi mhla zili-18 kwephezulu yiyo ezobe iqukula iNdebe.
Njengoba iMorocco izobe ibhekene nePortugal kowamaQuarter-Final, kumele sonke lapha e-Africa siyibeke emkhulekweni ukuthi idlulele phambili ibe iqembu lokuqala lalapha e-Africa ukudlala umdlalo owandulela owamanqamu kwiNdebe YoMhlaba.
Impela komele izibambe(iMorocco) ziqine kwazise iPortugal ithumele umyalezo onzima njengoba ibhaxabule iSwitzerland ngamagoli ayisithupha kwelilodwa. Kodwake ibhola liyaginqika, iSpain sishaye iCosta Rica ngayisikhombisa eqandeni yafika iThe Atlas Lions yasikhipha.
LeNdebe YoMhlaba kwenzeka izinto eziningi ezishiya abantu bebambe ongezansi, mhlampe angaqhubeka lapho namaAtlas Lions imangaze abaningi igudluze iPortugal egabe ngoCristiano “CR7” Ronaldo.
Okuhle ngeThe Atlas Lions ukuthi inabadlali abaningi abadlala phesheya, emaqenji ahlonishwayo okubalwa iParis Saint-Germain (PSG), Sevilla neChelsea okuchaza ukuthi ingakwazi ukumelana nePortugal, njengoba ikwazile kweyamaqoqo ukuhlula iBelgium yadlala ngokulingana neCroatia, yahlula neCanada.
Uma inganqoba kowamaQuarter-Finals iyobe isibhekana nozonqoba phakathi kweBrazil neCroatia kumaSemi-Finals.
SINGELABOHLANGA SIFISELA IMOROCCO OKUHLE KODWA.