Now Reading
Imibhikisho ngoshwele kaWalus ayibanga namthelela otheni
Dark Light

Imibhikisho ngoshwele kaWalus ayibanga namthelela otheni

AmaKhomanisi ngaphansi kobuholi bukaNobhala Jikelele uDkt uBlade Nzimande yiwo abephambili minyaka yonke ekuphikiseni ukukhululwa kukaJanusz Walus (osesithombeni) emuva kokuba isigingwe enkulu ngesinqumo seNkantolo YoMthethosisekelo sokuba akhululwe ngoshwele.

Obekwenzeka izolo uKhongolose ubhikisha ngaphandle kwejele iNkosi Mampuru bese kufana nokuthela amanzi emhlane wedada. Ummeli kaWalus umile kwelokuthi kuwukugagamela ukumnika ubuzwe eNingizimu Afrika ngoba akakaze asifake isicelo eMnyangweni Wezasekhaya.

Ukunikwa ubuzwe engabucelanga kwenzelwa ukuba eluswe kalula ngabezokuHlunyeleliswa Kwezimilo ngoba kwesatshelwa ukuthi kungenzeka abuyele kwelakubo ePoland.

Ummeli kaWalus uthi noma ngabe kwenzakalani bazoqhubeka nokulwa ekutheni abuyiselwe kwelakubo ukuze achithe isikhathi esimsalele kulo mhlaba nomndeni wakhe njengawo wonke umuntu ophila ngaphansi komthunzi welanga.

Kuleli sonto kube nesigameko sokuhlaselwa kwakhe wagwazwa ezitokisini ngesinye isiboshwa.

See Also

Uphenyo luveze ukuthi isiboshwa sivele sidonsa isigwebo sikadilikajele ngokubulala uzakwabo ngokumdubula embuthweni wamasosha, omunye wasinda kulesi sehlakalo esenzeka ngowezi-2007.

Waze wagwetshwa ngowezi-2010 ngala macala. Izindaba zokukhululwa kwaWalus azehlanga kahle kumndeni kaHani, umkakhe uDimpo neqembu ayelihola iSouth African Communist Party.

Scroll To Top