Now Reading
Kubhoke inkemane yesicoco sePSL KwaZulu-Natal
Dark Light

Kubhoke inkemane yesicoco sePSL KwaZulu-Natal

Sekwedlule amasizini angamashumi amabili nantathu isicoco seligi singanukwa kulesi sifundazwe kwagcina ngeRangers 


Nakuba kuthokozisa ukuthi kalikho iqembu laKwaZulu-Natal eligawulwe yizembe ku-Absa Premiership kule sizini esanda kusongwa kodwa kunjalo kubuhlungu ukuthi kwadlala kuGladAfrica Championship likhona elihambile. 

Ngemuva kweminyaka iRoyal Eagles kaSbu Mpisane yehlele ehlathini elimnyama iKZN ABC Motsepe League ngokusonga iligi ivale ngamaphuzu angama-23. Iphelezelwe iMbombela United ehanjiswe ukulahlwa icala ngenxa yokudlalisa umdlali obengasayiniswanga ngokusemthethweni. 

Ukwehla kweqembu laKwaZulu-Natal elidlala kuGladAfrica Championship kwagcina ngeDurban Stars kaPhindani Kunene ngowezi-2009. Ukuhamba kwe-Eagles kusho ukuthi lesi sifundazwe sesisele neReal Kings, Uthongathi FC neRichards Bay. Esinye isifundazwe esinamaqembu amaningi kule ligi iGauteng eneJomo Cosmos, iPretoria University neJDR Stars. IGauteng iphinde yenza isiqiniseko sokuthi ayanda amaqembu ayo kuPremiership njengoba kunyuke iSwallows FC. 

UThongathi FC oluteketiswa ngeCane Cutters lubaphoxe kakhulu abalandeli basesifundazweni iKwaZulu-Natal njengoba maphakathi nesizini bekubukeka kuyilo oluzonyukela kuligi enkulu kuleli njengoba belulokhu luqhwakele phezulu kodwa kubuya imidlalo emva kokuma ngenxa yokhuvethe izinto zilibhedele leli qembu laze laqeda endaweni yesi-6 kulogi. Ngokunyuka kweSwallows, iGauteng isinamaqembu amahlanu. Isitifiketi seBidvest Wits sokudlala kulesi sigaba sithengwe iTshakhuma Tsha Madzhivhila yaseLimpopo bese eseHighlands Park sathathwa iTS Galaxy yaseMpumalanga. AmaRockets (iTS Galaxy) abedlala kuGladAfrica Championship. IKwaZulu-Natal inamaqembu amathathu kuphela okuyiMaritzburg United, iLamontville Golden Arrows na-Amazulu FC aphunyuke ngembobo yenaliti ezembeni. Ngesizini yezi-2019/20 kuhambe iPolokwane City yaseLimpopo.

Kweyezi-2019/20 sekubhekwe imidlalo ye-ABC Motsepe League. Le midlalo kulesi sifundazwe izoqedelwa kusukela ngoLwesithathu kuya ekupheleni kukaMfumfu. Wonke amaqembu abemisiwe ngenxa yokhuvethe. Iqembu ngalinye lisalelwe imidlalo eyisi-6. Imidlalo kazwelonke yokuhlungela ukunyukela kuGladAfrica Championship izoqala mhla ziyisi-9 kuya zili-15 kuLwezi, eGauteng. 

KwaZulu-Natal amaqembu asembangweni wokuya kweyokuhlunga UMvoti United ngamaphuzu angama-60. Kweyesibili kukhona iSummerfield Dynamos ngangama-57 bese kuba iKwaDabeka Sporting kweyesithathu ngangama-54. UMvoti neSummerfield sebake baya kweyokuhlunga. UMvoti oqeqeshwa uDoctor Mkhonza bewuye eminyakeni emibili eyedlule. ISummerfiled ecijwa uRonnie  Gabriel igcine ngeyezi-2018/19. 

Ngesizini edlule kweyokuhlunga kunyuke iJDR neSteenberg United yaseWestern Cape. Ukunyukela kuGladAfrica Championship kweqembu laKwaZulu-Natal kwagcina ngo-Uthongathi ngeyezi-2016/2017 olwalandela iReal Kings eyayinyuke ngesizi yangowezi-2015/16.

See Also

Amaqembu aKwaZulu-Natal aseke anyukela kuPremiership esuka kuGladAfrica Championship AmaZulu FC ngesizini yangowezi-2000/01 nangesizini yangowezi-2002/03, iLamontville Golden Arrows ngesizini yangowezi-2014/15. Kugcine ukunyuka iThanda Royal Zulu ngesizini yangowezi-2017/18 neyagcina idayisele isitifiketi sayo AmaZulu FC.

Kumaqembu aKwaZulu-Natal agijima kuligi enkulu alikho iqembu elingakaze lidliwe izembe, iMaritzburg United kwaba ingesizini yangowezi-2006/07, iLamontville Golden Arrows yagcina ukugengcwa izembe ngesizini yangowezi-2013/14, ngesizini yangowezi-2014/15 kwaba AmaZulu FC.

Iqembu okuyilo elagcina ukujabulisa abalandeli baKwaZulu-Natal ngokunqoba isicoco seligi iManning Rangers ngesizini yangonyaka we-1996/97.

Scroll To Top