Now Reading
AbezokuHlunyeleliswa Kwezimilo behlise amaphaphu bema ngakuZuma
Dark Light

AbezokuHlunyeleliswa Kwezimilo behlise amaphaphu bema ngakuZuma

Isinqumo sabezokuHlunyeleliswa Kwezimilo  namaJele sokudlulisela phambili isinqumo seNkantolo Yezokudliselwa Kwamacala ngesinqumo sokudedelwa kukaMnu uJacob Zuma siveze ukuba inhlakanhlaka kuhle kwamasimba omthimba kwezinhlaka zikahulumeni.

Emuva kwesinqumo esithe ukudedelwa kukaNxamalala ngoshwele wokugula kwakuphambene nomthetho futhi kumele abuyele ezikhindini ejele laseMtshezi. Kube nokuphawula okukhulu kubantu bakuleli nakwabezomthetho. Okudale imvunge enkulu kube ukuthi ngesonto elifanayo kumenyezelwe ukuba umbulali kaNobhala wamaKhomanisi uJanusz Waluz uzokhululwa ngoshwele.

Emphakathini bese ziqalile ukuzwakala izinkulumo zokuthi okuzokwenzeka kulokhu kuzoba ngokukhulu kunokwakuqala kokutapa nokucekela phansi impahla uma umsholozi ebuyiselwa ezikhindini. Kukhona abebekusho bengananazi ukuthi indaba ayisekho ngomthetho nokuhlonishwa kwawo, kepha isingomuntu siqu sakhe okunguZuma.

Esitatimendeni esikhishwe abomnyango Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo maphakathi nesonto bathe,” Lo Mnyango uzosiphonsela inselelo isinqumo esikhishwe iNkantolo Yokwedlulisela Amacala eBloemfontein esimayelana nokukhululwa ngoshwele wokugula kukaMnu uJacob Zuma.

See Also

Emuva kokufundisisa isinqumo, Abezokuhlunyeleliswa Kwezimilo babona ukuthi enye inkantolo ingafinyelela esinqumweni esehlukile”.

Scroll To Top