Now Reading
Uma sekuncancathiwe umkhawulo wutalagu
Dark Light

Uma sekuncancathiwe umkhawulo wutalagu

Sisakhula wawubona umuntu omdala ephethe uthayela umaguludla, unemivinqi, athi uyawuncancatha. Wayethi uzowuncancatha uze wenze intando yakhe ngoba ufuna ukuvala ngawo izikhala ehhokweni lezinkukhu ezidliwa ngamagola (amakati asaba yimidlwempe) nezinye izilwane.

Uma kudingekile kwakufanele umuntu omdala alufake nasemlilweni ukuze luthambe aluncancathe kahle luthi thwi noma luthi khaxa.  Kubukeka kufanele ukuthi uma sizokuba wusizo, kufanele sincancathwe. Lokhu kufanele kakhulu uma sizokuba ngabaholi. Ziningi izimo umholi afanele ancancathwe kuzo ukuze abe ngumholi ofinyelelisa labo abaholayo kumbonotalagu abasuke bethembe ukuthi bayofinyelela kuwo. Bakhululeke uma beboshiwe. Basuthe uma belambile. Bakhiqize uma benakho okokukhiqizwa. Batanase emhlabeni wabo, bawulawule, bebambisene ngoxolo, bephelelisana kulokho uNkulunkulu ababela khona.

UMfundisi u-Erlo Stegen (osesithombeni) wakwaSizabantu wancancatheka elungiselelwa inkambo yakhe yokuqhuba imvuselelo. Maduze uzobe ebungazwa ngoba eseqede iminyaka engama-70 engumsabalalisi wevangeli, engumholi kwezemvuselelo, elubhaqa kwezokulima. Indlela yakhe beyiyinde. Wancancathwa ekuqaleni, wancancathwa phakathi nokhalo empilweni yakhe, namanje usancancathwa. 

Ngokulandelayo sizobala izigigaba zokuncancathwa kwakhe. Kuzokhanya isidingo sokuncancathwa uma ungumholi ohamba phambili, ungumholi ohamba phakathi nendawo, ungumholi ohamba emumva futhi ovumayo ukuba naye ake aholwe.  Noma uncancathwa kodwa okukhanyayo futhi yikuthi nawe ungazincancatha, nezintaba namathafa angumphumela wokuncancathwa kwabaholi nabafeza amaphupho, nawe kungakuncancatha buthule.

See Also

Akungabazisi ukuthi ukuncancathwa okuphumelele kukwenza uthi khaxa embusweni kaNkulunkulu usekulo mhlaba. Futhi uthi cababa  nalapho usukulelo elinganandumalo, nabuhlungu, nakuhlushwa, nakulamba, nabugebengu, nangxabano, namona, nabugovu. Uthini umlando kaMfu u-Erlo Stegen uMakhehla amagquma ngezihlahla, uMabelemade ancelise ezaleni nabezizwe? Sizobhema sikholwe ngokulandelayo. Iyaqhubeka ngelizayo.

Scroll To Top