Now Reading
Ipolitiki yobuso esifundazweni iKwaZulu-Natal
Dark Light

Ipolitiki yobuso esifundazweni iKwaZulu-Natal

Ngemva konyaka kuqokwe uMphathiswa omusha Wezokuthutha, Ukuphepha Nokuxhunyaniswa KoMphakathi KwaZulu-Natal, uMlonishwa uBheki Ntuli, nosebalwa nabanye abaholi asebemnkantshubomvu kodwa amaqembu aphikisayo aseqalile ashaya amakhala ngokungabonwa nangokhalo kwezithombe zakhe eziqhuba imikhankaso yoMnyango awuphethe.

Umbuzo wamaqembu aphikisayo owokuthi kungani uMnu uMxolisi Kaunda kuthe kungakapheli ngisho isonto eqokelwe ukuba iMeya yaseThekwini kwabonakala izithombe zakhe sezigcwele yonke indawo, kwasuswa ngokushesha ezikaNkk uZandile kaMajola Gumede obeyiMeya kodwa ezikaNtuli zingabonwa nangokhalo yize sekuphele unyaka?

Ngaphambi kokuba uKaunda abe yiMeya yeTheku ubenguMphathiswa walo Mnyango.

Ngakolunye uhlangothi i-African National Congress (ANC) ithi lesi senzo samaqembu aphikisayo siyimizamo yokuxova okungenasidingo.

Kuleli sonto abaholi bamaqembu ahlukene abanye abahlala ekomitini lezokuthutha eSishayamthetho saKwaZulu-Natal, bazwakalise ukungenami kwabo ngezithombe zikaKaunda okuthiwa kuseyizo ezisabalele kuzona zonke izingxenye zesifundazwe lapho uMnyango usuke uthumela imiyalezo yokuqwashisa umphakathi ngezinto ezahlukene okubalwa ukuphuza tshwala ushayela, ukuphepha nokunye.

UNks uSharon Hoosen weDemocratic Alliance (DA) nohlala ekomitini lezokuthutha eSishayamthetho uthe isibamangaze isikhathi eside le ndaba nosekugcine bebona ukuthi kudlalwa ipolitiki yamakhempu e-ANC.

“Kusimangazile ukuthi uMphathiswa uBheki Ntuli kuze kube manje ubuso bakhe njengomholi omusha woMnyango abukho kodwa kunalokho kusakhonya obukaKaunda. Okubuye kumangaze ukuthi kuthe uKaunda uma efika eThekwini zafakwa ngokushesha izithombe ezinobuso bakhe. Lokhu kusikhombise ngokusobala ukuthi uhlangothi okuyilo olunamandla ku-ANC alumeseki neze uNtuli kulesi sikhundla akuso sokuhola uMnyango. Ukube bekungenjalo ubeyothi engena uNtuli kubonakale nangobuso bakhe sebugcwele wonke amabhodi oMnyango aqhuba imikhankaso yawo ukuthi nguye osephethe izintambo. Nokho singabuye sikushayele ihlombe nakho lokho ngokuthi kubukeka kuyongile imali yabantu baKwaZulu-Natal ekutheni bazithole bekhokhela ukushintshwa kwezithombe zabaphathiswa ngoba kudla imali eningi ukwenza lo msebenzi ongenaso isidingo ngoba asiqondi kwakhona ukuthi yini abaholi be-ANC bekuthanda kangaka ukuba sezithombeni,” kuchaza uNks uHoosen.

Uthe  sekuyisikhathi sokuba abaholi be-ANC bavumelane ekutheni ubuso beminyango akungabi izithombe zabo kodwa akufakwe uphawu oluzokwamukeleka kuwona wonke umuntu nolungezukugcina ludala uqhekeko kuyo inhlangano ebusayo.

I-Economic Freedom Fighters (EFF) KwaZulu-Natal yona ithi akungabazeki ukuthi uNtuli ufana nesichuse kulo Mnyango esibambele uKaunda.

“Kucacela ngisho ingane ezelwe ukuthi kusakhala isicathulo sikaKaunda kulo Mnyango yize eseyiMeya yeTheku. Okunye uma ubuka kusobala ukuthi naseThekwini uKaunda akahleli kodwa usabambe okwesikhashana kuze kuba kudlula ingqungquthela ye-ANC yokukhetha ubuholi. Kuyothi uma kuphela yona sekukhona usihlalo omusha oyobe esethatha njengeMeya bese uKaunda ebuyela eMnyangweni Wezokuthutha. Lokho kukutshela ukuthi uNtuli ubekiwe nje kulo Mnyango okwesikhashana ukuthi abambe bese kuthi emva kwesikhathi ashenxe kubuye uKaunda. Ubufakazi balokhu ubona ngazo izithombe lezi ezigcwele kuwona wonke amabhodi oMnyango owathola kuzona zonke izingxenye zesifundazwe enobuso bukaKaunda. Nawo la mabhodi siyi-EFF siyawahlaba ngoba asikho isidingo sokuba nezithombe zabaphathiswa. Awadlulisi ngisho umyalezo oqondile ngoba uyabona ukuthi abekelwe ukufeza izinhloso zepolitiki njengoba enemibala ye-ANC,” kusho uKhoza.

La mabhodi anobuso bukaKaunda asagcwele kuyona yonke imigwaqo yesifundazwe kusuka uphuma eThekwini ngomgwaqo owuthelawayeka uN3 ubheke ngaseHarrismith okuwumnqamulo kubuye kuze kuN11 kuyoma ngaphandle kancane kweNewcastle kuphinde kube izinhlangothi zikaN2 uma ubheke ogwini ubuye uyoshaya oPhongolo uphinde uguduze eminye imigwaqo ebheke koNongoma naseJozini.

UMnu uSphamandla Ntombela weNational Freedom Party (NFP) uthe abantu abaningi badidekile ngalokhu okwenzeka eMnyangweni ngoba kuyawudukisa umphakathi.

See Also

“Abantu abaningi abazi nokuthi uKaunda usaphuma wayoba iMeya yaseThekwini ngoba usathola ubuso bakhe bumamatheka kuyona yonke imigwaqo yesifundazwe. Lokhu kukhomba ubudedengu boMnyango nje okokuqala ngoba inhloso ukudlulisa umyalezo nokuba abantu bazi ngabaholi abaphethe uHulumeni wabo kodwa lapha kusabekwe sengathi uKaunda ophethe yize sekuthathe uMphemba. Siyazibuza siyiNFP ukuthi ngabe inhloso yini ngoba phela uKaunda uma ufika eThekwini akubuzwa ukuthi nguye iMeya esiqhoqhobele izintambo njengoba ngisho emabhasini kugcwele izithombe zakhe? EzikaMhlonishwa uGumede azisabonwa nangokhalo. Ngisho lezi ayexwayisa ngazo ngenkohlakalo nesomiso zasuswa zonke kwafakwa ubuso bukaKaunda,” kusho uNtombela.

USihlalo wekomiti leZokuthutha eSishayamthetho, uMnu uSboniso Duma, uthe asikho isidingo salo msindo obangwa amaqembu aphikisayo ngoba kusekhona ngisho izithombe zikaMnu uWillies Mchunu esenguMphathiswa Wezokuthutha KwaZulu-Natal nezikaDkt uSbu Ndebele ngakho ayikho inkinga lapha.

“Okokuqala abantu abangatatazeli ngoba uMphemba wathatha isinqumo sokuba aqhubeke nemikhankaso kaKaunda yokulwa nezingozi zomgwaqo, utshwala, ubugebengu nokunye, wabe esebona kungcono ukuba imiyalezo ebekwe emphakathini njengawo amabhodi anobuso bukaKaunda kungashintshwa. Angithi ukube kwenzeke kanjalo kwashintshwa ubuso lokho uMcwaningimabhuku Jikelele ubezokuhlonza njengokuchithwa kwemali budedengu ekubeni imikhankaso enemiyalezo yoMnyango isefana nekaMphathiswa osehambile. Okunye laba baholi bonke abe-ANC ngakho abanankinga ngezithombe zabo ukuthi esikabani esikhona noma esingafakiwe ngoba umyalezo nenjongo abanayo kuHulumeni iyefana ngakho amaqembu aphikisayo awayeke ukuzama ukuxova,” kusho uDuma.

Kuzokhumbuleka ukuthi owayenguMphathiswa Wezolimo KwaZulu-Natal, uMnu uThemba Mthembu, wacela ukuthi kungalokothwa kufakwe ubuso bakhe ezithombeni zoMnyango ngoba ayegwema ukuthi kuyothi kusenjalo bese ekhonjwa indlela engakaliqedi nehlandla lakhe ngemuva kokuba kwasekwenzekile nakwabangaphambili.

OwayenguNdunankulu uSenzo Mchunu kwathi kumenyezelwe ngempelasonto ukuthi usesulile, akuphelanga sikhathi kwakhishwa izithombe zakhe ezinye ezazifakwe ezakhiweni zikaHulumeni ezahlukene KwaZulu-Natal. Emahhovisi ayesoLundi, izithombe zakhe zatholakala zibekwe phansi sezisuswe ngokushesha kungakapheli ngisho isonto nokwakhalisa abanye abaholi ababeyokhankasela ukhetho lwangowezi-2016 okubalwa kubo uMnu uBheki Cele ongasithandanga lesi senzo.

Imizamo yokuthola ezinye izinhlangothi ayiphumelelanga ukuze nazo ziziphawulele.

Scroll To Top