Now Reading
Kulokhu unokufa uphetsheziwe sasinda isihlangu seSILO
Dark Light

Kulokhu unokufa uphetsheziwe sasinda isihlangu seSILO

Ngalesi sikhathi  bekusathe damu ukubulawa kwaMakhosi ezizwe nezinduna, ngoLwesithathu  kuleli sonto isandla somubi siphinde sagadla nokho sehluleka ngesikhathi Inkosi yesizwe, soMkhandlu waMantungwa eMandlangeni Inkosi Sphamandla Khumalo isinda ngokulambisa. 

Inkosi nenguSihlalo weNdlu esifundeni iMajuba ithathe isihlangu sawo yise ngonyaka we-2012 phambi kweSILO esidala, uBhejane. Ngokwemibiko iNkosi iphuthunyiswe esibhedlela nosekuyoba ngozi makhaza.

Ukubulawa kwaMakhosi ezizwe kanjalo nezinduna kuke kwaba ngundabamlonyeni njengoba bese kwenzeka cishe njalo ngenyanga.

ElaboHlanga libike kakhudlwana ngalo muga.  Njengokwejwayelekile kunede kwavela lezi zindaba uhulumeni nezinye izinhlaka zababaza zingaqali. 

Ukubulawa kwaMakhosi kuyefana nokubulawa kwezinduna nokuze kwadala ukusolana phakathi kwalezi zinhlaka nokho bekhona nabathi sekukhona nezinswelaboya.

Muva nje kuhambe izinduna ezingaphansi koSuthu, iNduna uDkt uKhumalo kanye neNduna uNtuli bobabili abahambe ngezulu lezandla.

See Also

Ekhuluma ngezehlakalo ezedlule loyo owayenguSihlalo waMakhosi iNkosi uChiliza yathi kwelaboHlanga: “Sicela ukuba zonke izinhlaka zomthetho zenze ngokufanelekile emacaleni athinta ukuhlasela nokubulala izinduna. Sibuye sinxuse amaphoyisa ukuba ahlale azisa imindeni yezinduna ezibulewe ngophenyo oluqhubekayo ukuze kubonakale ukuthi kukhona umsebenzi oqhubekayo nozogcina usombulule amacala,” kusho uMdunge.

Kusuka ngaleso sikhathi awukaze ube bikho umbiko ovezelwe umphakathi nesizwe, ekuthini adliwa yini aMakhosi aseNdlunkulu nezinduna.

Scroll To Top