Izwe nomhlaba babuka ngokumangala: Ilangabi lobunye eladla izizwe liya ngokucima
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.




Isizotha sokusingatha izindaba zakoMkhulu siyashabalala, izwe nomhlaba babuka ngokumangala
UZulu uyizinto eziningi kubantu abehlukene. Kepha okugqama kakhulu ngawo wubunye obubakhona phambi kwesitha noma izingqinamba. Empini yaseSandlwana waya uZulu ungaboni ngasolinye kusuka eNdlunkulu kuya esizweni. Kepha konke lokho kakuwuvimbanga ukuthi ubuthane eduze kukaNomthebe iNgonyama uCetshwayo kaMpande uvikele lokho okulifagugu lawo. Kanjalo nangesikhathi seSILO esisanda kwebuza uMdlokombane kwakuthi noma izimo ziqonga kepha uZulu ume neSihlalo neNgonyama. Zonke izizwe kuleli bezikuthanda lokhu ezinye zize zikuphimise ukuthi ‘ukube nazo zihlangene njengoZulu ‘ ngabe ziya phambili.
Ilangabi lobunye libonakala liya ngokucima kulezi zinsuku. Empeleni lokhu kuqale eminyakeni emibili eyedlule ngesikhathi kuguqa iNkosi esibuse isikhathi eside kunawo onke kwaZulu, uMdlokombane . Kuqale ngokuba isizotha sokusingatha izindaba zakoMkhulu siyashabalala, izwe nomhlaba babuka ngokumangala.
Okwakamuva kube zitatimende ezishayisanayo nebezikhuluma ngeSILO. Esokuqala sivele kuMntwana wakwaPhindangene ngokwesikhundla sakhe sokuba nguNdunankulu nayilapho abebikela khona isizwe ngomkhuhlane ovele eduze kweSILO ngokwedlula kwenduna uXaba. Kagcinanga lapho uMntwana kepha ube esephawula nangempilo yeSILO nangezinsolo zokudliswa kwaso ushevu. Kulokhu uMntwana uthe lokhu ukulunywe indlebe ngomunye wabaNtwana beNkosi kwaNgwane, uMntwana uVumile.
“Uma iSILO siqala ukungazizwa kahle, siqale ukusola ukuthi kungenzeka ukuthi naso sidliswe ushevu. Sibe sesisukuma siyofuna usizo lokwelashwa e-Eswatini. Ngitshelwe ukuthi iSILO sibe nokungathandi ukulashelwa eNingizimu Afrika, njengoba abazali baso bobabili belashwa eNingizimu Afrika bagcina ngokudlula emhlabeni,” Kusho iNkosi yakwaButhelezi.
Lesi sitatimende soMntwana sidale ukukhathazeka kubantu nokho okuthe esikhathini esifushane kwaqhamuka esinye nebesivela kuMntwana u-Afrika wasOnkweni nophethe ezokuxhumana ehhovisi leSILO. UMntwana u-Afrika uziphikile izinkulumo ezithi iMbube iyadunguzela. Kagcinanga lapho kepha ube esesola amatulo anhloso yawo kuwukwakha isithombe sokuthi iMbube kayiphilile ngakho ayikulungele ukuphatha.
“IHhovisi leSILO likubone kumqoka ukuthi ngalesi sikhathi sokuvakasha kwaso, sibe sesixilongwa ngokugcwele ngesikhathi silaphaya. Lokhu kuxilongwa bekuhambisana kakhulu nesikhathi esiphila kuso sezifo ezinjengoKhuvethe nezinye izigulo ezinobungozi.
“IHhovisi leSILO libe selithatha isinqumo sokuba kuhlolwe zonke izigulo ukuze kusheshe kutholakale uma kukhona okungahambi kahle, ikakhulukazi emuva kombiko wokuhamba ngokuzuma kukaMnu uXaba” Kwengeza uMntwana u-Afrika.
Lokhu kukhuluma kuveze obala ukwahlukana kweNdlunkulu, isiqhephuka isithathu njengoba kuvele kunezinhlangothi ezimbili ebekwaziwa ukuthi kazibhekani kubangwa isikhundla manje sekunomdonsiswano othinta uMntwana wakwaPhindangene noMntwana wasOnkweni.
Okushaqise kakhulu nosekudale ukukhathazeka ngesithunzi seSihalo wukungena kwepolitiki yamaqembu kulolu daba. UMfundisi uThulasizwe Buthelezi noyiMeya eZululand kwisitatimende ukhwele wadilika kuMntwana u-Afrika namsole ngomkhuba wokumaka uMntwana wakwaPhindangene ngenhloso yokwakha ungabazane ngalokho asuke ekusho emphakathini. Ube esemsola ngokuthi uludibi lukaKhongolose. Lokhu kukhuluma kuthukuthelise uNobhala kaKhongolose KwaZulu-Natal, uMnu uMtolo nokhwele wadilika kuButhelezi emsolwa ngokuphehla uzwathi wabuye wamubeka njengethamelangozi elake layocela inxiwa kuKhongolose lifuna isikhundla.
UMntwana u-Afrika naye ungenelele kulokhu njengoba esole uMntwana neqembu lakhe Inkatha ngokusebenzisa ukusondela kwabo eSihlalweni ukuzuza amaphuzu epolitiki. Wasola noNdunankulu kaZulu ngokuba ngubhongoza ekuxabaneni okukhona eNdlunkulu. Lesi simo sehlise isithunzi seSILO, iNdlunkulu, uNdunankulu kanye neSihlalo njengoba lokukujikijelana ngamagama kwakhele kulokho okukhona ngeSihlalo.
Kwenzeka konke lokhu kuleli sonto bekumele kube nesikhumbuzo sokusha kweSigodlo sasOndini ngonyaka we-1879 sibhujiswa ngamaNgisi okuyinto egcine ingenzekanga. Ukungenziwa kwalesi sikhumbuzo lapho ISILO singekho ezweni nabantwana bexabene kucishe lokho okwabe kwenziwa nguMdlokombane obehlale enza lesi sikhumbuzo njengophawu lobunye ezweni. Umbuzo uthi konke lokhu kuyakugcinaphi, siyakuba yini iSihlalo sona isikhundla seSILO nesimo siyakugcina kuphi?

