Babona uMothwa ebengenza kancono ukusiza uSuthu
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Baningi abantu abasole unozinti waMaZulu FC uVeli Mothwa ngegoli elidlise leli qembu kowamanqamu eMTN 8. Akugcinanga ngokuthi kube abalandeli kuphela abasola uMothwa, kodwa ngisho nabahlaziyi bezemidlalo babalule ukuthi ubengenza kangcono ukuphebeza lela bhola.
Udliwe yibhola ebelishaywe uMonnapule Saleng esiwombeni sokuqala nokuyilo i-Orlando Pirates egcine inqobe ngalo umdlalo, yakhala yemuka nendebe kanye nezigi eziyi-R8.
UDoctor “16V” Khumalo wodumo kwiKaizer Chiefs nakwiBafana Bafana, osengumhlaziyi kanobhutshuzwayo kaSABC, ungomunye wabantu abagxeka uMotha.
Ekhuluma ngalo daba ucaphuneka kanje: “Kungani ethatha amagxathi amabili. Mese kungene igoli kungani exolisa lokho kusho ukuthi uyazibona wenze iphutha eligcine lihlulise iqembu,” kusho uKhumalo. Yize kunjalo kodwa umqeqeshi wonozinti balo Usuthu, uMusa Langa umvikelile uMothwa.
ULanga ekhuluma nelaboHlanga uthe: “Kungani abantu bengancomi indlela uSaleng ashaye ngayo ibhola. Lo mfana uyakwazi ukukhela ibhola kahle, uma ubheka oCristiano Ronaldo bahlezi beshaya amafreekick, engene onozinti bezame kodwa behluleke ukuwavimba. Naye uzamile wehluleka, okumehlakalele bekungenzeka kunoma imuphi unozinti. Lona owami umbono uma kuwukuthi abanye babona ngokuhlukile okwabo nabo,” kusho uLanga.
USaleng osephenduke isithenjwa sePirates muva nje, uke walishaya ibhola elicishe lifane naleli eziMnyama zibhekene neMamelodi Sundowns kodwa lashaya ipali ibhola. USuthu kule mpelasonto luzoba yingxenye yamaqembu amane azodlala kwiCarling Black Label Cup, uLanga uthe uMothwa kanye nabo bonke abadlali sebekudlulisile okwenzakalile ngeledlule babheke kulo mqhudelwano manje. Leli qembu lizotholana neMamelodi Sundowns kowandulela owamanqamu, komunye kuzotholana kuwo iPirates neKaizer Chiefs.
ULanga umenyezelwe njengomqeqeshi wonozinti emva kokuthi leli qembu likaSandile Zungu limemezele uRomain “Fohloza” Folz njengomqeqeshi walo omusha. Yize ezoqeda iminyaka emine efikile kuleli qembu njengomqeqeshi kusukela ekwizinkulisa, kodwa wake waba ngumdlali walo eminyakeni edlule.
“Ngiyabonga kakhulu ngethuba engilinikezwe abaphathi beqembu. Lokho kuchaza ukuthi kukhona okuhle engikwenzayo. Leli thuba lozongikhulisa kakhulu, bengingalijahile lona njengoba bekuyinto engiyithandayo ukusebenza nezinkulisa. Ngithemba ngizoqhubeka nokwenza kahle, sisebenze kahle nozakwethu njengoba bengenza emazingeni aphansi,” kusho uLanga. Ngokusho kwakhe uLanga oqhamuka esigcemeni saka-C (Ireland), KwaMashu uthi uneziqu zokuba uthisha ngokufundiswa iwona AmaZulu FC.
“Ngadlala kuSuthu ngenza ibanga lesi-9 ngineminyaka eli-18, emvakwalokho angenzela into engingasoze ngayikhohlwa okuwungifundisa ekubeni ngibe uthisha kuyimanje ngineminyaka ngifundisa ePhakama Senior Primary School KwaMashu,” usho kanje.Elinye iqembu adlala kulo uLanga i-African Wanderers (Abaqulusi).
Kanti ngaphambi kokujoyina Usuthu esebuya njengomqeqeshi kwizinkulisa, uhlale kwiLamontville Golden Arrows iminyaka eli-13 nakhona engumqeqeshi wonozinti. URicardo Goss, uSiyabonga Mbatha noNkosingiphile Gumede bakhule ngaphansi kwesandla sakhe uLanga. Ubonge umphathi weLamontville Golden Arrows uMato Madlala okunguye owaqala ukumnika ithuba lokuba umqeqeshi wonozinti. Uphinde wanxenxa onozinti asebathatha umhlalaphansi ukuthi besebenze ukuvundulula amakhono, nokuzokwenza bebebaningi onozinti bakuleli abadlala kwiDStv Premiership nakwiMotsepe Foundation Championship.
Iqembu elizoqala umdlalo kuMaZulu FC kusasa nelivotelwe abalandeli lithakwe kanje:
UVeli Mothwa, Riaan Hanamub, Ramahlwe Mphahlele, Thembela Sikhakhane, u-Abbubaker Mobara, Msindisi Ndlovu, George Maluleka, Siphesihle Maduna, Makhehleni Makhaula, Gabadinho Mhango noLehlohonolo Majoro.
KwiMamelodi Sundowns: URonwen Williams, Thapelo Morena, Rushine De Reuck, Khuliso Mudau, Grant Kekana Themba Zwane, Gaston Sirino, Andile Jali Marcelo Allende, Cassius Mailula noThabiso Kutumela.
IKaizer Chiefs:
UBrandon Petersen, Eric Mathoho, Njabulo Ngcobo, S’fiso Hlanti Edmilson Dove, Kgaogelo Sekgota, Nkosingiphile Ngcobo, Yusuf Maart, Njabulo Blom, Keagan Dolly noKhama Billiat
I-Orlando Pirates
URichard Ofori, Olisa Ndah, Innocent Maela, Paseka Mako, Thabiso Monyane, Fortune Makaringe, Miguel Timm, Ben Motshwari Ndabayithethwa Ndlondo, Kermit Erasmus noMonnaoule Saleng.

