Lisavuliwe ithuba lokugijima iHope Challenge kwabangakabhalisi



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Namuhla ngoLwesihlanu nakusasa ngoMgqibelo abagijimi abafisa ukugijima iHope Challenge basangakwazi ukuba babhalise. UNdukenhle Zulu obekhuluma nelaboHlanga nguye odalule lezi zindaba.
“Abagijimi abaningi balapha esifundazweni iKwaZulu-Natal bayathanda ukwenza izinto ngomzuzu wokugcina, sinethemba lokuthi ngoLwesihlanu (namuhla) nakusasa ngoMgqibelo bazoba baningi abantu abazobhalisela ukungena kulo mjaho,” kusho uZulu weThekwini Athletics Club (AC) okuyiyo ehlela lo mjaho.
Kuzobe kungokwesithupha lo mjaho waminyaka uba khona nonyaka. Lo mjaho uzobanjelwa eDurban University of Technology (DUT) eRitson Campus, kusukela ngehora lesi-6 ekuseni.Amabanga azobe egijinywa elama-21km, ele-10km nelika-5km.
“Iqiniso ukuthi siyabadinga abaxhasi, ngesikhathi sokhuvethe abaxhasi baqoma ukube beme ekutheni besixhase. Kodwa songakuqinisekisa ukuthi zizobe zikhona zobke izinto ezingwa abagijimi, siyabonga kakhulu kulabo abasaqhubeka nokuba bafake isandla ekutheni sithuthukise lo mjaho,” kubeka uZulu.
Uthe balindele abagijimi abalinganiselwa kwinkulungwane. Waphinde washo ukuthi kancane kancane bazoze befike ekutheni lo mjaho ube sezingeni eliphezulu. Obe ngumpetha ebangeni lika-21km nyakenye kwabesilisa u-Anele Dlamini ogijima ngaphansi kwa-AmaRavens ngesikhathi esiwu (01:08:37), kwalandela uNcedisani Phungula we-iThemba AC (01:11:30) noThokozani Mbambo we-Xcel Running Club (01:11:40).
Kwabesifazane khona kwaba uLisa Collett weDHS Old Boys (01:33:52), walandelwa uSlindile Chili we-Orcas Academy (01:34:08) noRoshini Nafasen we-PDAC (01:55:59). Ngokusho kukaZulu uthe abasubathi abazobe begijima kulo mjaho abaqhamuka kwiPhantane AC kaMdu Khumalo, uMr Price, iHollywoodbets AC nabeXcel Running elekelelana nayo i-Ethekwini AC ukuhlela iHope Challenge.
ElaboHlanga liphinde lakhuluma no-Ayanda Ngcobo, ophume endaweni yesibili nyakenye, ebangeni lika-10km ngesikhathi esiwu (00:33:00) “Iqiniso lihle lona kulo nyaka imijaho ibe miningi kakhulu, umzimba uzisho wona ukuthi umuntu ujime kakhulu. Kodwa ngeSonto ngizimisele ukwenza kahle, kunqoba kuzobe kusho likhulu kumina,” kusho uNgcobo.
Ubalule ukuthi unzima umzila walo mjaho ngoba kunentaba uma kudlulwa eMusgrave, kanti eminye imjaho ijwayele ukuthi iqonde zingabibikho izintaba.
UNgcobo mhla zingama-29 kuMfumfu unqobe uMzila kaTambo Marathon ebangeni lika-21km ngesikhathi esiwu-01:09:50. Usebheke iDrakensberg Marathon ebiyaziwa ngokuthi iJosiah Gumede Marathon, ezoba mhla zingama-27 kwephezulu.
“IDrakensberg Marathon iyona engiyibheke kakhulu, bese ngivala unyaka obemude kakhulu. Lo mjaho ungidinga ngiphumulile kahle, ngoba ugijinywa abasubathi abanamava ngingabala uBongumusa Mthembu oseke waba ngumpetha weComrades Marathon kathathu, u-Ayanda Mncube noNdumiso Sokhela kanye nabanye abasubathi abaningi,” kusho uNgcobo.