Now Reading
Kungethuse nokubuyiselwa kukaTrump e-USA uma kunje
Dark Light

Kungethuse nokubuyiselwa kukaTrump e-USA uma kunje

Akukho ukungabaza ekutheni ipolitiki kanjalo nepolitiki yomnotho yamazwe kuyaguquka. Okusobala yikuthi lezi zinguquko zenzeka cishe kuwo onke amagumbi amane omhlaba. Omunye angathi lezi zimo zidalwa wukhuvethe olungadlakazanga nje izimpilo zabantu kepha olubhuqe neminotho yamazwe. Kepha elinye iqiniso yikuthi ukuphela kokwethenjwa kwepolitiki nosopolitiki nakho kuba nomthelelela kulokhu.

Ulaka lwabantu lugqama ngesikhathi sokhetho lapho ngevoti abantu besusa osopolitiki neqembu abalijezisayo befaka abacabanga ukuthi uzokwenza kangcono. Ezweni i-Brasil kubuyiselwe esikhundleni ngabavoti loyo owayengumengameli uLula da Silva. Kwenzeka konke lokhu zolo lokhu ubesezikhindini lomholi .  Kwa-Israeli nakhona imiphumela ibuyisele ihantsi elidala uMnu uBenjamin Netanyahu. Lezi zinguquko zenza kukholakale ukuthi naseMelika uTrump angabuya kwazise nakhona abantu bayanyakaza.

Scroll To Top