Now Reading
AmaSalga Games asekhiqize abadlali abaningi kwezemidlalo
Dark Light

AmaSalga Games asekhiqize abadlali abaningi kwezemidlalo

NgoMgqibelo odlule abathanda ezemidlalo KwaZulu-Natal, iningi labo belihambele iKing Zwelithi Stadium emdlalweni weRichards Bay neMaritburg United, eMoses Mabhida Stadium bekudlala iKaizer Chiefs neChippa United kanti abanye bebeseJohnson Kings Park obekudlala khona iCell C Sharks neGlascow Warriors.

Mina ngiqome ukuba usuku lami lonke kuliqedele enkundleni iMhlathuze Sport Complex, eRichards Bay. Lapha bekunemidlalo yokulungiselela imidlalo yaminyaka yamaSouth African Local Government Association (Salga) Games.

Bekuhlangene oMasipala abahlanu abangaphansi kwesifunda iKing Cetshwayo, okuyiNkandla, uMlalazi, uMthonjaneni, uMhlathuze no-Umfolozi. Ngihlabeke umxhwele ikhono engilibone kule midlalo ebe usuku olulodwa.

Ikhono engilibone lapha ngisale nombuzo othi, uma kungathiwa abantu basezindaweni zasemakhaya kuthiwa banezinqalazizinda ezanele kuyona yonke iminxa yezemidlalo ngabe iNingizimu Afrika ikuphi kwezemidlalo? Kuliqiniso ukuthi yize abantu basemakhaya benekhono, kodwa abaningi baze badikibale ngenxa yokunganikezwa izinsiza.

Kunginike ithemba ngibona abaqeqeshi bezinkulisa zeLamontville Golden Arrows nabeRichards Bay, behambele le midlalo beyobheka ikhono.

Angingabazi ukuthi bakhona abadlali abababonile abazobahlola, bebanike ithuba lokudlala kulamaqembu.

Indlela engibone ngayo kakhulukazi kwezokusubatha ngibona iKing Cetshwayo izokwenza kahle kowamaSalga Games azokuba ngomhla ziyi-8 kuya zili-11 kuZibandlela eNewcastle.

Okunye engibona kuyikho okuzoshubisa amaSalga Games akulonyaka ingoba kuleminyaka emibili abengekho ngenxa yokhuvethe. AmaSalga Games aneminxa yemidlalo eli-16, lapho kukhona umkhalambazo, iBasketball, ikhilikithi, iNetball, Indigenous Games, igalofu, iTennis, iTable Tennis, umdanso, ukubhukuda, isibhakela, iVolleyball, unobhutshuzwayo, umbhoxo, iNetball neChess.

Njengoba ngokujwayelekile lemidlalo ike ihanjelwe intsha elinganiselwa kwizinkulungwane ezine kuyaphezulu, lingakanani ikhono elilapho kwileminxa emingaka.

See Also

IKwaZulu-Natal kufanele ingabe ihamba phambili kuyo yonke imidlalo, ngoba lemidlalo iveza amakhono amaningi ahlukahlukene kuwowonke amagumbi esifundazwe.

Le midlalo eyaqala kuneminxa emibili, kunabantu abahlonishwayo ngenxa yokugqama kuyona.

UBongumusa Mthembu oseke waba ngumpetha weComrades Marathon wake wagijima kuyona.

Abanye uSiyabonga “Nsimbi” Sangweni wodumo kwi-Orlando Pirates neBafana Bafana, uVeronica Phewa beno-Amanda Dlamini abadlala kwiBanyana Banyana, uMbuleli Mathanga ongumpetha we-ASA 10km Cross Country ne-10 000m kwi-ASA Senior Track & Field Championships, uPhiwokuhle “Ben 10” Mnguni owaqopha umlando eba ngowokuqala ukubuya nendondo kumaCommonwealth Games ngoNcwaba eBirmngham, e-England, uBongiwe Msomi ongukaputeni eqenjini lesizwe leNetball.

Scroll To Top