Now Reading
Kusenzima ukuthola amaphuzu aphelele ku “Fohloza”
Dark Light

Kusenzima ukuthola amaphuzu aphelele ku “Fohloza”

Phezu kokuthi ehole AmaZulu FC wawafaka kowamanqamu we-MTN8 umqeqeshi uRomain Folz usasalelwe inselelo enkulu.

Lo mqeqeshi omncane kunabobonke kwiDStv Premiership ongodabuka e-France naseMorocco, uqhubekile nokunganqobi njengoba AmaZulu FC edlale ngokulingana neMarumo Gallants FC koweligi izolo. 

Lo  mdlalo ebekungowesishiyagalombili engakaze anqobe selokhu efike kuleli ngoNhlangulana, nalapho aqale aqeqesha khona iGallants.

EkwiMarumo Gallants FC atiqeqeshe isikhathi esincane, ukwazile ukudlala ngokulingana kane kuphela wahlulwa kanye emidlalweni emihlanu.

Emsebenzini wakhe omusha kuMaZulu usekwazile ukudlala ngokulingana kathathu emidlalweni emibili. Ngesikhathi ebhekene neKaizer Chiefs ngeSonto emlenzeni wesibili weMTN 8 kube umdlalo wakhe wokuqala womkhumulajezi.

AmaZulu adlulele kowamanqamu ngosizo lokuthi ashaya igoli ekuhambeni ebhekene neKaizer Chiefs egcine iliwashile ijezi.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uFolz uthe: “Yebo kuyangikhathaza ukuthi angikaze ngiwathole amaphuzu agcwele, kodwa ngikholwa ukuthi isikhathi sizofika”. 

Umdlalo olandelayo waMaZulu FC uzokuba ngeSonto lapho azotholana phezulu khona neStellenbosch, lo mdlalo uzoba seKing Zwelithini Stadium. 

See Also

Kuthi emva kwalokho adlale ozobe kungowokugcina ngaphambi kwekhefu leNdebe YoMhlaba eseQatar. Lowo mdlalo  kuzobe kungowamanqamu eMTN 8, nozoba seMoses Mabhida Stadium,  eThekwini mhla zinhlanu kuLwezi.

Lugcina Usuthu ukuba kowamanqamu kwabe kungunyaka wezi-2010. Leli qembu lahlulwa ngo 3-0 libhekene neBidvest Wits kwi-Nedbank Cup kanti uFolz uveze ukuthi banesibopho sokujabulisa abalandeli babo asebenesikhathi eside belambele indebe.

Uma lunganqoba Usuthu kobe kusho ukuthi lingelesibili iqembu lasesifundazweni iKwaZulu-Natal elinqoba iMTN 8, lilandela iLamontville Golden Arrows eyabhaxabula khona i-Ajax Cape Town ngamagoli ayisithupha eqandeni ngonyaka wezi-2009

Scroll To Top