UBukhosi: Kuyobe kugcagca indulo nedemokhrasi eMabhida



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Intwasa kaMfumfu ingemqoka emlandweni kaZulu. Ngomhla zili-18 eminyakeni eyehlukene ngoMfumfu kwedlula iziNgonyama ezimbili, iNgonyama yakwaNodwengu uMpande kaSenzangakhona ngonyaka we-1872.
Okuthe emuva kweminyaka engama-41 umzukulu kaMsimude, iNgonyama uDinuzulu kaCetshwayo webuza ngonyaka we-1913 ngalo usuku lomhla zili-18. Kuyo futhi lenyanga ngempelasonto ezayo uZulu uyobe ebuthene ngaphansi kwesimo esahlukileyo, kubungazwa ukuhlala kweSILO esibusayo eSihlalweni.
Ngokulandelwa kwenqubo yedemokhrasi ngaphansi komthetho iSahluko 8 (3) (a) and (b) of the Traditional and Khoi-San Leadership Act, 2019, uMengameli wezwe uRamaphosa uzobungaza futhi amukele ISILO njengeNkosana kaZulu. Lokhu kuzokwenzeka phambi kwezihlwele ezinkundleni iMabhida eThekwini.
Okuyokwenziwa eMabhida wukugcagcisa indulo nedemokhrasi njengoba okuzokwenzeka ngempelasonto ezayo kwenzeka uZulu esevele esenayo iNkosana njengoba nangokosiko mhla zingama-20 kuNcwaba ISILO sangena eSibayeni eNdlovini nakhona phambi kwezihlwele.
Okwenzeka eThekwini wuhlelo lukahulumeni nokulindeleke ukuba luhanjelwe nangababusi nabaholi bamazwe, amanxusa, osomabhizinisi nabashayimthetho.
Akukho ukungabaza ukuthi njengoba uNomthebe ezobe ekhona nje uMkhumbi wempi kaZulu uholwa nguNdunankulu wesizwe uMtwana wakwaPhindangene nawo uzobe ukhona.
Kanjalo nezinsika zoBukhosi, aMakhosi nawo ayobe ekhona. Ekuqaleni kwaleli sonto uNgqongqoshe kuzwelonke uDkt uMaDlamini Zuma ngokujutshwa nguhulumeni uhambele inkundla eyoqinisekisa ukuthi konke kumi ngononina. Izinkomba zithi sekulindwe usuku.
Nokho kukhona ukukhuluma osekwenze uZulu wahhumuzela. Lokhu kukhuluma kuthi isibalo sabazohambela lomsebenzi sizoba yingxenye yaleso esimumathwa yinkundla.
IMabhida imumatha abantu ababalelwa ezi-85 000 kepha kuthiwe kuzovunyelwa abangama-48 000.
“Inkundla ikwazi ukumumatha abantu abangama-85,000 kodwa ngoba kuzoba nesiteji esizodla enye indawo yezihlalo, lapho kuzohlala khona ISILO nezimenywa zaso, izicukuthwane zakuleli nezangaphandle, indlunkulu nomengameli uzoba khona lapho. Kuzoba khona naBehluleli nabaqhamuka ephalamende nomphakathi jikelele,” kusho uMaDlamini Zuma.
Lokhu akwehlanga kahle kubantu ababuze imibuzo. UMnu uMlungisi Mbatha usho lalinye: “Umbuzo ubani ongavimba ulwandle selukapaka engasibhedeli lo Hulumeni.”
UMnu uJohn Mboma waseGauteng uthe: “Lowo 48 000 yithi eGauteng, e-Eastern Cape neMpumalanga singamaNguni nje. Angiyibali iKZN (izintombi, omama, Amabutho nezibukeleli kwazise vele iTheku ngalokhu lizoqoqa abavakashi. Mabavule inkundla bayeke ukuselusa ngemithetho yokhuvethe.”
Omunye ophawulile kube nguMnu uPhumoh Ngcobo othe: “Bayahlabelela ngalowo-48 000 bayobona into abangakaze bayibona nasemandulo iyogcwala ngokweqile iKing Senzangakhona Stadium…. Kwalowo Moses Mabhida asiwazi uvelaphi ngoba kusukela sidilizwa istadium kade kuyiKings Park kwathiwa kuzokwakhiwa iKing Senzangakhona”
Insizwa ezibize ngoQinisani yona iphawule yathi, “Kobe bayakwazi ukuvimba isitimela, ngoba sobe sifike ngenkani singuZulu size eNgonyameni yethu sizoyotha kuyothi kla egazini sibona uNomthebe wethu, yeyi abasiyeke bona asizile kubona.”
UMnu uMbawula Shabalala uthe: “Asikho ke isidingo sokubambela lo mcimbi kule nkundla uma kunjalo. Akuyiwe kwaNongoma. Ayikho phela lento. Uma kungumcimbi wamaZulu kuthiwa akungene isibalo esincane kanje?” kubuza uMshengu.
Okunye okubukeka kungahle kuphambanise ukukhuluma wudaba ‘lwezikhali’zendabuko. Lapha kukhona ukukhuluma okuthi uhulumeni angahle akhiphe igama lokuthi izikhali lezi zingaphathwa. UZulu kulokhu umile ekutheni lezi akuzona izikhali nje kepha ziyingxenye yokuhloba emcimbini onjengalona.
ElaboHlanga likhuluma nezinduna eGoli ngesonto eledlule nezicele ukuba amagama azo angadalulwa zimile ekutheni zona zizosuka eGoli ziphethe izihlangu.
“Kuyoba kusha ke lokhu ukuthi sithi uma sikwaNongoma zivunyelwe izihlangu nemikhonto yethu bese kuthi ngoba sesiseThekwini bese siphenduka izigebengu kuthiwa sephula umthetho ngokuphatha izihlangu zethu,” kusho enye induna.
Lokhu kugcagciswa kwendulo kwagcina ngesikhathi sikahulumeni wamabhunu ngonyaka we-19171 mhla zi-3 kuZibandlela eSigodlweni kwaKhethomthandayo lapho uZulu wayebalelwa ezi-30 000 liyidliva.